UJeremiya 33:1-26
33 Izwi likaJehova lafika kuJeremiya okwesibili, ngesikhathi eboshwe eGcekeni Labaqaphi, + lathi:
2 “Yilokhu uJehova uMenzi womhlaba akushoyo, uJehova owawubumba wawumisa waqina; nguJehova igama lakhe,
3 ‘Ngibize, ngizokuphendula ngikutshele ngokushesha izinto ezinkulu ezingenakuqondakala obungazazi.’ ” +
4 “Ngoba yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo ngokuphathelene nezindlu zaleli dolobha nezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizwayo ngenxa yodonga lokuvimbezela nangenxa yenkemba, +
5 nangokuphathelene nalabo abazolwa namaKhaledi begcwalisa lezi zindlu ngezidumbu zalabo engibabulele ngenxa yentukuthelo yami nolaka lwami, labo abenze ukuba ngifihlele leli dolobha ubuso bami ngenxa yobubi babo:
6 ‘Bheka ngilenza lilulame lithole impilo, + ngizobaphulukisa ngibanike ukuthula okuchichimayo neqiniso. +
7 Ngizobuyisa izithunjwa zakwaJuda nezithunjwa zakwa-Israyeli, + ngizobabusisa njengasekuqaleni. +
8 Ngizothethelela zonke izono zabo neziphambeko zabo abone ngazo kimi, + ukuze bahlanzeke. +
9 Leli dolobha liyongenza ngijabule uma ngizwa igama lalo, liyokwenza zonke izizwe zomhlaba ezizwa ngakho konke okuhle engikwenzele abantu bami zingidumise futhi zingikhazimulise. + Ziyokwesaba zithuthumele + ngenxa yabo bonke ubuhle nokuthula engizolinika kona.’ ” +
10 “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Kule ndawo eniyothi ingamanxiwa akuhlali muntu namfuyo, emadolobheni akwaJuda nasemigwaqweni yaseJerusalema eshiywe dengwane, engahlali muntu namfuyo, kusazozwakala
11 umsindo wokwethaba nowokujabula, + izwi lomkhwenyana nezwi likamakoti, izwi lalabo abathi: “Bongani uJehova wamabutho, ngoba uJehova muhle; + ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade!” ’ +
“ ‘Bayoletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova, + ngoba ngiyobuyisa izithunjwa zezwe njengasekuqaleni,’ kusho uJehova.”
12 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo: ‘Kule ndawo engamanxiwa, engenamuntu namfuyo, nakuwo wonke amadolobha ayo kuzophinde kube namadlelo ukuze abelusi balalise kuwo imihlambi yabo.’ +
13 “ ‘Emadolobheni asezintabeni, emadolobheni asemathafeni, emadolobheni aseningizimu, ezweni lakwaBhenjamini, ezindaweni ezizungeze iJerusalema + nasemadolobheni akwaJuda, + abelusi basazophinde babale imihlambi yabo yezimvu,’ kusho uJehova.”
14 “ ‘Bheka! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova, ‘lapho ngizogcwalisa khona isithembiso esihle engasisho ngokuphathelene nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. +
15 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyokwenza ukuba kuhlume indlalifa kaDavide elungile, + iyokwenza ngobulungisa nangokulunga ezweni. +
16 Ngalezo zinsuku uJuda uyosindiswa + neJerusalema liyohlala ngokulondeka. + Liyobizwa ngokuthi: UJehova Ungukulunga Kwethu.’ ” +
17 “Ngoba yilokhu uJehova akushoyo: ‘Akusoze kwenzeka ukuba kungabi namuntu wozalo lukaDavide oyohlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli, +
18 nakubapristi abangamaLevi, kuyohlale kunomuntu oma phambi kwami ukuba anikele iminikelo eshiswayo ephelele, ukuba ashise iminikelo yokudla okusanhlamvu nokuba anikele imihlatshelo.’ ”
19 Izwi likaJehova laphinde lafika kuJeremiya, lathi:
20 “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Uma ningase nikwazi ukuphula isivumelwano sami ngokuqondene nemini nesivumelwano sami ngokuqondene nobusuku, ukuze ninqande imini nobusuku kungafiki ngesikhathi sako, +
21 khona-ke isivumelwano sami nenceku yami uDavide singaphulwa, + ukuze angabi nayo indodana ebusa njengenkosi esihlalweni sakhe sobukhosi, + kanjalo nesivumelwano sami nabapristi abangamaLevi, izikhonzi zami, singaphulwa. +
22 Njengoba nje ibutho lasemazulwini lingenakubalwa nesihlabathi solwandle singenakukalwa, ngiyoyandisa kanjalo inzalo* kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”
23 Izwi likaJehova laphinde lafika kuJeremiya, lathi:
24 “Awukuzwanga yini lokho lesi sizwe esikushoyo, sithi, ‘UJehova uzoyilahla le mindeni emibili ayikhethile’? Asibahloniphi abantu bami, asibabheki njengesizwe.
25 “Yilokhu uJehova akushoyo: ‘Njengoba nje ngenza isivumelwano sami nemini nobusuku, + imithetho yezulu nomhlaba, +
26 ngakho angisoze ngayilahla inzalo* kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni* yakhe amakhosi azobusa phezu kwenzalo* ka-Abrahama, u-Isaka noJakobe. Ngoba ngizoziqoqa izithunjwa zabo + ngizibuyise futhi ngizoba nesihe kuzo.’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “imbewu.”
^ NgesiHebheru, “imbewu.”
^ NgesiHebheru, “embewini.”
^ NgesiHebheru, “kwembewu.”