AmaHubo 36:1-12
Kumqondisi. Elenceku kaJehova, uDavide.
36 Isiphambeko sikhuluma nomubi ekujuleni kwenhliziyo yakhe;Akamesabi uNkulunkulu. +
2 Imicabango yakhe iyamkhohlisaKangangokuthi akasiboni futhi akasizondi isiphambeko sakhe. +
3 Amazwi omlomo wakhe ayalimaza futhi ayakhohlisa;Akaqondi ukuthi angakwenza kanjani okuhle.
4 Uceba amacebo alimazayo ngisho noma esembhedeni wakhe.
Usendleleni engalungile;Akakwenqabi okubi.
5 O Jehova, uthando lwakho oluqotho lufinyelela emazulwini, +Ukwethembeka kwakho kufinyelela emafwini.
6 Ukulunga kwakho kunjengezintaba eziphakeme; *+Izahlulelo zakho zinjengamanzi amaningi ajulile. +
O Jehova, ulondoloza* umuntu nesilwane. +
7 Nkulunkulu, yeka ukuthi uthando lwakho oluqotho luyigugu kangakanani! +
Abantwana babantu babalekela
emthunzini wamaphiko akho. +
8 Baphuza bazanelise ngensada yendlu* yakho, +Ubenza baphuze emfuleni wenjabulo yakho. +
9 Ungumthombo wokuphila; +Ngokukhanya kwakho siyakwazi ukubona ukukhanya. +
10 Qhubeka ubonisa uthando lwakho oluqotho kulabo abakwaziyo, +Nokulunga kwakho, kulabo abaqotho enhliziyweni. +
11 Ungaluvumeli unyawo lwabaqhoshayo lunginyatheleNoma isandla sabantu ababi ukuba singixoshe.
12 Abenzi bokubi bawile;Bawiswe phansi, abakwazi ukuvuka. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “zikaNkulunkulu.”
^ Noma, “usindisa.”
^ NgesiHebheru, “ngamanoni endlu.”