UJeremiya 30:1-24

  • Izithembiso zokubuyiselwa nokwelashwa (1-24)

30  Leli yizwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:  “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, ‘Bhala encwadini wonke amazwi engiwakhuluma kuwe.  Ngoba “bheka! kuza izinsuku,” kusho uJehova, “lapho ngiyoqoqa khona abantu bami abathunjiwe, u-Israyeli noJuda,” + kusho uJehova, “ngibabuyisele ezweni engalinika okhokho babo, liphinde libe ngelabo.” ’ ” +  Yilawa amazwi uJehova awasho ku-Israyeli nakuJuda.   Yilokhu uJehova akushoyo: “Sizwe ukukhala kwabantu abethukile;Kugcwele ukwesaba, akukho ukuthula.   Ngicela nibuze ukuthi kuyenzeka yini ukuba indoda ibelethe. Pho kungani ngibona wonke amadoda anamandla ebeke izandla zawo esiswini*Njengowesifazane obelethayo? + Kungani bonke ubuso buphaphathekile?   Maye! Ngoba lolo suku luyesabeka. *+ Alukho olufana nalo,Luyisikhathi sokucindezeleka kuJakobe. Kodwa ngiyomsindisa.”  “Ngalolo suku,” kusho uJehova wamabutho, “ngiyolephula ijoka ngilisuse entanyeni yakho, nezibopho* zakho ngizigqabule; abantu bakwamanye amazwe ngeke besamenza isigqila sabo.*  Abantu bami bayokhonza uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, engiyobamisela yena.” + 10  “Kodwa wena, nceku yami Jakobe ungesabi,” kusho uJehova,“Ungethuki Israyeli. + Ngoba ngizokusindisa ukudeNenzalo yakho ezweni ethunjelwe kulo. + UJakobe uyobuya ahlale ngokuthula angaphazanyiswa lutho,Kungekho muntu omenza esabe.” + 11  “Ngoba nginawe,” kusho uJehova, “ukuba ngikusindise. Kodwa ngiyoziqothula zonke izizwe engikuhlakazele kuzo; +Nokho, wena ngeke ngikuqothule. + Ngizokujezisa* ngezinga elifanele,Ngeke neze ngingakujezisi.” + 12  Ngoba yilokhu uJehova akushoyo: “Alikho ikhambi lokulimala kwakho. + Inxeba lakho alelapheki. 13  Akekho ozokumela ecaleni lakho,Ayikho indlela yokwelapha isilonda sakho. Alikho ikhambi lokukwelapha. 14  Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe. + Azisakufuni. Ngoba ngikushaye njengokungathi ushaywe yisitha, +Ngendlela umuntu onesihluku ajezisa ngayo,Ngenxa yecala lakho elikhulu nezono zakho eziningi. + 15  Kungani ukhaliswa ukulimala kwakho? Ubuhlungu bakho abelapheki! Ngenxa yecala lakho elikhulu nezono zakho eziningi +Ngenze lokhu kuwe. 16  Ngakho bonke labo abakubhubhisayo ngiyobabhubhisa, +Zonke izitha zakho nazo ziyothunjwa. + Labo abanithathela izinto zenu ngenkani nabo bayothathelwa izinto zabo ngenkani,Bonke abakuphangayo ngiyobanikela ekuphangweni.” + 17  “Kodwa ngiyokwenza ululame, ngipholise amanxeba akho,” + kusho uJehova,“Nakuba bakubiza ngokuthi ungolahliwe: ‘IZiyoni, elingafunwa muntu.’ ” + 18  Yilokhu uJehova akushoyo: “Ngiqoqa abathunjiwe bamatende kaJakobe, +Ngizohawukela amatabernakele akhe. Idolobha liyophinde lakhiwe endundumeni yalo, +Umbhoshongo oqinile uyokuma endaweni yawo efanele. 19  Bayobonga, bamemeze ngenjabulo. + Ngiyobandisa, ngeke babe mbalwa; +Ngiyobenza babe baningi kakhulu,*Ngeke babe abangelutho. + 20  Amadodana akhe ayochuma njengakuqala,Ngiyobenza babe isizwe esinamandla phambi kwami. + Ngiyobajezisa bonke abamcindezelayo. + 21  Umholi wakhe uyovela kuye,Phakathi kwakhe kuyophuma umbusi wakhe. Ngiyomenza ukuba asondele, uyosondela kimi.” “Ngale kwalokho, ngubani ongalokotha* asondele kimi?” kusho uJehova. 22  “Niyoba ngabantu bami, + mina ngibe nguNkulunkulu wenu.” + 23  Kuyophuma isivunguvungu sivela kuJehova, +Ulaka lwakhe luyoba njengesiphepho esikhwishiza phezu kwamakhanda ababi. 24  UJehova ngeke ayinqande intukuthelo yakhe evuthayoKuze kube yilapho esekufezile akuhlosile. + Ezinsukwini zokugcina niyokuqonda lokhu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “okhalweni.”
NgesiHebheru, “usuku olukhulu.”
Noma, “nemichilo.”
Noma, “besabenza izigqila zabo.”
Noma, “Ngizokuqondisa.”
Noma kungaba, “bahlonishwe.”
NgesiHebheru, “ofunge ngenhliziyo yakhe ukuba.”