UJeremiya 18:1-23
18 Leli yizwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
2 “Sukuma uye endlini yombumbi, + ngizokhuluma nawe lapho.”
3 Ngakho ngahamba ngaya endlini yombumbi, ngamfica ebumba isitsha.
4 Kodwa isitsha ayesibumba sonakala esandleni sakhe. Ngakho umbumbi wenza esinye isitsha, njengoba ayebona kufanele.*
5 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lathi:
6 “ ‘Angikwazi yini ukwenza njengalo mbumbi kini nina ndlu ka-Israyeli?’ kusho uJehova. ‘Njengobumba esandleni sombumbi, ninjalo nani esandleni sami, nina ndlu ka-Israyeli. +
7 Noma nini lapho ngingase ngikhulume ngokusiphula, ukubhidliza nokubhubhisa isizwe noma umbuso, +
8 bese leso sizwe sibuyeka ububi baso engisixwayise ngabo, ngiyowushintsha umqondo* ngaleyo nhlekelele ebengihlose ukuyiletha kuso. +
9 Kodwa noma nini lapho ngikhuluma ngokwakha nokutshala isizwe noma umbuso,
10 bese senza okubi emehlweni ami singangilaleli, ngiyowushintsha umqondo* ngokuhle ebengihlose ukusenzela kona.’
11 “Manje, ngicela uthi kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Ngihlela* ukunilethela inhlekelele futhi nginakhela icebo. Ngicela nishiye izindlela zenu ezimbi nishintshe nezenzo zenu.” ’ ” +
12 Kodwa bathi: “Akusizi ngalutho! + Ngoba sizokwenza esikucabangayo, ngamunye kithi ngenkani uzokwenza ngokwenhliziyo yakhe embi.” +
13 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo:
“Ngicela nibuze abantu bezizwe.
Ubani owake wezwa into enjengale?
Intombi yakwa-Israyeli yenze into eshaqisayo. +
14 Iqhwa laseLebhanoni lingancibilika yini emadwaleni ehlelayo?
Noma angasha yini amanzi abandayo asuka kude?
15 Kodwa isizwe sami singikhohliwe. +
Ngoba senzela into engenanzuzo imihlatshelo, *+Senza abantu bakhubeke ezindleleni zabo, izindlela zakudala, +Ukuze bahambe emigwaqweni emincane emahhadlahhadla,*
16 Ukuze senze izwe laso libe yinto eshaqisayo +Nento yokushayelwa ikhwela kuze kube phakade. +
Wonke umuntu odlula ngakulo uyoligqolozela eshaqekile anikine ikhanda. +
17 Njengomoya wasempumalanga ophephula izinhlanga, nami ngiyosihlakaza phambi kwesitha.
Ngiyosifulathela, ngeke ngisibheke lapho sehlelwa inhlekelele.” +
18 Sathi: “Wozani, masimakheleni uzungu uJeremiya, + ngoba abapristi bethu bayohlale bewazi umthetho* namadoda ahlakaniphile ayohlale eneseluleko noma izwi labaprofethi. Wozani, masimhlasele ngamazwi,* singakunaki nhlobo akushoyo.”
19 O Jehova, nginake,Ulalele lokho abamelene nami abakushoyo.
20 Ingabe okuhle kufanele kubuyiselwe ngokubi?
Ngoba bangimbele umgodi. +
Khumbula okuhle engakukhuluma ngabo phambi kwakho,Ukuze ungabathukutheleli.
21 Ngakho yenza amadodana abo abulawe indlala,Uwanikele enkembeni. +
Kwangathi omkabo bangaphucwa izingane, babe abafelokazi. +
Kwangathi amadoda abo angabulawa yisifo esiwumshayabhuqe,Izinsizwa zabo zibulawe ngenkemba empini. +
22 Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo,Lapho ubalethela abaphangi bengalindele.
Ngoba bangimbele umgodi ukuze bangibambe,Babekele izinyawo zami izicupho. +
23 Kodwa wena Jehova,Uwazi kahle wonke amacebo abo okungibulala. +
Ungasimbozi isiphambeko sabo,Ungasisuli isono sabo phambi kwakho.
Mabakhubeke phambi kwakho +Lapho usubajezisa ngenxa yentukuthelo yakho. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “njengoba ayebona kukuhle emehlweni akhe.”
^ Noma, “ngiyozisola.”
^ Noma, “ngiyozisola.”
^ NgesiHebheru, “Ngilungiselela.”
^ NgesiHebheru, “sishunqisela into engenanzuzo intuthu yemihlatshelo.”
^ Noma, “engakhiwanga.”
^ NgesiHebheru, “masimshaye ngolimi.”
^ Noma, “bezazi iziqondiso.”