UJeremiya 11:1-23
11 Leli yizwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
2 “Yizwani amazwi alesi sivumelwano, nina bantu!
“Watshele* abantu bakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema
3 uthi kubo, ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: “Uqalekisiwe umuntu ongawalaleli amazwi alesi sivumelwano, +
4 engayala ngawo okhokho benu ngosuku engabakhipha ngalo ezweni laseGibhithe, + esithandweni somlilo sokuncibilikisa insimbi, + ngathi, ‘Lalelani izwi lami, nenze konke enginiyala ngakho; niyoba ngabantu bami nami ngibe nguNkulunkulu wenu, +
5 ukuze ngisifeze isifungo engasifunga kokhokho benu, sokuthi ngizobanika izwe eligeleza ubisi noju, + njengoba nje kunjalo namuhla.’ ” ’ ”
Ngaphendula ngathi: “Amen* Jehova.”
6 UJehova wabe esethi kimi: “Memezela wonke la mazwi emadolobheni akwaJuda nasemigwaqweni yaseJerusalema, uthi, ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwagcine.
7 Ngoba ngabaxwayisa okhokho benu ngosuku engabakhipha ngalo ezweni laseGibhithe njengoba nje nginixwayisa nani namuhla, ngibayala ngokuphindaphindiwe,* ngithi: “Lalelani izwi lami.” +
8 Kodwa abazange balalele noma banake; kunalokho yilowo nalowo walandela inhliziyo yakhe embi eqhutshwa yinkani. + Ngakho ngaletha phezu kwabo wonke amazwi alesi sivumelwano, ngoba abakwenzanga lokho engangibayale ngakho.’ ”
9 UJehova waphinde wathi kimi: “Kukhona uzungu phakathi kwabantu bakwaJuda nasezakhamuzini zaseJerusalema.
10 Babuyele eziphambekweni zasendulo zokhokho babo, abenqaba ukulalela amazwi ami. + Nabo balandele abanye onkulunkulu babakhonza. + Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisephulile isivumelwano sami engasenza nokhokho bazo. +
11 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngibalethela inhlekelele + abangeke bakwazi ukuphunyuka kuyo. Lapho becela usizo kimi, ngeke ngibalalele. +
12 Ngenxa yalokho abasemadolobheni akwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema bayohamba bayocela usizo konkulunkulu ababenzela imihlatshelo, *+ kodwa laba ngeke babasindise ngesikhathi senhlekelele yabo.
13 Ngoba onkulunkulu bakho sebebaningi njengamadolobha akho Juda, wakhe nama-altare amaningi njengemigwaqo yaseJerusalema, uwakhela into ephathisa amahloni,* ama-altare okwenzela uBhali imihlatshelo.’ +
14 “Wena,* ungasithandazeli lesi sizwe. Ungasincengeli noma usinxusele, + ngoba ngiyobe ngingalalele lapho singibiza ngenxa yenhlekelele yaso.
15 Banalungelo lini abantu bami engibathandayo lokuba sendlini yamiNjengoba abaningi kubo benze izinto ezimbi?
Ingabe ngemihlatshelo yezilwane* bayoyigwema inhlekelele lapho ifika?
Uyokwethaba yini ngaleso sikhathi?
16 UJehova wake wakubiza ngokuthi uyisihlahla somnqumo esithelayo,Esibukekayo esinezithelo ezinhle.
Ngomsindo wokuduma okukhulu, usokhele ngomlilo,Bawaphulile amagatsha aso.
17 “UJehova wamabutho okutshalile, + umemezele ukuthi uzokwehlelwa yinhlekelele, wena ndlu kaJuda, ngenxa yobubi obenzile wena kanye nendlu ka-Israyeli, lapho ningicasula ngokwenzela uBhali imihlatshelo.” +
18 UJehova ungitshelile ukuze ngazi;Ngaleso sikhathi wenza ukuba ngibone izenzo zabo.
19 Nganginjengewundlu elizithulele elizohlatshwa.
Ngangingazi ukuthi babengakhela uzungu, bethi: +
“Masisigawule isihlahla nezithelo zaso,Masimbulale,Ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
20 Kodwa uJehova wamabutho wahlulela ngokulunga;Uhlola imicabango ejulile* nenhliziyo. +
Mangibone lapho uphindisela kubo,Ngoba icala lami ngilethule kuwe.
21 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo kubantu base-Anathoti + abafuna ukukubulala, bethi: “Akumelwe uprofethe egameni likaJehova, + ngale kwalokho sizokubulala”;
22 ngakho-ke yilokhu uJehova wamabutho akushoyo: “Bheka ngizobajezisa. Izinsizwa ziyofa ngenkemba, + amadodana abo namadodakazi abo ayofa ngenxa yendlala. +
23 Ngeke babe khona abayosala kubo, ngoba ngiyoletha inhlekelele kubantu base-Anathoti + ngonyaka engiyobajezisa ngawo.”
Imibhalo yaphansi
^ Kubonakala sengathi kushiwo kuJeremiya.
^ Noma, “Makube njalo.”
^ NgesiHebheru, “ngivuka ekuseni ngibayala.”
^ Noma, “ababashunqisela umusi womhlatshelo.”
^ Noma, “unkulunkulu ophathisa amahloni.”
^ Okuwukuthi, uJeremiya.
^ Okuwukuthi, imihlatshelo eyenziwa ethempelini.
^ Noma, “imizwa esekujuleni.” NgesiHebheru, “izinso.”