UJeremiya 47:1-7
-
Isiprofetho esimelene namaFilisti (1-7)
47 Leli yizwi uJehova alitshela uJeremiya umprofethi ngokuphathelene namaFilisti, + ngaphambi kokuba uFaro ashaye iGaza.
2 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Bheka! Kuza amanzi evela enyakatho.
Azoba yisikhukhula.
Azokhukhula izwe nakho konke okukulo,Idolobha nalabo abahlala kulo.
Amadoda azokhala,Wonke umuntu ohlala ezweni uzokhala kakhulu.
3 Lapho kuzwakala umsindo wezigi zezinselo zamahhashi akhe amaduna,Lapho kugedlezela izinqola zakhe zempi,Namasondo akhe ebanga umsindo,Obaba bayabalekaNgoba abanaso ngisho nesibindi sokusindisa izingane zabo,
4 Ngoba usuku oluzayo luzobhubhisa wonke amaFilisti; +Ngalolo suku kuyobhujiswa wonke umuntu owayesiza osele eThire + naseSidoni. +
Ngoba uJehova uyowacekela phansi amaFilisti,Asele asesiqhingini saseKhafitori. *+
5 Kuyofika usizi* eGaza.
I-Ashikeloni lithulisiwe. +
O nina enisele ethafeni,Kuyoze kube nini nizisika? +
6 O nkemba kaJehova! +
Kuyoze kube nini ungahlali uthule?
Ngena esikhwameni sakho.
Phumula uthule.
7 Ingathula kanjaniLapho uJehova eyiyalile?
Ngokumelene ne-Ashikeloni nogu lolwandle, +Yilapho ayabele khona.”
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, saseKrethe.
^ NgesiHebheru, “ubumpandla.” Okuwukuthi, bayophuca amakhanda abo belila futhi benamahloni.