UJeremiya 28:1-17
-
UJeremiya uphikisana nomprofethi wamanga uHananiya (1-17)
28 Ngalowo nyaka, ekuqaleni kokubusa kukaZedekiya inkosi + yakwaJuda, ngonyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, umprofethi uHananiya indodana ka-Azuri, owayevela eGibheyoni, + wathi kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabo bonke abantu:
2 “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Ngizoliphula ijoka lenkosi yaseBhabhiloni. +
3 Phakathi neminyaka emibili, ngizobuyisela kule ndawo zonke izinto zendlu kaJehova uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni azithatha kule ndawo waziyisa eBhabhiloni.’ ” +
4 “ ‘UJekoniya + indodana kaJehoyakimi, + inkosi yakwaJuda, nabo bonke abadingisiwe bakwaJuda abaye eBhabhiloni ngizobabuyisa kule ndawo,’ + kusho uJehova, ‘ngoba ngizoliphula ijoka lenkosi yaseBhabhiloni.’ ”
5 UJeremiya umprofethi wakhuluma noHananiya umprofethi phambi kwabapristi naphambi kwabo bonke abantu ababemi endlini kaJehova.
6 UJeremiya umprofethi wathi: “Amen!* Kwangathi uJehova angakwenza lokhu! Kwangathi uJehova angawagcwalisa amazwi akho owaprofethile ngokubuyisela kule ndawo izinto zendlu kaJehova nabo bonke abantu abadingisiwe besuka eBhabhiloni!
7 Nokho, ngicela uzwe leli zwi engikutshela lona phambi kwabo bonke abantu.
8 Kudala abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho, babeprofetha ngokuphathelene namazwe amaningi, ngemibuso emikhulu, ngempi, ngenhlekelele nangesifo esiwumshayabhuqe.
9 Uma umprofethi eprofetha ngokuthula futhi izwi lalowo mprofethi ligcwaliseka, kuyokwaziwa ukuthi uJehova ngempela othume lowo mprofethi.”
10 Ngemva kwalokho uHananiya umprofethi wathatha ijoka entanyeni kaJeremiya umprofethi waliphula. +
11 UHananiya wabe esethi phambi kwabo bonke abantu: “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngiyoliphula kanje ijoka likaNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni lisuke entanyeni yazo zonke izizwe phakathi neminyaka emibili.’ ” + UJeremiya umprofethi waqhubeka nendlela yakhe.
12 Ngemva kokuba uHananiya umprofethi ephule ijoka walisusa entanyeni kaJeremiya umprofethi, kwafika lo myalezo kaJehova kuJeremiya:
13 “Hamba uthi kuHananiya, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Uphule ijoka lokhuni, + kodwa esikhundleni salo uzokwenza ijoka lensimbi.”
14 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuze zikhonze uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni, kumelwe zimkhonze. + Ngizomnika ngisho nezilwane zasendle.” ’ ” +
15 UJeremiya umprofethi wathi kuHananiya + umprofethi: “Ngicela ungilalele Hananiya! UJehova akakuthumanga, kodwa wena wenze lesi sizwe sathembela emangeni. +
16 Ngakho yilokhu uJehova akushoyo, ‘Bheka! Ngibangela ukuba ufe. Uzofa kuwo lo nyaka, ngoba wenze abantu ukuba bavukele uJehova.’ ” +
17 Ngakho uHananiya umprofethi wafa ngalowo nyaka, ngenyanga yesikhombisa.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Makube njalo!”