UJeremiya 23:1-40
23 “Maye kubelusi ababhubhisa futhi bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uJehova. +
2 Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo kubelusi abelusa abantu bakhe: “Nihlakaze izimvu zami; naqhubeka nizihlakaza, anizange nizinake.” +
“Ngakho ngizonijezisa ngenxa yezenzo zenu ezimbi,” kusho uJehova.
3 “Ngiyobe sengiqoqela ndawonye izimvu zami ezisele engizihlakazele kuwo wonke amazwe, + ngizozibuyisela edlelweni lazo, + ziyozala zande. +
4 Ngiyomisa abelusi abayozelusa ngempela. + Ngeke zisesaba noma zethuke, ayikho neyodwa eyolahleka,” kusho uJehova.
5 “Kuza izinsuku,” kusho uJehova, “lapho ngiyovusela uDavide indlalifa elungile. + Iyobusa njengenkosi, + iyobonisa ukuqonda, ekwenzayo iyokwenza ngobulungisa nangokulunga ezweni. +
6 Ezinsukwini zayo, uJuda uyosindiswa + no-Israyeli uyohlala ngokulondeka. + Yileli igama eyobizwa ngalo: UJehova Ungukulunga Kwethu.” +
7 “Nokho, kuza izinsuku,” kusho uJehova, “lapho bengeke besasho ukuthi, ‘Ngimfunge uJehova owakhipha abantu bakwa-Israyeli ezweni laseGibhithe!’ +
8 kodwa bayothi, ‘Ngimfunge uJehova owabuyisa inzalo yendlu ka-Israyeli eyikhipha ezweni lasenyakatho nakuwo wonke amazwe ayeyihlakazele kuwo,’ futhi iyohlala ezweni layo.” +
9 Umyalezo oya kubaprofethi:
Inhliziyo yami iphukile.
Wonke amathambo ami ayaqhaqhazela.
Nginjengomuntu odakiweNanjengomuntu ohlulwe yiwayini,Ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.
10 Ngoba izwe ligcwele iziphingi; +Ngenxa yesiqalekiso izwe liyalila +Amadlelo asehlane omile. +
Izindlela zabo zimbi, amandla abo bawasebenzisa kabi.
11 “Umprofethi nompristi bangcolile. *+
Ububi babo ngibuthole nasendlini yami,” + kusho uJehova.
12 “Ngakho indlela yabo iyoshelela, ibe mnyama; +Bayodudulwa baze bawe.
Ngoba ngizobalethela inhlekeleleNgonyaka wokwahlulelwa,” kusho uJehova.
13 “Kubaprofethi baseSamariya + ngibone izinto ezinyanyisayo.
Baprofetha egameni likaBhali,Badukisa abantu bami u-Israyeli.
14 Nakubaprofethi baseJerusalema ngibone izinto ezinyantisayo.
Bayaphinga + futhi baphila ngamanga; +Basekela* abenza okubi,Abazishiyi izenzo zabo ezimbi.
Kimi bonke banjengeSodoma, +Abantu abahlala eJerusalema banjengeGomora.” +
15 Ngakho-ke yilokhu uJehova wamabutho akushoyo ngabaprofethi:
“Bheka ngibenza badle umhlonyaneNgibanika amanzi anoshevu ukuba bawaphuze. +
Ngoba abaprofethi baseJerusalema babangele ukuba abantu kulo lonke izwe bahlubuke.”
16 Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo:
“Ningabalaleli abaprofethi abaprofetha kini. +
Bayanikhohlisa.*
Bakhuluma umbono othandwa yibo, +Hhayi ovela kuJehova. +
17 Balokhu bethi kulabo abangidelelayo,‘UJehova uthe: “Niyoba nokuthula.” ’ +
Kuwo wonke umuntu olandela inhliziyo yakhe ngenkani bathi,‘Akukho nhlekelele ezonehlela.’ +
18 Ngubani ome phakathi kwabantu abasondelene noJehovaUkuze abone futhi ezwe izwi lakhe?
Ngubani oye wanaka izwi lakhe ukuba alizwe?
19 Kuyophuma isivunguvungu sivela kuJehova;Ulaka lwakhe luyoba njengesiphepho, siyokhwishiza phezu kwamakhanda ababi. +
20 UJehova ngeke ayinqande intukuthelo yakheKuze kube yilapho esekufezile akuhlosile.
Ezinsukwini zokugcina niyokuqonda ngokucacile lokhu.
21 Angibathumanga abaprofethi kodwa bona bagijima.
Angikhulumanga nabo nokho bona baprofetha. +
22 Ukube bebesondelene nami,Bebeyokwenza abantu bami bezwe amazwi ami,Bebeyobenza bashiye izindlela zabo ezimbi nezenzo zabo ezimbi.” +
23 “Angiboni nje kuphela izinto ezenzeka eduze kodwa nezenzeka kude,” kusho uJehova.”
24 “Umuntu angakwazi yini ukucasha endaweni esithekile ngingamboni?” + kusho uJehova.
“Ikhona yini into engingeke ngiyibone emazulwini nasemhlabeni?” + kusho uJehova.
25 “Ngibezwile abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi, ‘Ngiphuphile! Ngiphuphile!’ +
26 Kuyoze kube nini abaprofethi beqamba amanga? Bangabaprofethi abakhuluma amanga avela ezinhliziyweni zabo. +
27 Bahlose ukwenza abantu bami bakhohlwe yigama lami ngamaphupho abaxoxelana wona, njengoba nje oyise balikhohlwa igama lami ngenxa kaBhali. +
28 Umprofethi onephupho makalilandise, kodwa lowo onezwi lami, makakhulume izwi lami ngeqiniso.”
“Uhlanga luhlangene ngani nje nokudla okusanhlamvu?” kusho uJehova.
29 “Izwi lami alifani yini nomlilo,” + kusho uJehova, “alifani yini nesando esiphihliza idwala?” +
30 “Ngakho ngizobajezisa abaprofethi,” kusho uJehova, “abashintsha amazwi ami ukuze batshele abantu okuthandwa yibo.” +
31 “Ngizobajezisa abaprofethi,” kusho uJehova, “abakhuluma okuvela kubo bathi, ‘Yilokhu akushilo!’ ” +
32 “Ngizobajezisa abaprofethi bamaphupho angamanga,” kusho uJehova, “abawalandisayo futhi badukise abantu bami ngenxa yamanga abo nangenxa yokuziqhayisa kwabo.” +
“Angibathumanga futhi angibayalanga. Ngakho ngeke neze basisize lesi sizwe,” + kusho uJehova.
33 “Uma laba bantu noma umprofethi noma umpristi ethi kuwe, ‘Lo myalezo unjengomthwalo* kaJehova,’ kufanele uthi kubo, ‘ “Yinina eniwumthwalo! Futhi ngiyonishiya,” + kusho uJehova.’
34 Ngokuphathelene nomprofethi noma umpristi noma abantu abathi, ‘Umyalezo kaJehova ungumthwalo!’ Ngiyomjezisa lowo muntu nomndeni wakhe.
35 Ngamunye uthi kumuntu wakubo nakumfowabo, ‘UJehova uphendule wathini? Utheni uJehova?’
36 Kodwa ningabe nisasho ukuthi umyalezo kaJehova ungumthwalo ngoba ngumuntu okhetha ukuthi athi izwi likaNkulunkulu liwumthwalo, niwashintshile amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uJehova wamabutho, uNkulunkulu wethu.
37 “Yilokhu ozokusho kumprofethi, ‘UJehova uphendule wathini? Utheni uJehova?
38 Uma nilokhu nithi, “Umyalezo kaJehova ungumthwalo!” yilokhu uJehova akushoyo: “Ngenxa yokuthi nilokhu nithi, ‘Izwi likaJehova liwumthwalo,’ kuyilapho nginitshelile ukuthi, ‘Akumelwe nithi: “Izwi likaJehova liwumthwalo!” ’
39 Ngiyonilahla nginisuse phambi kwami, nina nedolobha enganinika lona nokhokho benu.
40 Ngiyonilethela ihlazo elingeke liphele nokuhlazeka okungeke kuphele, okungasoze kwalibaleka.” ’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bayizihlubuki.”
^ NgesiHebheru, “Baqinisa izandla zabenza okubi.”
^ Noma, “Banithembisa into engekho.”
^ Leli gama ngesiHebheru linencazelo ekabili: “isimemezelo saphezulu esinamandla” noma “okuthile okusindayo.”