UJeremiya 24:1-10

  • Amakhiwane amahle namakhiwane amabi (1-10)

24  Ngemva kokuba inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari* idingise uJekoniya *+ indodana kaJehoyakimi + inkosi yakwaJuda, izikhulu zakwaJuda, izingcweti nabasebenza ngensimbi;* ibasusa eJerusalema ibayisa eBhabhiloni, + uJehova wangibonisa obhasikidi ababili bamakhiwane bebekwe phambi kwethempeli likaJehova.  Omunye ubhasikidi wawunamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane avuthwa kuqala, kanti omunye ubhasikidi wawunamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa.  UJehova wathi kimi: “Ubonani, Jeremiya?” Ngathi: “Ngibona amakhiwane; amakhiwane amahle mahle kakhulu, kodwa amabi mabi kakhulu, awanakudliwa.” +  Ngemva kwalokho uJehova wathi kimi:  “Yilokhu mina, Jehova, Nkulunkulu ka-Israyeli engikushoyo, ‘Njengala makhiwane amahle, ngibabheka kanjalo abadingisiwe bakwaJuda, engabamukisa kule ndawo ngabayisa ezweni lamaKhaledi.  Ngiyohlale ngibaqaphile ukuze ngibenzele okuhle, ngiyobabuyisela kuleli zwe. + Ngiyobakha, ngeke ngibadilize; ngiyobatshala, ngeke ngibasiphule. +  Ngiyobanika inhliziyo efisa ukungazi ukuthi nginguJehova. + Bayoba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, + ngoba bayobuyela kimi ngayo yonke inhliziyo yabo. +  “ ‘Ngokuphathelene namakhiwane amabi angenakudliwa, + yilokhu uJehova akushoyo: “Ngiyoyibheka kanjalo inkosi yakwaJuda uZedekiya + nezikhulu zayo, abasinda lapho kubhujiswa iJerusalema labo abasele kuleli zwe nalabo abahlala ezweni laseGibhithe. +  Ngiyobalethela inhlekelele, + bayoba yinto eshaqisayo kuyo yonke imibuso yomhlaba, babe yisihlamba, isaga, inhlekisa nesiqalekiso + kuzo zonke izindawo engibahlakazela kuzo. + 10  Ngiyobabulala ngenkemba, + ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe, + baze baphele ezweni engabanika lona nokhokho babo.” ’ ”

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
Ubizwa nangokuthi uJehoyakini noma uJekoniya.
Noma kungaba, “nabakhi bezindonga zokuvikela.”