UJeremiya 12:1-17
12 O Jehova, ulungile + lapho ngiletha isikhalo kuwe,Lapho ngikhuluma nawe ngezindaba zokwahlulela.
Kodwa kungani ababi bephumelela, +Kungani abakhohlisayo bengakhathazekile?
2 Ubatshalile, bamile izimpande.
Bakhulile, bathela izithelo.
Bakhuluma kahle ngawe, kodwa abanandaba nawe. +
3 Kodwa wena Jehova ungazi kahle, + uyangibona;Uhlole inhliziyo yami wayithola imunye nawe. +
Bakhethe njengezimvu ezizohlatshwa,Ubahlukanisele usuku lokubabulala.
4 Kuyoze kube nini izwe lilokhu libuna,Izimila ezikuyo yonke indawo zoma? +
Ngenxa yobubi balabo abahlala kuloIzilwane nezinyoni zikhukhuliwe.
Ngoba bathe: “Akakuboni okuzokwenzeka kithi.”
5 Uma ukhathazwa ukugijima nabantu abahamba ngezinyawo,Uzogijima kanjani namahhashi? +
Uzizwa uphephile ezweni lokuthula.Kodwa uyokwenzenjani uma uphakathi kwamahlathi agudle iJordani?
6 Ngoba ngisho nabafowenu, indlu kayihlo,Bakukhohlisile. +
Bamemeze kakhulu ngokumelene nawe.
Ungathembeli kubo,Ngisho noma bekutshela izinto ezinhle.
7 “Ngiyishiyile indlu yami; + ngililahlile ifa lami. +
Nginikele engimthandayo* ezitheni zakhe. +
8 Ifa lami selifana nebhubesi ehlathini.
Isizwe sami sibhongile ngokumelene nami.
Ngakho sengiyasizonda.
9 Ifa lami linjengenyoni emabalabala* edla inyama;Ezinye izinyoni ezidla inyama ziyizungezile zayihlasela. +
Wozani, buthanani, nonke nina zilwane zasendle,Wozani nizodla. +
10 Abelusi abaningi bayicekele phansi insimu yami yamagilebhisi; +Balinyathelile izwe lami. +
Izwe lami baliphendule ihlane elingenamuntu.
11 Seliyihlane eliyincithakalo.
Libunile;*Liyincithakalo phambi kwami. +
Izwe lonke lenziwe incithakalo,Kodwa akukho muntu onakile. +
12 Abaphangi beze ngazo zonke izindlela ezibhudulekile ezidabula ehlane,Ngoba inkemba kaJehova ishwabadela kusukela komunye umkhawulo wezwe kuya komunye umkhawulo. +
Akekho umuntu onokuthula.
13 Batshale ukolweni, kodwa bavuna ameva. +
Bazikhandle kakhulu, kodwa abazuzanga lutho.
Bayoba namahloni ngesivuno saboNgenxa yentukuthelo kaJehova evuthayo.”
14 Yilokhu uJehova akushoyo kubo bonke omakhelwane bami ababi, abathinta ifa engalinika abantu bami u-Israyeli ukuba balidle: + “Ngiyabasiphula ezweni labo, + ngizoyisiphula indlu kaJuda phakathi kwabo.
15 Kodwa ngemva kokubasiphula, ngizophinde ngibabonise umusa, ngamunye ngimbuyisele efeni lakhe nasezweni lakhe.”
16 “Uma nakanjani befunda izindlela zabantu bami futhi befunga igama lami, bethi, ‘Ngimfunge uJehova!’ njengoba nje befundise abantu bami ukufunga uBhali, bayochuma phakathi kwabantu bami.
17 Kodwa uma bengalaleli, nami ngiyosisiphula leso sizwe, ngisisiphule ngisibhubhise,” kusho uJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “othandwa umphefumulo wami.”
^ Noma, “emagqabhagqabha.”
^ Noma kungaba, “Liyakhala.”