UJeremiya 48:1-47

  • Isiprofetho esimelene noMowabi (1-47)

48  Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo ngoMowabi: + “Maye kulo iNebo, + ngoba libhujisiwe! IKiriyathayimi + lihlazekile, linqotshiwe. Indawo elondekile* ihlazekile, yenziwe incithakalo. +   Abasamdumisi uMowabi. EHeshibhoni + izitha zicebe ukumbhubhisa zithi: ‘Wozani, masimbhubhise angabe esaba yisizwe.’ “Nawe Madimeni, kufanele uthule,Ngoba inkemba iyakulandela.   Kukhona umsindo wokukhala ovela eHoronayimi, +Wokubhubhisa nokuwa okukhulu.   UMowabi ubhidliziwe. Abancane bakhe bayakhala.   Endleleni ekhuphukayo eya eLuhithe balokhu bekhala njengoba bekhuphuka. Endleleni eyehlela phansi isuka eHoronayimi kuzwakala ukukhala kwabantu abacindezelekile ngenxa yenhlekelele. +   Balekani, sindisani ukuphila kwenu! Kufanele nibe njengesihlahla somjunipha ehlane.   Ngenxa yokuthi uthembela emisebenzini yakho nasengcebweni yakho,Nawe uyothunjwa. UKemoshi + uyoya ekudingisweni,Kanye nabapristi bakhe nezikhulu zakhe.   Kuyofika isitha esibhubhisayo kuwo wonke amadolobha,Alikho idolobha eliyosinda. + Isigodi* siyoshabalala,Nethafa elisentabeni* liyobhuqwa njengoba nje uJehova eshilo.   Bekelani uMowabi uphawu,Ngoba lapho eba yincithakalo uyobaleka,Amadolobha akhe ayoba yinto eshaqisayo,Angahlali muntu. + 10  Uqalekisiwe umuntu owenza umsebenzi kaJehova ngokunganaki! Uqalekisiwe ogodla inkemba yakhe ekuchitheni igazi! 11  AbakwaMowabi bebelokhu bengaphazanyiswa kusukela ebusheni babo,Njengewayini elihleli enzikeni yalo. Bebengakaze bathululelwe kwesinye isitsha besuswa kwesinye,Abakaze badingiswe. Yingakho ukunambitheka kwabo kusalokhu kufana,Nephunga labo lingashintshanga. 12  “ ‘Ngakho-ke bheka! kuza izinsuku,’ kusho uJehova, ‘lapho ngiyothumela khona abantu ukuba babaketule. Bayobaketula, izitsha zabo bazithulule, baphahlaze izimbiza zabo ezinkulu zibe yizicucu. 13  AbakwaMowabi bayoba namahloni ngoKemoshi, njengoba nje nendlu yakwa-Israyeli inamahloni ngeBhethele, elaliyithemba layo. + 14  Nisithathaphi isibindi sokuthi: “Singamaqhawe anamandla, silungele impi”?’ + 15  ‘UMowabi ubhujisiwe,Amadolobha akhe ahlaseliwe, +Izinsizwa zakhe ezingcono kakhulu zibulewe,’ + Kusho iNkosi, enguJehova wamabutho igama layo. + 16  Inhlekelele ezokwehlela abakwaMowabi iseduze,Ukuwa kwabo kusondela ngokushesha. + 17  Bonke ababazungezile kuyodingeka bazwelane nabo,Bonke abalaziyo igama labo. Batsheleni nithi: ‘Yeka ukuthi iphulwe kanjani induku enamandla, udondolo lobuhle!’ 18  Yehla enkazimulweni yakho,Uhlale phansi womile,* wena ndodakazi yaseDiboni, +Ngoba isitha esizobhubhisa uMowabi sifikile sizolwa nawe,Sizocekela phansi zonke izindawo zakho ezinezivikelo eziqinile. + 19  Yima ngasemgwaqweni ubheke, wena ohlala e-Aroweri. + Buza endodeni ebalekayo nakowesifazane obalekayo, uthi, ‘Kwenzekeni?’ 20  UMowabi uhlazekile, ufikelwe ukwesaba. Lilani nikhale. Memezelani e-Arinoni + ukuthi uMowabi ubhujisiwe. 21  “Isahlulelo sifikile ezweni eliyithafa, *+ ngokumelene neHoloni, iJahazi + neMefahati; + 22  ngokumelene neDiboni, + iNebo + neBheti-dibilatayimi; 23  ngokumelene neKiriyatayimi, + iBheti-gamuli neBheti-mehoni; + 24  ngokumelene neKheriyoti + neBhozira; nangokumelene nawo wonke amadolobha ezwe lakwaMowabi, akude naseduze. 25  ‘Amandla* kaMowabi anqunyiwe;Ingalo yakhe iphuliwe,’ kusho uJehova. 26  ‘Mdakiseni + ngoba uziphakamisile ngokumelene noJehova. + UMowabi upaquza emhlanzweni wakhe,Uyinto yokwenziwa inhlekisa. 27  U-Israyeli wayengeyona yini into yokwenziwa inhlekisa kuwe? + Wayetholakala phakathi kwamasela yini,Okwenza wanikina ikhanda, wakhuluma ngaye? 28  Shiyani amadolobha nihlale edwaleni, nina enihlala kwaMowabi,Nibe njengejuba elakha isidleke salo ezinhlangothini zomhosha.’ ” 29  “Sizwile ngokuziqhenya kukaMowabi—akeve eziphakamisa—Sizwile ngokuzikhukhumeza kwakhe, ngokuziqhenya kwakhe, ngokuziphakamisa kwakhe nangokuqhosha kwenhliziyo yakhe.” + 30  “ ‘Ngiyalwazi ulaka lwakhe,’ kusho uJehova,‘Kodwa inkulumo yakhe engathi shu ngeke ifeze lutho. Ngeke benze lutho. 31  Yingakho ngizomlilela uMowabi,Ngizomkhalela wonke uMowabiNgiwalilele amadoda aseKhiri-heresi. + 32  Ngizokukhalela ukudlula iJazeri, +Nsimu yamagilebhisi yaseSibhima. + Amahlumela akho akhulayo awele ulwandle. Afinyelele olwandle, eJazeri. Umbhubhisi wehleleEzithelweni zakho zasehlobo nasesivunweni sakho samagilebhisi. + 33  Intokozo nenjabulo kususiwe ensimini yezitheloNasezweni lakwaMowabi. + Ngibangele ukuba iwayini lingabe lisaphuma ezikhamweni zalo. Akekho oyobe enyathela ememeza ngenjabulo. Kuyomenyezwa ngendlela ehlukile.’ ” + 34  “ ‘Kunesililo esisuka eHeshibhoni + size siyofika e-Eliyale. + Bamemeza kuze kuzwakale eJahazi, +Isililo saseZowari size sizwakale eHoronayimi, + nase-Egilathi-shelishiya. Ngisho namanzi aseNimrimi ayosha. + 35  Ngiyobangela ukuba kuphele kwaMowabi,’ kusho uJehova,‘Umuntu oletha umnikelo endaweni ephakemeNalowo owenzela unkulunkulu wakhe umhlatshelo. 36  Yingakho inhliziyo yami iyomkhalela* uMowabi njengomtshingo, *+Inhliziyo yami iyowakhalela amadoda* aseKhiri-heresi njengomtshingo.* Ngakho ingcebo ayizuzile iyoshabalala. 37  Ngoba wonke amakhanda aphuciwe, +Nazo zonke izintshebe zigundiwe. Zonke izandla zisikekile, +Babhince indwangu yesaka ezinkalweni zabo!’ ” + 38  “ ‘Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabiNakuzo zonke izigcawu zakhe,Kukhona ukukhala nje kuphela. Ngoba ngimphahlazile uMowabiNjengesitsha esilahliwe,’ kusho uJehova. 39  ‘Yeka ukuthi wesaba kanjani! Khalani kakhulu! Yeka indlela uMowabi abaleke ngayo enamahloni! UMowabi useyinhlekisa,Uyinto esabisayo kubo bonke abamzungezile.’ ” 40  “Ngoba yilokhu uJehova akushoyo: ‘Bheka! Njengokhozi olutshuza lwehlele phansi, +Uyokwelula amaphiko akhe phezu kukaMowabi. + 41  Amadolobhana ayonqotshwa,Nezindawo zakhe eziqinile ziyothathwa. Ngalolo suku izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabiZiyoba njengenhliziyo yowesifazane obelethayo.’ ” 42  “ ‘UMowabi uyobhuqwa angabe esaba yisizwe, +Ngoba uziphakamisile phambi kukaJehova. + 43  Ukwesaba nomgodi nesicupho kuphambi kwakho,Wena ohlala kwaMowabi,’ kusho uJehova. 44  ‘Noma ubani obaleka ngenxa yokwesaba uyowela emgodini,Nanoma ubani ophuma emgodini uyobanjwa isicupho.’ ‘Ngoba ngiyoletha unyaka abayojeza ngawo abakwaMowabi,’ kusho uJehova. 45  ‘Ababalekayo bame emthunzini waseHeshibhoni bengenamandla. Kuyophuma umlilo eHeshibhoniNelangabi eSihoni. + Liyoshisa iziphongo zabakwaMowabiNokhakhayi lwamaqhawe anodlame.’ + 46  ‘Maye kuwe, Mowabi! Abantu bakankulunkulu uKemoshi + bashabalele. Ngoba amadodana akho athunjiwe,Namadodakazi akho adingisiwe. + 47  Kodwa engxenyeni yokugcina yezinsuku ngiyoziqoqa izithunjwa zakwaMowabi,’ kusho uJehova. ‘Umyalezo wokwahlulelwa kukaMowabi uphelela lapha.’ ” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ephakeme elondekile.”
Noma, “Ithafa eliphansi.”
Noma, “Nethafa.”
Noma kungaba, “emhlabathini owomile.”
Noma, “ethafeni elisentabeni.”
NgesiHebheru, “Uphondo.”
Okuwukuthi, umtshingo odlalwa lapho kulilwa emngcwabeni.
Noma, “iyohlokoma ngamadoda.”
Okuwukuthi, umtshingo odlalwa lapho kulilwa emngcwabeni.
Noma, “iyohlokoma.”