AmaHubo 56:1-13
Kumqondisi; ngenothi okuthiwa “Ijuba Elithule Elikude.” ElikaDavide. Imiktamu.* Lapho amaFilisti embamba eGati. +
56 O Nkulunkulu, ngibonise umusa, ngoba umuntu ofayo uyangihlasela.
Usuku lonke balokhu belwa nami bengicindezela.
2 Izitha zami zilokhu zingihlasela usuku lonke;Abaningi balwa nami ngokuqhosha.
3 Lapho ngesaba, + ngithembela kuwe. +
4 Ngithembele kuNkulunkulu, engidumisa izwi lakhe;Ngithembele kuNkulunkulu; angesabi.
Umuntu angangenzani? +
5 Usuku lonke bangibangela izinkinga;Bahlale becabanga ukungilimaza. +
6 Bayacutha ukuze bangihlasele;Bahlale bebheke yonke into engiyenzayo, +Befuna ithuba lokungibulala. *+
7 Balahle ngenxa yobubi babo.
O Nkulunkulu, jezisa izizwe ngentukuthelo yakho. +
8 Uyakwazi ukuhlupheka kwami lapho ngingumbaleki. +
Faka izinyembezi zami esigujini sakho sesikhumba. +
Azilotshiwe yini encwadini yakho? +
9 Izitha zami ziyobaleka ngosuku engiyocela ngalo usizo. +
Nakhu engiqiniseka ngakho: uNkulunkulu ungakimi. +
10 Ngithembele kuNkulunkulu, engidumisa izwi lakhe;Ngithembele kuJehova, engidumisa izwi lakhe,
11 Ngithembele kuNkulunkulu, angesabi. +
Umuntu angangenzani? +
12 O Nkulunkulu, kumelwe ngizigcwalise izifungo engizenze kuwe; +Ngizonikela ukubonga kuwe. +
13 Ngoba ungikhululile ekufeni +Wanqanda izinyawo zami ukuba zingakhubeki, +Ukuze ngiqhubeke ngiphila, ngihambe phambi kukaNkulunkulu. +

