UJeremiya 35:1-19

  • AmaRekabi abeka isibonelo esihle sokulalela (1-19)

35  Leli yizwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi + indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:  “Hamba uye endlini yamaRekabi, + ukhulume nawo uwalethe endlini kaJehova, kwelinye lamagumbi okudlela;* uwanike iwayini ukuze aphuze.”  Ngakho ngathatha uJahazaniya indodana kaJeremiya indodana kaHabaziniya, abafowabo, wonke amadodana akhe nayo yonke indlu yamaRekabi  ngabaletha endlini kaJehova. Ngabangenisa egunjini lokudlela lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu weqiniso, elaliseceleni kwekamelo lokudlela lezikhulu ngaphezu kwekamelo lokudlela likaMahaseya indodana kaShalumi umlindimnyango.  Ngabeka izindebe ezigcwele iwayini phambi kwamadoda endlu yamaRekabi ngathi kuwo: “Phuzani nali iwayini.”  Kodwa athi: “Ngeke siliphuze iwayini, ngoba uJehonadaba *+ indodana kaRekabi, ukhokho wethu, wasiyala wathi, ‘Akumelwe nanini niphuze iwayini, nina noma amadodana enu.  Akumelwe nakhe indlu, nihlwanyele imbewu noma nibe namasimu amagilebhisi. Kunalokho, kumelwe nihlale ematendeni ngaso sonke isikhathi, ukuze niphile isikhathi eside ezweni enihlala kulo njengezifiki.’  Ngakho siyaqhubeka silalela izwi likaJehonadaba indodana kakhokho wethu uRekabi kukho konke asiyala ngakho ngokungalokothi siphuze iwayini—thina, omkethu, amadodana ethu namadodakazi ethu.  Asizakhi izindlu esizohlala kuzo, asinawo amasimu amagilebhisi noma amanye amasimu noma imbewu. 10  Silokhu sihlala ematendeni futhi silalela konke uJehonadaba* ukhokho wethu asiyala ngakho. 11  Kodwa lapho uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni eza ezohlasela izwe, + sathi, ‘Masihambe siye eJerusalema sibalekele ibutho lempi lamaKhaledi nelamaSiriya,’ ngakho manje sesihlala eJerusalema.” 12  Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi: 13  “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Hamba uthi kubantu bakwaJuda nasezakhamuzini zaseJerusalema: “Anizange yini ninxuswe ngokuqhubekayo ukuba nilalele amazwi ami?” + kusho uJehova. 14  “UJehonadaba indodana kaRekabi wayala isizukulwane sakhe ukuba singaliphuzi iwayini, siligcinile izwi lakhe ngokungaliphuzi kuze kube namuhla, silalela umyalo kakhokho waso. + Nokho, mina ngikhulume nani ngokuphindaphindiwe* kodwa aningilalelanga. + 15  Ngangilokhu ngithumela kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma ngokuphindaphindiwe, *+ ngithi, ‘Ngicela nishiye izindlela zenu ezimbi, + nenze okulungile! Ningalandeli abanye onkulunkulu, ningabakhonzi. Khona-ke, niyoqhubeka nihlala ezweni enganinika lona, nina nokhokho benu.’ + Kodwa anizange ninginake noma ningilalele. 16  Isizukulwane sikaJehonadaba indodana kaRekabi siwugcinile umyalo kakhokho waso, + kodwa lesi sizwe asingilalelanga.” ’ ” 17  “Ngakho-ke yilokhu uJehova, uNkulunkulu wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: ‘Ngilethela uJuda nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema yonke inhlekelele engabaxwayisa ngayo, + ngoba ngikhulumile nabo kodwa abazange balalele, ngaqhubeka ngibabiza kodwa abazange baphendule.’ ” + 18  UJeremiya wathi kwabendlu kaRekabi: “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Ngenxa yokuthi niwulalelile umyalo kakhokho wenu uJehonadaba futhi niyaqhubeka nigcina yonke imiyalo yakhe, nenza njengoba nje aniyala, 19  yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Kuyohlale kunomuntu ongikhonzayo wesizukulwane sikaJehonadaba* indodana kaRekabi.” ’ ”

Imibhalo yaphansi

Noma, “lamagumbi.”
NgesiHebheru, “uJonadaba,” yisifushaniso segama likaJehonadaba.
NgesiHebheru, “uJonadaba,” yisifushaniso segama likaJehonadaba.
NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
NgesiHebheru, “ngivuka ekuseni ngikhuluma.”
NgesiHebheru, “ngivuka ekuseni ngizithuma.”
NgesiHebheru, “uJonadaba,” yisifushaniso segama likaJehonadaba.