UJeremiya 43:1-13

  • Abantu abalaleli bayahamba baya eGibhithe (1-7)

  • Kufika izwi likaJehova kuJeremiya eGibhithe (8-13)

43  Lapho uJeremiya eseqedile ukutshela bonke abantu wonke la mazwi ayevela kuJehova uNkulunkulu wabo, wonke amazwi uJehova uNkulunkulu wabo ayemthume ukuba abatshele wona,  u-Azariya indodana kaHoshaya, uJohanani + indodana kaKhareya nawo wonke amadoda agabadelayo bathi kuJeremiya: “Uqamba amanga! UJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi, ‘Ningayi eGibhithe ukuba niyohlala khona.’  Kodwa nguBharuki + indodana kaNeriya okushoshozelayo ukuze usinikele kumaKhaledi, ukuze asibulale noma asidingisele eBhabhiloni.” +  Ngakho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi nabo bonke abantu abazange balilalele izwi likaJehova lokuba baqhubeke behlala ezweni lakwaJuda.  Kunalokho, uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi bathatha bonke abantu ababesele kwaJuda ababebuyile bazohlala ezweni lakwaJuda bevela kuzo zonke izizwe ababehlakazelwe kuzo. +  Bathatha amadoda, abesifazane, abantwana, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu uNebuzaradani + induna yonogada ayebashiye noGedaliya + indodana ka-Ahikamu + indodana kaShafani, + bathatha noJeremiya umprofethi noBharuki indodana kaNeriya.  Baya ezweni laseGibhithe, ngoba abazange balilalele izwi likaJehova, bahamba baze bafika eThahipanehesi. +  Izwi likaJehova lafika kuJeremiya eThahipanehesi, lathi:  “Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu, uwafihle esitubhini sezitini uwamboze ngodaka phambi komnyango wesigodlo sikaFaro eThahipanehesi phambi kwamadoda angamaJuda. 10  Ngemva kwalokho uthi kuwo, ‘Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Bhekani ngibiza uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni, inceku yami, + ngiyobeka isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwala matshe engiwafihlile, uyobusa phezu kwawo. + 11  Uyoza alihlasele izwe laseGibhithe. + Noma ngubani ofanelwe yisifo esibulalayo uyobulawa yisifo esibulalayo, noma ngubani ofanelwe ngukuthunjwa uyothunjwa, noma ngubani ofanelwe yinkemba uyofa ngenkemba. + 12  Ngiyozishisa ngomlilo izindlu* zonkulunkulu baseGibhithe, + uyozishisa, bona abathumbe. Uyozisonga ngezwe laseGibhithe njengoba nje umalusi ezisonga ngengubo yakhe, uyophuma lapho ngokuthula.* 13  Uyoziphihliza zibe yizicucu izinsika zaseBheti-shemeshi* ezweni laseGibhithe, ashise izindlu* zonkulunkulu baseGibhithe ngomlilo.” ’ ”

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
Noma, “amathempeli.”
Noma, “engenamyocu.”
Noma, “zaseNdlini (eThempelini) Yelanga,” okungukuthi, eHeliyopholisi.
Noma, “amathempeli.”