UJeremiya 20:1-18

  • UPhashuri ushaya uJeremiya (1-6)

  • UJeremiya akanakuyeka ukushumayela (7-13)

    • Umyalezo ovela kuNkulunkulu unjengomlilo ovuthayo (9)

    • UJehova unjengeqhawe elesabisayo (11)

  • UJeremiya uyakhalaza (14-18)

20  Manje uPhashuri indodana ka-Imeri, umpristi, owayengumphathi endlini kaJehova, wayelalele ngesikhathi uJeremiya eprofetha lezi zinto.  Ngemva kwalokho uPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi wamfaka esitokisini *+ esasiseSangweni Elingenhla LikaBhenjamini, elalingasendlini kaJehova.  Kodwa ngosuku olulandelayo uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini, uJeremiya wathi kuye: “UJehova ukuqambe ngokuthi unguKwesaba Nxazonke, awuyena uPhashuri. +  Ngoba yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngizokwenza wena nabangane bakho nesabe, izitha zabo ziyobabulala ngenkemba ubhekile; + wonke uJuda ngiyomnikela esandleni senkosi yaseBhabhiloni, abanye iyobadingisela eBhabhiloni, abanye ibabulale ngenkemba. +  Wonke umnotho waleli dolobha, zonke izinto zalo, wonke amagugu alo nayo yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda ngiyokunikela ezitheni zalo. + Ziyokuphanga zikuthathe zikuyise eBhabhiloni. +  Kodwa wena, Phashuri, nabo bonke abahlala endlini yakho, niyothunjwa. Uyoyiswa eBhabhiloni ufele khona, futhi uyongcwatshelwa khona nabo bonke abangane bakho, ngoba uprofethe amanga kubo.’ ” +   O Jehova, ungikhohlisile, ngakhohliseka. Uzibonakalise unamandla kunami, wanqoba. + Ngibe yinhlekisa usuku lonke;Wonke umuntu uhlekisa ngami. +   Ngoba njalo uma ngikhuluma kumelwe ngimemeze ngithi,“Udlame nokucekela phansi!” Izwi likaJehova lingibangele ukuba ngithukwe nokuba ngidelelwe usuku lonke. +   Ngakho ngathi: “Ngeke ngisakhuluma ngaye,Ngeke ngisakhuluma ngegama lakhe.” + Kodwa enhliziyweni yami izwi lakhe laba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami,Ngakhathala ukuzibamba;Ngangingasakwazi ukubekezela. + 10  Ngoba ngezwa imibiko eminingi emibi;Ngangikhungethwe ukwesaba. + “Mmangaleleni; masimmangalele!” Wonke umuntu owayengifisela ukuthula wayelinde ukungibona ngiwa: + “Mhlawumbe uzokwenza iphutha ngobuwula,Bese simnqoba, siziphindiselele kuye.” 11  Kodwa uJehova wayenami njengeqhawe elesabisayo. + Yingakho labo abangishushisayo beyokhubeka futhi ngeke banqobe. + Bayohlazeka kakhulu, ngoba ngeke baphumelele. Ukululazeka kwabo kwaphakade ngeke kulibaleke. + 12  Kodwa wena, Jehova wamabutho, uhlola olungile;Ubona imicabango ejulile* nenhliziyo. + Mangibone lapho uphindisela kubo, +Ngoba icala lami ngilethule kuwe. + 13  Culelani uJehova! Dumisani uJehova! Ngoba usindise ohluphekile kulabo abenza okubi. 14  Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo! Kwangathi usuku umama angibeletha ngalo lungangabusiswa! + 15  Makaqalekiswe umuntu owaletha izindaba ezinhle kubaba, wathi: “Uzalelwe indodana!” Wamenza wajabula kakhulu. 16  Kwangathi lowo muntu angaba njengamadolobha uJehova awagumbuqela wangazisola. Makezwe ukukhala ekuseni nokumemeza emini. 17  Akangibulalanga ngani ngisesesibelethweni,Ukuze umama abe yithuna lamiIsibeletho sakhe sihlale sikhulelwe? + 18  Kungani kwadingeka ngizalweUkuze ngibone izinkinga nosizi,Ukuba ngife ngisehlazweni? +

Imibhalo yaphansi

Yinto eyayakhiwe ngamapulangwe yokubopha umuntu kufakwe intamo, izandla nezinyawo ukuze ahlale kabuhlungu.
Noma, “imizwa ejulile.” NgesiHebheru, “izinso.”