UJeremiya 28:1-17

  • UJeremiya uphikisana nomprofethi wamanga uHananiya (1-17)

28  Ngalowo nyaka, ekuqaleni kokubusa kukaZedekiya inkosi + yakwaJuda, ngonyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, umprofethi uHananiya indodana ka-Azuri, owayevela eGibheyoni, + wathi kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabo bonke abantu:  “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Ngizoliphula ijoka lenkosi yaseBhabhiloni. +  Phakathi neminyaka emibili, ngizobuyisela kule ndawo zonke izinto zendlu kaJehova uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni azithatha kule ndawo waziyisa eBhabhiloni.’ ” +  “ ‘UJekoniya + indodana kaJehoyakimi, + inkosi yakwaJuda, nabo bonke abadingisiwe bakwaJuda abaye eBhabhiloni ngizobabuyisa kule ndawo,’ + kusho uJehova, ‘ngoba ngizoliphula ijoka lenkosi yaseBhabhiloni.’ ”  UJeremiya umprofethi wakhuluma noHananiya umprofethi phambi kwabapristi naphambi kwabo bonke abantu ababemi endlini kaJehova.  UJeremiya umprofethi wathi: “Amen!* Kwangathi uJehova angakwenza lokhu! Kwangathi uJehova angawagcwalisa amazwi akho owaprofethile ngokubuyisela kule ndawo izinto zendlu kaJehova nabo bonke abantu abadingisiwe besuka eBhabhiloni!  Nokho, ngicela uzwe leli zwi engikutshela lona phambi kwabo bonke abantu.  Kudala abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho, babeprofetha ngokuphathelene namazwe amaningi, ngemibuso emikhulu, ngempi, ngenhlekelele nangesifo esiwumshayabhuqe.  Uma umprofethi eprofetha ngokuthula futhi izwi lalowo mprofethi ligcwaliseka, kuyokwaziwa ukuthi uJehova ngempela othume lowo mprofethi.” 10  Ngemva kwalokho uHananiya umprofethi wathatha ijoka entanyeni kaJeremiya umprofethi waliphula. + 11  UHananiya wabe esethi phambi kwabo bonke abantu: “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngiyoliphula kanje ijoka likaNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni lisuke entanyeni yazo zonke izizwe phakathi neminyaka emibili.’ ” + UJeremiya umprofethi waqhubeka nendlela yakhe. 12  Ngemva kokuba uHananiya umprofethi ephule ijoka walisusa entanyeni kaJeremiya umprofethi, kwafika lo myalezo kaJehova kuJeremiya: 13  “Hamba uthi kuHananiya, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Uphule ijoka lokhuni, + kodwa esikhundleni salo uzokwenza ijoka lensimbi.” 14  Ngoba yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuze zikhonze uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni, kumelwe zimkhonze. + Ngizomnika ngisho nezilwane zasendle.” ’ ” + 15  UJeremiya umprofethi wathi kuHananiya + umprofethi: “Ngicela ungilalele Hananiya! UJehova akakuthumanga, kodwa wena wenze lesi sizwe sathembela emangeni. + 16  Ngakho yilokhu uJehova akushoyo, ‘Bheka! Ngibangela ukuba ufe. Uzofa kuwo lo nyaka, ngoba wenze abantu ukuba bavukele uJehova.’ ” + 17  Ngakho uHananiya umprofethi wafa ngalowo nyaka, ngenyanga yesikhombisa.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Makube njalo!”