AmaHubo 77:1-20
Kumqondisi; ngenothi leJeduthuni.* Elika-Asafa. + Ihubo.
77 Ngizokhala kuNkulunkulu ngezwi lami;Ngizokhala kuNkulunkulu, yena uzongizwa. +
2 Lapho ngicindezelekile, ngifuna uJehova. +
Ebusuku ngiphakamisa izandla zami ngithandaze.
Angiduduzeki.
3 Lapho ngikhumbula uNkulunkulu, ngiyabubula; +Ngikhathazekile, ngiphelelwa amandla. *+ (Sela)
4 Awuwavumeli amehlo ami ukuba acimeze;Ngikhathazekile, angikwazi nokukhuluma.
5 Ngikhumbula izinsuku zakudala, +Iminyaka eyadlula kudala.
6 Ebusuku ngikhumbula ingoma yami; *+Ngiyazindla enhliziyweni yami; +Ngiyahlolisisa* ukuze ngiqonde.
7 Ingabe uJehova uyosilahla kuze kube phakade? +
Ngeke aphinde yini asibonise umusa wakhe? +
8 Ingabe uthando lwakhe oluqotho luphele phakade?
Ingabe isithembiso sakhe ngeke sigcwaliseke kuzo zonke izizukulwane?
9 UNkulunkulu usekhohliwe yini ukubonisa umusa, +Noma ingabe intukuthelo yakhe iqede isihe sakhe? (Sela)
10 Kumelwe yini ngilokhu ngithi: “Yilokhu okungikhathazayo: *+
OPhezukonke useshintshe indlela asiphatha ngayo”?
11 Ngizoyikhumbula imisebenzi kaJah;Ngizozikhumbula izenzo zakho ezimangalisayo zakudala.
12 Ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakhoNgizocabangisisa ngezenzo zakho. +
13 O Nkulunkulu, izindlela zakho zingcwele.
Yimuphi nje unkulunkulu omkhulu njengawe, Nkulunkulu? +
14 Wena unguNkulunkulu weqiniso, owenza izinto ezimangalisayo. +
Uwabonisile amandla akho ezizweni. +
15 Abantu bakho ubakhululile ngamandla* akho, +Amadodana kaJakobe nakaJosefa. (Sela)
16 O Nkulunkulu, amanzi akubona;Amanzi akubona aphazamiseka. +
Amanzi ajulile ayaluza.
17 Amafu athulula amanzi.
Amafu amnyama aduma,Imibani yakho yajikijeleka ngapha nangapha njengemicibisholo. +
18 Umsindo wokuduma + wawunjengowamasondo enqola;Imibani yakhanyisa umhlaba; *+Umhlaba wandindizela wazamazama. +
19 Indlela yakho yanqamula olwandle, +Indlela yakho yanqamula emanzini amaningi;Kodwa izinyathelo zakho azizange zibonakale.
20 Abantu bakho wabahola njengomhlambi, +Usebenzisa* uMose no-Aroni. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “umoya wami ubuthakathaka.”
^ Noma, “umculo wami wezintambo.”
^ NgesiHebheru, “Umoya wami uyahlolisisa.”
^ Noma, “okungihlabayo.”
^ NgesiHebheru, “ngengalo.”
^ Noma, “izwe.”
^ NgesiHebheru, “Ngesandla.”