UJeremiya 13:1-27

  • Ibhande lelineni eligugile (1-11)

  • Izimbiza zewayini ezizophahlazwa (12-14)

  • UJuda ongasalungiseki uzodingiswa (15-27)

    • “UmKushe angasishintsha yini isikhumba sakhe?” (23)

13  Yilokhu uJehova angitshele khona: “Hamba uzithengele ibhande lelineni, ulibophe okhalweni lwakho, kodwa ungalifaki emanzini.”  Ngakho ngalithenga ibhande njengoba uJehova ayeshilo, ngalibopha okhalweni.  UJehova waphinde wathi kimi:  “Thatha leli bhande olithengile, elisokhalweni lwakho, usuke uye e-Ewufrathe, ulifihle lapho emfantwini wedwala.”  Ngakho ngahamba ngalifihla ngase-Ewufrathe, njengoba nje uJehova ayengiyalile.  Kodwa ngemva kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka, uye e-Ewufrathe ufike uthathe ibhande engakuyala ukuba ulifihle khona.”  Ngakho ngaya e-Ewufrathe ngafike ngalimba ibhande endaweni engangilifihle kuyo ngalithatha, ibhande lase ligugile; lalingasenamsebenzi.  Khona-ke izwi likaJehova lafika kimi:  “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ukuziqhenya kukaJuda nokuziqhenya kweJerusalema kuyoba njengaleli bhande. + 10  Laba bantu ababi abenqaba ukulalela amazwi ami, + abalandela izinhliziyo zabo ngenkani, + abaqhubeka belandela abanye onkulunkulu, bebakhulekela bebakhothamela, nabo bayoba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.’ 11  ‘Njengoba nje ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngabangela yonke indlu ka-Israyeli nayo yonke indlu kaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uJehova, ‘ukuze zibe abantu bami, + inkazimulo yami, + udumo nokuthile okuhle kimi. Kodwa azizange zilalele.’ + 12  “Kumelwe uzitshele lo myalezo, ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: “Zonke izimbiza ezinkulu kufanele zigcwaliswe ngewayini.” ’ Ziyothi kuwe, ‘Asazi yini ukuthi zonke izimbiza ezinkulu kufanele zigcwaliswe ngewayini?’ 13  Ngakho-ke uyothi kuzo, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Ngizigcwalisa ngewayini zonke izakhamuzi zaleli zwe, + amakhosi ahleli esihlalweni sikaDavide sobukhosi, abapristi nabaprofethi nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema baze badakwe. 14  Ngizobaphahlaza omunye komunye, oyise namadodana ngendlela efanayo,” kusho uJehova. + “Ngeke ngibazwele noma ngibadabukele, noma ngibe nomusa kubo; ayikho into eyongivimbela ukuba ngibabhubhise.” ’ + 15  Yizwani, nilalelisise. Ningaqhoshi, ngoba uJehova ukhulumile. 16  Mdumiseni uJehova uNkulunkulu wenuNgaphambi kokuba alethe ubumnyamaNangaphambi kokuba izinyawo zenu ziqhuzuke ezintabeni ngenxa yokuhwalala. Niyoba nethemba lokuthi kuzokhanya,Kodwa uyoletha ubumnyama;Ukukhanya uyokuphendula ubumnyama. + 17  Uma ningalaleli,Ngiyokhala ngisekusithekeni ngenxa yokuziqhenya kwenu. Ngiyokhala kakhulu, namehlo ami ayogeleza izinyembezi, +Ngoba umhlambi kaJehova + uthunjiwe. 18  Tshela inkosi nonina *+ uthi, ‘Hlalani phansi ngokuhlazeka,Ngoba umqhele wenu omuhle uyowa emakhanda enu.’ 19  Amadolobha aseningizimu avaliwe* akekho ozowavula. UJuda wonke udingisiwe, udingiswe ngokuphelele. + 20  Phakamisa amehlo akho ubone labo abaqhamuka enyakatho. + Uphi umhlambi owanikwa wona, izimvu zakho ezinhle? + 21  Uyothini lapho ujeziswaYilabo owawubabheka njengabangane bakho abaseduze? + Ngeke yini ufikelwe yimihelo, enjengeyowesifazane obelethayo? + 22  Lapho uthi enhliziyweni yakho, ‘Kungani ngehlelwe yilezi zinto?’ + Ukhunyulwe iziketi zakho ngenxa yobukhulu besono sakho + Izithende zakho zizwe ubuhlungu obukhulu. 23  UmKushe* angasishintsha yini isikhumba sakhe, noma ingwe amabala ayo? + Uma kunjalo, nani ningakwenza okuhle,Nina enifundiswe ukwenza okubi. 24  Ngakho ngiyobahlakaza njengezinhlanga ezipheshulwa umoya wasogwadule. + 25  Yilokhu okuzokwenzeka kuwe. Lena ingxenye engikwabele yona,” kusho uJehova,“Ngoba ungikhohliwe + wabeka ithemba lakho emangeni. + 26  Ngakho ngizophakamisela iziketi zakho ebusweni bakho,Ihlazo lakho liyohlala obala, + 27  Izenzo zakho zokuphinga + nenkanuko yakho,Ubufebe bakho obungamanyala.* Emagqumeni, endle,Ngikubonile ukuziphatha kwakho okunyanyisayo. + Maye kuwe Jerusalema! Kuyoze kube nini ulokhu ungahlanzekile?” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “nendlovukazi.”
Noma, “avinjezelwe.”
Noma, “UmTopiya.”
Noma, “obushayisa ngamahloni.”