UJeremiya 31:1-40
31 “Ngaleso sikhathi,” kusho uJehova, “ngiyoba nguNkulunkulu kuyo yonke imindeni yakwa-Israyeli, yona iyoba ngabantu bami.” +
2 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Isizwe esasinda enkembeni sathola umusa kaNkulunkulu ehlaneU-Israyeli wayeya lapho ayezophumula khona.”
3 UJehova wabonakala kimi ekude, wathi:
“Ngikuthande ngothando olungapheli.
Yingakho ngikudonse ngothando oluqotho. *+
4 Ngizophinde ngikwakhe, uyokwakhiwa kabusha. +
O ntombi yakwa-Israyeli, uzophinde uthathe amathamborini akhoUphume udansa ngenjabulo. *+
5 Uzophinde utshale amasimu amagilebhisi ezintabeni zaseSamariya; +Abawatshalayo bayotshala bese bedla izithelo zawo. +
6 Ngoba kuyofika usuku lapho abaqaphi ezintabeni zakwa-Efrayimi beyomemeza bathi:
‘Sukumani, masikhuphukele eZiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.’ ” +
7 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo:
“Memezani uJakobe ngokujabula.
Memezani ngenjabulo ngoba uyinhloko yezizwe. +
Kumemezeleni; dumisani nithi,‘Jehova, sindisa abantu bakho, abasele bakwa-Israyeli.’ +
8 Ngiyababuyisa bevela ezweni lasenyakatho. +
Ngiyobaqoqela ndawonye bevela emajukujukwini omhlaba. +
Phakathi kwabo kuyobe kukhona izimpumputhe nezinyonga, +Owesifazane okhulelwe nobelethayo, bonke ndawonye.
Bayobuyela lapha beyisixuku esikhulu. +
9 Bayofika bekhala. +
Ngiyobahola njengoba becela ukuboniswa umusa.
Ngiyobaholela emifudlaneni yamanzi, *+Endleleni eqondile abangeke bakhubeke kuyo.
Ngoba nginguBaba ku-Israyeli, u-Efrayimi uyizibulo lami.” +
10 Yizwani izwi likaJehova, nina zizwe,Nilimemezele eziqhingini ezikude, + nithi:
“Lowo owahlakaza u-Israyeli uyomqoqa.
Uyomqapha njengomalusi oqaphe umhlambi wakhe. +
11 Ngoba uJehova uyomkhulula uJakobe +Amsindise* kulowo onamandla kunaye. +
12 Bayoza bafike bamemeze ngenjabulo endaweni ephakeme yaseZiyoni +Bayojabula ngenxa yobuhle* bukaJehova,Ngenxa yokudla okusanhlamvu newayini elisha + namafutha,Nangenxa yamazinyane ezimvu nezimbuzi namankonyane ezinkomo. +
Bayoba njengensimu eniselwa kahle, +Ngeke baphinde babe ntekenteke.” +
13 “Ngaleso sikhathi intombi iyodansa ngenjabulo,Nezinsizwa namakhehla bonke ndawonye. +
Ngiyoshintsha ukukhala kwabo kube yinjabulo. +
Ngiyobaduduza ngibenze bajabule bangabe besaba nosizi. +
14 Ngiyonika abapristi inala yokudla,Abantu bami bayokwaneliseka ngezinto ezinhle engiyobanika zona,” + kusho uJehova.
15 “Yilokhu uJehova akushoyo:
‘Kuzwakala izwi eRama, + isililo nokukhala kalusizi:
URaheli ukhalela amadodana akhe. *+
Wenqabile ukududuzwa ngenxa yamadodana akhe,Ngoba awasekho.’ ” +
16 Yilokhu uJehova akushoyo:
“ ‘Zibambe ungakhali, amehlo akho angachiphizi izinyembezi,Ngoba uzothola umvuzo ngomsebenzi wakho,’ kusho uJehova.
‘Amadodana akho azobuya ezweni lesitha.’ +
17 ‘Kukhona ithemba ngekusasa lakho,’ + kusho uJehova.
‘Amadodana akho azobuyela endaweni yawo.’ ” +
18 “Impela ngimzwile u-Efrayimi ekhala,‘Ungiqondisile ngaqonda,Njengethole elingaqeqeshiwe.
Ngibuyise, ngizobuya ngokushesha,Ngoba unguJehova uNkulunkulu wami.
19 Lapho sengiphendukile ngazisola; +Ngemva kokuba sengiqonda, ngadabuka.*
Ngaba namahloni ngahlazeka, +Ngenxa yezinto engazenza ebusheni bami.’ ”
20 “U-Efrayimi akayona yini indodana eyigugu kimi, umntwana engimthandayo? +
Ngoba izinga engikhuluma ngalo ngokumelene naye, ngiphinde ngimkhumbule ngalo.
Yingakho inhliziyo yami imkhalela. +
Nakanjani ngiyomzwela,” kusho uJehova. +
21 “Zibekele izimpawu zomgwaqo,Misa izigxobo zezimpawu. +
Unake indlela okumelwe uhambe ngayo, umgwaqo omkhulu. +
Buya, O ntombi yakwa-Israyeli, buyela kula madolobha akho.
22 Kuyoze kube nini ungabaza, ndodakazi engathembekile?
Ngoba uJehova udale into entsha emhlabeni:
Umfazi uyofuna indoda.”
23 Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Bayophinde basho la mazwi ezweni lakwaJuda nasemadolobheni akhona lapho ngiqoqa abathunjiwe babo: ‘Kwangathi uJehova angakubusisa, ndawo yokuhlala elungile, + ntaba engcwele.’ +
24 KwaJuda nakuwo wonke amadolobha akhona kuyohlala abantu, ngisho nabalimi nabelusi bayohlala khona. +
25 Ngoba ngiyokwanelisa umuntu okhathele, nabo bonke abaphelelwe amandla ngiyobaqinisa.” +
26 Khona-ke ngaphaphama ngavula amehlo, ubuthongo bami babumnandi.
27 “Bheka! Kuza izinsuku,” kusho uJehova, “engizokwandisa ngazo indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. Ngizokwandisa nemfuyo yabo.” +
28 “Njengoba ngangihlale ngibaqaphile ukuze ngisiphule, ngibhidlize, ngidilize, ngicekele phansi futhi ngilimaze, + kanjalo ngiyohlale ngibaqaphile ukuze ngakhe futhi ngitshale,” + kusho uJehova.
29 “Ngalezo zinsuku ngeke besathi, ‘Oyise badle amagilebhisi amuncu, kodwa yimilomo yabantwana emuncu.’ +
30 Kodwa umuntu uyofela isono sakhe. Noma ubani odla amagilebhisi amuncu, owakhe umlomo oyoba muncu.”
31 “Bheka! Kuza izinsuku,” kusho uJehova, “engiyokwenza ngazo isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. +
32 Ngeke sifane nesivumelwano engasenza nokhokho babo ngosuku engababamba ngalo ngesandla ngabakhipha eGibhithe, + ‘isivumelwano sami abasephula, + nakuba ngangiyinkosi yabo yeqiniso,’* kusho uJehova.”
33 “Ngoba yilesi isivumelwano engiyosenza nendlu ka-Israyeli ngemva kwalezo zinsuku,” kusho uJehova. “Ngiyofaka umthetho wami ngaphakathi kubo, + ngiwulobe nasezinhliziyweni zabo. + Ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.” +
34 “Yilowo nalowo ngeke esafundisa umakhelwane wakhe noma umfowabo, athi, ‘Yazi uJehova!’ + ngoba bonke bayongazi, kusukela komncane kunabo bonke kuye komkhulu kunabo bonke,” + kusho uJehova. “Ngoba ngiyosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.” +
35 Yilokhu uJehova akushoyo,Owenza ilanga ukuba likhanyise emini,Owamisa imithetho yenyanga nezinkanyezi ukuba zikhanyise ebusuku,Onyakazisa ulwandle enze amagagasi alo ahlokome,OnguJehova wamabutho igama lakhe, + uthi:
36 “ ‘Njengoba le mithetho ingasoze yayeka ukusebenza,’ kusho uJehova,‘Nenzalo ka-Israyeli iyohlale iyisizwe phambi kwami.’ ” +
37 Yilokhu uJehova akushoyo: “ ‘Uma amazulu phezulu engase akalwe, izisekelo zomhlaba phansi zihlolwe, ngingase ngiyilahle yonke inzalo ka-Israyeli ngenxa yakho konke ekwenzile,’ kusho uJehova.” +
38 “Bheka! Kuza izinsuku,” kusho uJehova, “lapho uJehova eyokwakhelwa idolobha + kusukela eMbhoshongweni KaHananeli + kuya eSangweni Elisekhoneni. +
39 Intambo yokukala + iyohamba iqonde egqumeni laseGarebi, iyophendukela ngaseGowa.
40 Sonke isigodi* sezidumbu zezilwane nomlotha,* nazo zonke izindawo ezimise okwezitebhisi kuze kufike eSigodini SaseKidroni, + kuze kufike eSangweni Lehhashi + ngasempumalanga, kuyoba ngcwele kuJehova. + Ngeke liphinde lidilizwe noma licekelwe phansi.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngaqhubeka ngikubonisa uthando oluqotho.”
^ Noma, “ngomdanso walabo abahlekayo.”
^ Noma, “emihosheni.”
^ Noma, “Amophule.”
^ Noma, “ngenxa yezinto ezinhle ezivela.”
^ Noma, “izingane zakhe.”
^ NgesiHebheru, “ngazishaya ithanga ngidabukile.”
^ Noma kungaba, “ngangingumyeni wabo.”
^ Noma, “ithafa.”
^ Noma, “nomlotha onamafutha,” okuwukuthi, umlotha onamafutha emihlatshelo.