UJeremiya 24:1-10
-
Amakhiwane amahle namakhiwane amabi (1-10)
24 Ngemva kokuba inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari* idingise uJekoniya *+ indodana kaJehoyakimi + inkosi yakwaJuda, izikhulu zakwaJuda, izingcweti nabasebenza ngensimbi;* ibasusa eJerusalema ibayisa eBhabhiloni, + uJehova wangibonisa obhasikidi ababili bamakhiwane bebekwe phambi kwethempeli likaJehova.
2 Omunye ubhasikidi wawunamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane avuthwa kuqala, kanti omunye ubhasikidi wawunamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa.
3 UJehova wathi kimi: “Ubonani, Jeremiya?” Ngathi: “Ngibona amakhiwane; amakhiwane amahle mahle kakhulu, kodwa amabi mabi kakhulu, awanakudliwa.” +
4 Ngemva kwalokho uJehova wathi kimi:
5 “Yilokhu mina, Jehova, Nkulunkulu ka-Israyeli engikushoyo, ‘Njengala makhiwane amahle, ngibabheka kanjalo abadingisiwe bakwaJuda, engabamukisa kule ndawo ngabayisa ezweni lamaKhaledi.
6 Ngiyohlale ngibaqaphile ukuze ngibenzele okuhle, ngiyobabuyisela kuleli zwe. + Ngiyobakha, ngeke ngibadilize; ngiyobatshala, ngeke ngibasiphule. +
7 Ngiyobanika inhliziyo efisa ukungazi ukuthi nginguJehova. + Bayoba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, + ngoba bayobuyela kimi ngayo yonke inhliziyo yabo. +
8 “ ‘Ngokuphathelene namakhiwane amabi angenakudliwa, + yilokhu uJehova akushoyo: “Ngiyoyibheka kanjalo inkosi yakwaJuda uZedekiya + nezikhulu zayo, abasinda lapho kubhujiswa iJerusalema labo abasele kuleli zwe nalabo abahlala ezweni laseGibhithe. +
9 Ngiyobalethela inhlekelele, + bayoba yinto eshaqisayo kuyo yonke imibuso yomhlaba, babe yisihlamba, isaga, inhlekisa nesiqalekiso + kuzo zonke izindawo engibahlakazela kuzo. +
10 Ngiyobabulala ngenkemba, + ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe, + baze baphele ezweni engabanika lona nokhokho babo.” ’ ”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ Ubizwa nangokuthi uJehoyakini noma uJekoniya.
^ Noma kungaba, “nabakhi bezindonga zokuvikela.”