UJeremiya 3:1-25
3 Kukhona isisho esithi: “Uma indoda ilahla umkayo bese ehamba athathwe ngenye indoda, kufanele yini iphinde imlande abuyele kuyo?”
Lelo zwe alingcoliswanga yini? +
“Wena ufebe namashende amaningi, +Ingabe manje kufanele ubuyele kimi?” kusho uJehova.
2 “Phakamisela amehlo akho emagqumeni aqothukile ubone.
Yikuphi lapho ungazange udlwengulwe khona?
Uwalinde eceleni kwezindlela amashende akho,Njengonozulane* ehlane.
Uqhubeka ungcolisa izweNgobufebe bakho nangobubi bakho. +
3 Ngakho izihlambi zemvula zigodliwe, +Ayikho imvula entwasahlobo.
Unobuso obungenamahloni* bomfazi ofebayo;Uyenqaba ukuba namahloni. +
4 Kodwa manje uyangimemeza uthi,‘Baba, wena ungumngane wami kwasebusheni bami! +
5 Ingabe kufanele uhlale ucasukile kuze kube phakade,Noma uhlale ubambe igqubu?’
Yilokhu okushoyo,Kodwa uqhubeka wenza zonke izinto ezimbi okwazi ukuzenza.” +
6 Ezinsukwini zeNkosi uJosiya, + uJehova wathi kimi: “ ‘Ukubonile yini lokho u-Israyeli ongathembekile akwenzile? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakeme, waya nangaphansi kwazo zonke izihlahla ezikhephuzelayo ukuze ayofeba khona. +
7 Ngisho nangemva kokuba esenze zonke lezi zinto, ngangilokhu ngithi kufanele abuyele kimi, + kodwa akazange abuye; uJuda yena waqhubeka ebukele udadewabo okhohlisayo. +
8 Lapho ngikubona lokho, ngamxosha u-Israyeli ongathembekile ngamnika isitifiketi sedivosi + ngenxa yokuphinga kwakhe. + Kodwa udadewabo okhohlisayo uJuda akazange esabe; naye waphuma wayofeba. +
9 Ubufebe bakhe wabuthatha kalula, waqhubeka engcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla. +
10 Naphezu kwakho konke lokhu, udadewabo okhohlisayo uJuda akazange abuyele kimi ngayo yonke inhliziyo yakhe, wabuya ngobuzenzisi kuphela,’ kusho uJehova.”
11 UJehova wabe esethi kimi: “U-Israyeli ongathembekile uzibonise elunge ngaphezu kukaJuda okhohlisayo. +
12 Hamba umemezele la mazwi enyakatho uthi: +
“ ‘ “O Israyeli oyisihlubuki, buya,” kusho uJehova.’ + ‘ “Ngeke ngikubukele phansi ngokuthukuthela, *+ ngoba mina ngiqotho,” kusho uJehova.’ ‘ “Ngeke ngihlale ngicasukile kuze kube phakade.
13 Kuphela nje vuma icala lakho, ngoba uvukele uJehova uNkulunkulu wakho. Waqhubeka ulala* nezihambi* ngaphansi kwazo zonke izihlahla ezikhephuzelayo, kodwa awulilalelanga izwi lami,” kusho uJehova.’ ”
14 “O nina madodana ahlubukayo, buyani,” kusho uJehova. “Ngoba ngiyinkosi yenu* yangempela; ngizonithatha, oyedwa edolobheni nababili emndenini, nginilethe eZiyoni. +
15 Ngizoninika abelusi abenza ngokuvumelana nentando* yami, + bazonondla ngolwazi nangokuqonda.
16 Niyoba baningi nithele izithelo ezweni ngalezo zinsuku,” kusho uJehova. + “Ngeke nisasho ukuthi, ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova!’ Ngeke usafika enhliziyweni, ngeke nisawukhumbula, futhi ngeke usenziwa.
17 Ngaleso sikhathi iJerusalema liyobizwa ngokuthi yisihlalo sobukhosi sikaJehova; + zonke izizwe ziyoqoqelwa ndawonye egameni likaJehova eJerusalema, + ngeke zisalandela izinhliziyo zazo ezimbi ngenkani.”
18 “Ngalezo zinsuku bayohamba ndawonye, indlu kaJuda eceleni kwendlu ka-Israyeli, + bebonke bayophuma ezweni lasenyakatho bangene ezweni engalinika okhokho benu njengefa. +
19 Ngacabanga, ‘Yeka indlela engakubeka ngayo phakathi kwamadodana, ngakunika izwe elihle, ifa elihle kakhulu phakathi kwezizwe!’ *+ Ngangicabanga nokuthi uzongibiza ngokuthi, ‘Baba!’ nokuthi ngeke uyeke ukungilandela.
20 ‘Ngempela njengomfazi oshiya umyeni* wakhe ngokukhohlisa, kanjalo nawe ndlu ka-Israyeli usebenzelane nami ngokukhohlisa,’ + kusho uJehova.”
21 Emagqumeni aqothukile kuzwakale umsindo,Ukukhala nokuncenga kwama-Israyeli,Ngoba asonte indlela yawo;Amkhohliwe uJehova uNkulunkulu wawo. +
22 “Buyani, nina madodana ahlubukayo.
Ngizoyelapha inhliziyo yenu ehlubukayo.” +
“Yithi laba! Size kuwe,Ngoba wena Jehova, unguNkulunkulu wethu. +
23 Sizikhohlisile lapho sibanga umsindo emagqumeni nasezintabeni. +
Ngempela insindiso ka-Israyeli ikuJehova uNkulunkulu wethu. +
24 Kusukela ebusheni bethu unkulunkulu ongelusizo lwalutho uzithathe zonke izinto okhokho bethu abazisebenzele kanzima, +Imihlambi yabo yezimvu neyezinkomo,Amadodana abo namadodakazi abo.
25 Masilale phansi ehlazweni lethu,Ihlazo lethu malisemboze,Ngoba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, +Thina nobaba kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, +Asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “NjengomArabhu.”
^ NgesiHebheru, “Unesiphongo.”
^ NgesiHebheru, “ngenze ubuso bami bukunyukubalele.”
^ Noma, “ufeba.”
^ Noma, “nonkulunkulu bezinye izizwe.”
^ Noma kungaba, “ngingumyeni wenu.”
^ Noma, “nenhliziyo.”
^ NgesiHebheru, “lamabutho ezizwe.”
^ NgesiHebheru, “umngane.”