UJeremiya 15:1-21

  • UJehova ngeke asishintshe isahlulelo sakhe (1-9)

  • UJeremiya uyakhalaza (10)

  • Impendulo kaJehova (11-14)

  • Umthandazo kaJeremiya (15-18)

    • Ukuthokoziswa ukudla amazwi kaNkulunkulu (16)

  • UJeremiya uqiniswa nguJehova (19-21)

15  UJehova wathi kimi: “Ngisho noma ngabe uMose noSamuweli bebe la phambi kwami, + bengingeke ngisibonise umusa lesi sizwe. Sisuse phambi kwami. Siyeke sihambe.  Uma sithi kuwe, ‘Sizoyaphi?’ kufanele uthi kuso, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Abanye benu bayobulawa yizifo, Abanye bayobulawa yimpi, + Abanye bayobulawa indlala, Kanti abanye bayothunjwa.” ’ +  “ ‘Ngiyobalethela izinhlekelele ezine,’ *+ kusho uJehova, ‘inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zamazulu nezilwane zasendle ukuba zidle futhi zibhubhise. +  Ngiyobenza into eshaqisayo kuyo yonke imibuso yomhlaba + ngenxa yalokho uManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, akwenza eJerusalema. +   Ngubani oyoba nesihe kuwe, Jerusalema,Ngubani oyozwelana nawe,Ngubani oyoza ezobuza ngenhlalakahle yakho?’   ‘Wena ungilahlile,’ kusho uJehova. + ‘Uqhubeka ungifulathela. *+ Ngakho ngizokwelulela isandla sami kuwe ngikubhubhise. + Ngikhathele ukukudabukela.*   Ngizobahlunga ngemfoloko emasangweni ezwe. Ngizobaphuca abantwana. + Ngizobabhubhisa abantu bami,Ngoba abafuni ukushiya izindlela zabo. +   Abafelokazi babo bazoba baningi kunesihlabathi solwandle. Ngizobalethela umuntu ozobabhubhisa emini bebade, ozobhubhisa onina nezinsizwa. Ngizobalethela ukukhathazeka nokwesaba bengalindele.   Owesifazane ozele abantwana abayisikhombisa usebuthakathaka;Uphefumula kanzima. Ilanga limshonele kusesemini,Limbangele amahloni nokuphoxeka.’ ‘Abambalwa abasele kuboNgizobanikela enkembeni yezitha zabo,’ kusho uJehova.” + 10  Ngiyazisa mama, ngoba ungizele, +Ngiyindoda ehlala ixabana futhi iphikisana nabantu ezweni. Angitshelekisanga, futhi abangitshelekanga lutho;Kodwa bonke bayangiqalekisa. 11  UJehova wathi: “Nakanjani ngiyokusiza;Nakanjani ngiyokulamulela esitheni,Ngesikhathi senhlekelele, nangesikhathi sokucindezeleka. 12  Ukhona yini umuntu ongaphula insimbi ibe yizicucu,Insimbi evela enyakatho nethusi? 13  Umnotho wakho nengcebo yakho ngizokunikela ezitheni zakho, +Ngeke ngizikhokhise lutho, ngenxa yazo zonke izono zakho owawuzenza kuzo zonke izindawo zakho. 14  Konke ngizokunikela ezitheni zakhoUkuze zikuyise ezweni ongalazi. + Ngoba intukuthelo yami iyavutha,Iyanivuthela.” + 15  Wena uyazi Jehova,Ngikhumbule unginake. Ngiphindiselele kulabo abangishushisayo. + Ungangivumeli ngishabalale* ngenxa yokwephuza kwakho ukuthukuthela. Yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwala leli hlazo. + 16  Lapho ngithola amazwi akho, ngawadla; +Izwi lakho langithokozisa langijabulisa enhliziyweni yami,Ngoba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu wamabutho. 17  Angihlali nabantu abenza amahlaya bese ngijabula. + Ngenxa yokuthi ngiqondiswa nguwe, ngihlala ngedwa,Ngoba ungenze ngathukuthela kakhulu ngenxa yobubi ababenzile. + 18  Kungani ubuhlungu bami bungapheli nenxeba lami lingapholi? Alelapheki. Ingabe uzoba njengomthombo wamanzi oshileOkungeke kuthenjelwe kuwo? 19  Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo: “Uma ubuyela kimi, ngizokubonisa umusa.Uzoqhubeka ungikhonza.* Uma uhlukanisa okuyigugu ezintweni ezingasizi ngalutho,Uzoba umkhulumeli* wami. Abantu bayofuna usizo kuwe,Kodwa wena ngeke ulufune kubo.” 20  “Ngikwenza udonga lwethusi oluqinile kulesi sizwe. + Nakanjani siyolwa nawe,Kodwa ngeke sikunqobe, *+Ngoba nginawe, ukuze ngikusindise futhi ngikukhulule,” kusho uJehova. 21  “Ngizokukhulula kubantu ababi,Ngikusindise kulabo abanonya.”

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “izinhlobo ezine zesahlulelo.”
Noma kungaba, “uhlehla nyovane.”
Noma, “ukuzisola.”
NgesiHebheru, “Ungangisusi.”
NgesiHebheru, “Uzoma phambi kwami.”
Noma, “umlomo.”
Noma, “sikwehlule.”