UJeremiya 41:1-18
41 Ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli + indodana kaNethaniya indodana ka-Elishama, owayezalwa ebukhosini,* engenye yamadoda avelele enkosi, weza namanye amadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa. + Njengoba babedla ndawonye eMispa,
2 u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayekanye naye, basukuma babulala uGedaliya indodana ka-Ahikamu indodana kaShafani ngenkemba. Ngakho wambulala lowo inkosi yaseBhabhiloni eyayimmise phezu kwezwe.
3 U-Ishmayeli wabulala nawo wonke amaJuda ayenoGedaliya eMispa kanye namasosha amaKhaledi ayelapho.
4 Ngosuku lwesibili ngemva kokuba uGedaliya ebulewe, kungakazi muntu ngakho,
5 kwafika amadoda angu-80 evela eShekemi, + eShilo + naseSamariya. + Izintshebe zawo zigundiwe, izingubo zawo ziklebhukile, ezisikile, + ephethe iminikelo yokudla okusanhlamvu nempepho enephunga elimnandi + ekulethe endlini kaJehova.
6 Ngakho u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa eyowahlangabeza, ehamba ekhala. Lapho efika kuwo wathi: “Wozani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”
7 Kodwa lapho engena edolobheni, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya kanye namadoda ayekanye naye bawabulala bawaphonsa emthonjeni.
8 Amadoda ayishumi phakathi kwawo athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali ngoba sifihle ukolweni, ibhali, amafutha noju ehlane.” Ngakho akawabulalanga, wona nabafowabo.
9 U-Ishmayeli waphonsa zonke izidumbu zamadoda ayewabulele emthonjeni omkhulu, lowo owenziwa yiNkosi u-Asa ngenxa kaBhahasha inkosi yakwa-Israyeli. + Yiwo u-Ishmayeli indodana kaNethaniya awugcwalisa ngamadoda abulewe.
10 U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMispa, + kuhlanganise namadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yonogada ayebabeke ngaphansi kukaGedaliya + indodana ka-Ahikamu. U-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba wawelela kwa-Amoni. +
11 Lapho uJohanani + indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikanye naye bezwa ngakho konke okubi u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ayekwenzile,
12 bathatha wonke amadoda bahamba bayolwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamthola ngasechibini elikhulu eliseGibheyoni.
13 Bonke abantu ababeno-Ishmayeli bajabula lapho bebona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikanye naye.
14 Bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa + baphenduka, baphindela emuva noJohanani indodana kaKhareya.
15 U-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda akanye naye angu-8 baphunyuka kuJohanani, baya kwa-Amoni.
16 UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikanye naye, bathatha bonke abantu ababesele eMispa, labo ababebasindise ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya ngemva kokuba ebulale uGedaliya + indodana ka-Ahikamu. Balanda amadoda, amasosha, abesifazane, izingane nezikhulu zegceke eGibheyoni.
17 Ngakho bahamba bahlala endaweni yaseKimihamu eseduze kweBhetlehema, + behlose ukuqhubekela eGibhithe +
18 ngenxa yamaKhaledi. Ngoba base bewesaba njengoba u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ayebulale uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBhabhiloni eyayimmise phezu kwezwe. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “owayeyimbewu yombuso.”