UHezekeli 33:1-33

  • Imisebenzi yomlindi (1-20)

  • Izindaba ezimayelana nokuwa kweJerusalema (21, 22)

  • Umyalezo oya kubantu abasezindaweni ezibhuqiwe (23-29)

  • Abantu abawulaleli umyalezo (30-33)

    • UHezekeli “ufana nengoma yothando” (32)

    • “Bekukhona umprofethi phakathi kwabo” (33)

33  Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:  “Ndodana yomuntu, khuluma namadodana abantu bakini, + uthi kuwo,“ ‘Ake sithi ngiletha inkemba ezweni + bese bonke abantu bezwe bethatha umuntu bamenze umlindi wabo,  bese ebona inkemba iza ezweni ashaye uphondo axwayise abantu. +  Uma umuntu ezwa umsindo wophondo kodwa angasilaleli isixwayiso + bese inkemba ifika imbulale, igazi lakhe liyoba sekhanda lakhe. +  Uwuzwile umsindo wophondo kodwa akasilalelanga isixwayiso. Igazi lakhe liyoba phezu kwakhe. Ukube ubesilalelile isixwayiso, ubeyosinda.  “ ‘Kodwa uma umlindi ebona inkemba iza bese engalushayi uphondo + nabantu bangasitholi isixwayiso, inkemba ifike ibulale* oyedwa kubo, lowo muntu uyofa ngenxa yesiphambeko sakhe, kodwa igazi lakhe ngiyolifuna kumlindi.’ *+  “Wena ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi endlini ka-Israyeli; lapho uzwa izwi eliphuma emlonyeni wami kumelwe ubanikeze isixwayiso esivela kimi. +  Lapho ngithi komubi, ‘Wena muntu omubi uzofa nakanjani!’ + kodwa wena ungakhulumi uxwayise omubi ukuba ashintshe indlela yakhe, uyofa engumuntu omubi ngenxa yesono sakhe, + kodwa igazi lakhe ngiyolifuna kuwe.  Kodwa uma umxwayisa omubi ukuba ashintshe indlela yakhe yena angayishintshi, omubi uyofa ngenxa yesono sakhe, + kodwa wena nakanjani uyokusindisa ukuphila kwakho. + 10  “Wena ndodana yomuntu yithi endlini ka-Israyeli, ‘Nina nithe: “Ukuvukela kwethu nezono zethu kuyasisinda, kusenza sizace; + sizoqhubeka kanjani-ke siphila?” ’ + 11  Ubothi kubo, ‘ “Ngiyafunga,” kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, “Angijabuli ngokufa komuntu omubi, + kodwa ngijatshuliswa ukuba omubi ashintshe indlela yakhe, + aqhubeke ephila. + Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi, + kungani kufanele nife nina ndlu ka-Israyeli?” ’ + 12  “Wena ndodana yomuntu, yithi emadodaneni abantu bakini, ‘Ukulunga kolungile ngeke kumsindise lapho evukela; + nobubi bomuntu omubi ngeke bumkhube lapho ephenduka ebubini bakhe; + nomuntu olungile ngeke akwazi ukuqhubeka ephila ngenxa yokulunga kwakhe ngosuku ona ngalo. + 13  Lapho ngithi kolungile: “Nakanjani uzoqhubeka uphila,” kodwa yena athembele ekulungeni kwakhe enze okungalungile, *+ asikho nesisodwa isenzo ezenzweni zakhe ezilungile esiyokhunjulwa, kodwa uyofa ngenxa yokungalungile akwenzile. + 14  “ ‘Lapho ngithi komubi: “Nakanjani uzofa,” bese ephenduka esonweni sakhe enze ubulungisa nokulunga, + 15  lo muntu omubi abuyise into eyisibambiso, + abuyisele obekuthathwe ngokuphamba, + ahambe ngemithetho eholela ekuphileni ngokungakwenzi okungalungile, nakanjani uyoqhubeka ephila. + Ngeke afe. 16  Asikho nesisodwa isono ezonweni azenzile ayobalelwa sona. *+ Ngokwenza ubulungisa nokulunga nakanjani uyoqhubeka ephila.’ + 17  “Kodwa abantu bakini bathe, ‘Indlela kaJehova ayinabo ubulungisa,’ kuyilapho empeleni kuyindlela yabo engenabo ubulungisa. 18  “Lapho olungile eshiya ukulunga kwakhe enze okubi, kumelwe afe ngenxa yako. + 19  Kodwa lapho omubi ephenduka ebubini bakhe enze ubulungisa nokulunga, uyoqhubeka ephila ngenxa yokwenza kanjalo. + 20  “Kodwa nina nithe, ‘Indlela kaJehova ayinabo ubulungisa.’ + Ngiyokwahlulela ngamunye wenu ngokuvumelana nezindlela zakhe, nina ndlu ka-Israyeli.” 21  Ekugcineni ngonyaka ka-12, ngenyanga yeshumi, ngosuku lwesihlanu lwenyanga yokudingiswa kwethu, kwafika kimi umuntu owayephunyuke eJerusalema + wathi: “Idolobha lidiliziwe!” + 22  Ngobusuku bangaphambi kokuba kufike lo muntu owayephunyukile, isandla sikaJehova sasibe phezu kwami, wayevule umlomo wami ngaphambi kokufika kwalowo muntu ekuseni. Ngakho umlomo wami wavulwa, ngakwazi ukuphinde ngikhulume. + 23  Ngemva kwalokho izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 24  “Ndodana yomuntu, abantu bakulezi zindawo ezibhuqiwe + bathi ngezwe lakwa-Israyeli, ‘U-Abrahama wayeyedwa kuphela kodwa walithatha leli zwe. + Thina sibaningi, nakanjani izwe linikwe thina ukuba libe ngelethu.’ 25  “Ngakho yithi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Nidla ukudla okunegazi, + amehlo enu niwaphakamisela ezithixweni zenu ezinyanyisayo* futhi niyaqhubeka nichitha igazi. + Pho kungani kufanele izwe kube elenu? 26  Nithembele enkembeni yenu, + nenza imikhuba enengekayo, ngamunye kini ungcolise umfazi kamakhelwane wakhe. + Pho kungani kufanele izwe kube elenu?” ’ + 27  “Yilokhu okufanele ukusho kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngiyafunga ngithi, labo abahlala ezindaweni ezibhuqiwe bayobulawa ngenkemba; labo abasendle ngiyobanikela ezilwaneni zasendle babe ukudla kwazo; kuthi labo abasezindaweni eziqinile nasemihumeni babulawe isifo. + 28  Ngizokwenza izwe libe yihlane eliyincithakalo ngokuphelele, + ukuziqhenya nokuzidla kwalo kuzoqedwa, nezintaba zakwa-Israyeli ziyokwenziwa incithakalo, + kungabi namuntu odlulayo. 29  Bayokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngenza izwe libe yihlane eliyincithakalo ngokuphelele + ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo abazenzile.” ’ + 30  “Wena ndodana yomuntu, abantu bakini bakhuluma ngawe eceleni kwezindonga naseminyango yezindlu. + Bathi komunye nomunye, yilowo nalowo kumfowabo, ‘Wozani, masilalele izwi elivela kuJehova.’ 31  Bazongena kuwe beyisixuku ukuze bahlale phambi kwakho njengabantu bami; bazowezwa amazwi akho kodwa ngeke bawagcine. + Ngoba bayakukhohlisa ngomlomo wabo kodwa inhliziyo yabo ihahela inzuzo yokungathembeki. 32  Bheka! Kubo ufana nengoma yothando, eculwa ngezwi elimtoti idlalwe ngobuciko ensimbini yomculo enezintambo. Bazowezwa amazwi akho, kodwa akekho noyedwa ozowagcina. 33  Lapho egcwaliseka—futhi azogcwaliseka nakanjani—bayokwazi ukuthi bekukhona umprofethi phakathi kwabo.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ibulale umphefumulo.”
Noma, “kodwa ngiyokwenza umlindi alandise ngegazi lakhe.”
Noma, “okungebona ubulungisa.”
NgesiHebheru, “esiyokhunjulwa.”
Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.