UJeremiya 46:1-28
46 Leli yizwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngokuphathelene nezizwe: +
2 NgeGibhithe, + ngokuphathelene nebutho lempi likaFaro Nekho + inkosi yaseGibhithe, owayengaseMfuleni i-Ewufrathe, owanqotshwa uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni eKharikemishi ngonyaka wesine kaJehoyakimi + indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda:
3 “Lungisani amahawu amancane* namahawu amakhulu,Bese niya empini.
4 Bophelani amahhashi nigibele, nina bagibeli bawo.
Fakani izigqoko zokuzivikela nime ngomumo.
Lolani imikhonto bese nigqoka amajazi ensimbi.
5 ‘Kungani ngibabona bethukile?
Bayabaleka, amaqhawe abo anqotshiwe.
Abalekile ethukile, amaqhawe abo awazange aphenduke.
Wonke umuntu wethukile,’ kusho uJehova.
6 ‘Onejubane akakwazi ukubaleka, namaqhawe awakwazi ukuphunyuka.
Bakhubeke bawa enyakatho,Ngasosebeni loMfula i-Ewufrathe.’ +
7 Ngubani lo ogcwala njengoMfula iNayile,Njengemifula enezikhukhula?
8 IGibhithe ligcwala njengoMfula iNayile, +Njengemifula enezikhukhula,Lithi, ‘Ngizokwenyuka ngimboze umhlaba.
Ngizobhubhisa idolobha nabahlala kulo.’
9 Khuphukani nina mahhashi!
Nigijime sengathi niyahlanya nina zinqola!
Amaqhawe mawaphume,UKushe noPhuthi, abaphatha ihawu, +NamaLudi + aphatha futhi agobise umnsalo. +
10 “Lolo suku lungolweNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho, usuku lokuziphindiselela ezitheni zakhe. Inkemba iyoshwabadela izanelise, izisuthise ngegazi labo, ngoba iNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho, inomhlatshelo* ezweni lasenyakatho ngaseMfuleni i-Ewufrathe. +
11 Hamba uye eGileyadi uyothola ibhalsamu, +Ndodakazi eyintombi yaseGibhithe.
Uwandise ngeze amakhambi akho,Ngoba alikho ikhambi lokukwelapha. +
12 Izizwe zilizwile ihlazo lakho, +Nokukhala kwakho kugcwale izwe.
Ngoba iqhawe likhutshwe elinye iqhawe,Awe kanye kanye, womabili.”
13 Leli yizwi uJehova alikhuluma kuJeremiya umprofethi ngokuqondene nokuza kukaNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni ezohlasela izwe laseGibhithe: +
14 “Kushoni eGibhithe, nikumemezele eMigidoli. +
Kumemezeleni eNofi* naseThahipanehesi. +
Thanini, ‘Yima ngomumo uzilungiselele,Ngoba inkemba izodla nxazonke zakho.
15 Kungani amaqhawe akho ekhukhuliwe?
Awakwazanga ukuma,Ngoba uJehova uwawisile.
16 Akhubeka ngobuningi awe.
Elinye lithi kwelinye:
“Vuka! Masibuyele kubantu bakithi nasezweni lethuNgenxa yenkemba enesihluku.” ’
17 Amasosha akho amemezele lapho athi,‘UFaro inkosi yaseGibhithe wazi ukubanga umsindo njeUzilahlekisele ngethuba.’ *+
18 ‘Ngifunga ngokuphila kwami,’ kusho iNkosi, enguJehova wamabutho igama layo,‘Uyoqhamuka* njengeThabori + phakathi kwezintabaNanjengeKarmeli + ngasolwandle.
19 Bopha umthwalo wakho ulungele ukudingiswa,Wena ndodakazi yaseGibhithe.
Ngoba iNofi* liyoba yinto eshaqisayo;Liyoshiswa ngomlilo* kungabi namuntu ohlala kulo. +
20 IGibhithe linjengesithole esihle kakhulu.
Kodwa liyohlaselwa izibawu zivela enyakatho.
21 Ngisho namasosha alo aqashiwe phakathi kwalo anjengamathole akhuluphele,Kodwa aphendukile abaleka wonke.
Awakwazanga ukuma, +Ngoba kufike usuku lwenhlekelele yawo,Isikhathi sawo sokujeziswa.’
22 ‘Izwi lalo linjengelenyoka ehambayo,Ngoba izitha ziyolijaha ziphethe izimbazo,Njengabantu abagawula izihlahla.*
23 Bayoligawula ihlathi lalo,’ kusho uJehova, ‘nakuba kwakubonakala kungangeneki kulo
Ngoba baningi kakhulu kunezintethe, abanasibalo.
24 Indodakazi yaseGibhithe iyokwenziwa ibe namahloni.
Iyonikelwa kubantu basenyakatho.’ +
25 “UJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizomjezisa u-Amoni + waseNo, *+ uFaro, iGibhithe, onkulunkulu balo + namakhosi alo—yebo uFaro nabo bonke abathembela kuye.’ +
26 “ ‘Ngiyobanikela kulabo abafuna ukubabulala, kuNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni + nasezincekwini zakhe. Nokho kamuva iGibhithe liyohlalwa njengasendulo,’ kusho uJehova. +
27 ‘Kodwa ungesabi nceku yami Jakobe,Ungethuki Israyeli. +
Ngoba ngiyokusindisa ngikudeKanye nenzalo* yakho ezweni ethunjelwe kulo. +
UJakobe uyobuya ahlale ngokuthula angaphazanyiswa yilutho,Kungekho muntu omenza esabe. +
28 Ngakho ungesabi nceku yami Jakobe,’ kusho uJehova, ‘ngoba nginawe.
Ngiyoziqothula zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, +Kodwa wena ngeke ngikuqothule. +
Ngiyokujezisa* ngezinga elifanele, +Kodwa ngeke neze ngingakujezisi.’ ”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ Ihawu elincane elalivame ukuphathwa amasosha aphatha imicibisholo.
^ Noma, “ihlabile.”
^ NgesiHebheru, “kukaNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ Noma, “eMemfisi.”
^ NgesiHebheru, “Uvumele isikhathi esimisiwe sadlula.”
^ Okuwukuthi, umnqobi weGibhithe.
^ Noma, “iMemfisi.”
^ Noma kungaba, “Liyoba amanxiwa.”
^ Noma, “abatheza izinkuni.”
^ Okuwukuthi, eThebesi.
^ NgesiHebheru, “kuNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ NgesiHebheru, “nembewu.”
^ Noma, “Ngiyokuqondisa.”