UJeremiya 27:1-22
27 Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika izwi kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
2 “Yilokhu uJehova akusho kimi, ‘Zenzele imichilo nejoka, ukubeke entanyeni yakho.
3 Kuthumele enkosini yakwa-Edomi, + enkosini yakwaMowabi, + enkosini yabakwa-Amoni, + enkosini yaseThire + nasenkosini yaseSidoni + ngezithunywa ezize eJerusalema eNkosini uZedekiya yakwaJuda.
4 Zinike lo myalo oya emakhosini azo:
“ ‘ “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo; yilokhu okufanele nikusho emakhosini enu,
5 ‘Yimi engenze umhlaba, abantu nezilwane ezisemhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami enamandla; futhi ngiwunike noma ubani engithanda* ukumnika wona. +
6 Manje mina nginikele wonke la mazwe encekwini yami iNkosi uNebukhadinezari + yaseBhabhiloni; ngimnike ngisho izilo zasendle ukuba zimkhonze.
7 Zonke izizwe ziyomkhonza yena nendodana yakhe nomzukulu wakhe kuze kufike isikhathi sokuphela kokubusa kwakhe, + lapho izizwe eziningi namakhosi amakhulu ziyomenza isigqila sazo.’ +
8 “ ‘ “ ‘Uma umbuso noma isizwe sinqaba ukukhonza inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari futhi sinqaba ukubeka intamo yaso ngaphansi kwejoka lenkosi yaseBhabhiloni, ngiyosijezisa leso sizwe ngenkemba, + ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe,’ kusho uJehova, ‘kuze kube yilapho sengisiqede nya ngesandla sayo.’
9 “ ‘ “ ‘Ngakho, ningabalaleli abaprofethi benu, izangoma zenu, abaphuphi bamaphupho, abenzi bemilingo nabathakathi benu, abathi kini: “Ngeke niyikhonze inkosi yaseBhabhiloni.”
10 Ngoba baprofetha amanga kini, ukuze nisuswe ezweni lenu niyiswe kude, ngiyonihlakaza futhi niyoshabalala.
11 “ ‘ “ ‘Kodwa isizwe esiletha intamo yaso ngaphansi kwejoka lenkosi yaseBhabhiloni futhi siyikhonze, ngiyosiyeka sihlale* ezweni laso,’ kusho uJehova, ‘ukuze sililime futhi sihlale kulo.’ ” ’ ”
12 Ngisho nakuZedekiya inkosi + yakwaJuda ngikhulume ngendlela efanayo, ngathi: “Lethani izintamo zenu ngaphansi kwejoka lenkosi yaseBhabhiloni niyikhonze yona nabantu bayo, nizoqhubeka niphila. +
13 Kungani wena nabantu bakho kufanele nife ngenkemba, + ngendlala, + nangesifo esiwumshayabhuqe, + njengoba nje uJehova ayeshilo ngokuphathelene nesizwe esingeke siyikhonze inkosi yaseBhabhiloni?
14 Ningawalaleli amazwi abaprofethi abathi kini, ‘Ngeke niyikhonze inkosi yaseBhabhiloni,’ + ngoba baprofetha amanga kini. +
15 “ ‘Ngoba angibathumanga,’ kusho uJehova, ‘kodwa baprofetha amanga egameni lami, uma nibalalela ngizonihlakaza bese kudingeka ukuba nishabalale, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ” +
16 Kubapristi nakubo bonke abantu ngathi: “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini, bethi: “Bhekani! Izinto zendlu kaJehova zizobuyiswa eBhabhiloni maduze!” + ngoba baprofetha amanga kini. +
17 Ningabalaleli. Khonzani inkosi yaseBhabhiloni ukuze niqhubeke niphila. + Kungani leli dolobha kufanele libe yincithakalo?
18 Kodwa uma bengabaprofethi futhi uma uJehova ekhulume nabo ngempela, mabancenge uJehova wamabutho ukuba izinto ezisele endlini kaJehova, endlini yenkosi* yakwaJuda naseJerusalema zingayiswa eBhabhiloni.’
19 “Ngoba yilokhu uJehova wamabutho akushoyo ngezinsika, + iThange lethusi, *+ izinqola zethusi + nezinye izinto ezisele kuleli dolobha,
20 uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni ayengazithathanga lapho edingisa uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda emsusa eJerusalema emyisa eBhabhiloni kanye nazo zonke izicukuthwane zakwaJuda nezaseJerusalema; +
21 yebo, yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo ngezinto ezisele endlini kaJehova, endlini yenkosi* yakwaJuda naseJerusalema:
22 ‘ “Zizoyiswa eBhabhiloni + futhi zizoqhubeka zilapho kuze kube usuku engiyozilanda ngalo,” kusho uJehova. “Ngiyobe sengizikhuphula ngizibuyisele kule ndawo.” ’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “okuhle emehlweni ami.”
^ NgesiHebheru, “siphumule.”
^ Noma, “esigodlweni.”
^ Okuwukuthi, uLwandle lwethusi lwasethempelini.
^ Noma, “esigodlweni.”