UHezekeli 23:1-49

  • Izelamani ezimbili ezingathembekile (1-49)

    • U-Ohola ne-Asiriya (5-10)

    • U-Oholiba neBhabhiloni neGibhithe (11-35)

    • Ukujeziswa kwezelamani ezimbili (36-49)

23  Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:  “Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili ababengamadodakazi omama oyedwa. +  Baba yizifebe eGibhithe; + babefeba kusukela ebusheni babo. Amabele abo apotozwa khona, bephululwa izifuba zobuntombi babo.  Amagama abo kwakungu-Ohola,* omdala, no-Oholiba* udadewabo. Baba ngabami bazala amadodana namadodakazi. Ngokuqondene namagama abo, u-Ohola yiSamariya, + u-Oholiba yiJerusalema.  “U-Ohola waqala ukufeba esengowami. + Wayekhanukela labo ababemkhanukela, + omakhelwane bakhe ama-Asiriya. +  Babengababusi abagqoke okuluhlaza okwesibhakabhaka nababusi abangamaphini—bonke beyizinsizwa ezifiselekayo begibele amahhashi abo.  Waqhubeka efeba nawo wonke amadodana ase-Asiriya ekhethelo, + wazingcolisa ngezithixo ezinyanyisayo* zalabo ayebakhanukela.  Akabuyekanga ubufebe ayebenza eGibhithe ngoba babelale naye ebusheni bakhe, baphulula isifuba sobuntombi bakhe nenkanuko yabo* bayithululela phezu kwakhe. +  Ngakho ngamnikela kulabo abamkhanukelayo, amadodana ase-Asiriya + ayewakhanukele. 10  Bembula ubunqunu bakhe, + bathatha amadodana namadodakazi akhe, + bambulala ngenkemba. Waba nedumela elibi kwabesifazane, bamahlulela. 11  “Lapho udadewabo u-Oholiba ekubona lokho, inkanuko yakhe yaba namandla nakakhulu, ubufebe bakhe babububi kunobukadadewabo. + 12  Wakhanukela omakhelwane bakhe amadodana ase-Asiriya, + ababusi nababusi abangamaphini ababegqoke ubukhazikhazi begibele amahhashi—bonke beyizinsizwa ezifiselekayo. 13  Lapho ezingcolisa, ngabona ukuthi bobabili babehambe ngendlela efanayo. + 14  Waqhubeka enza nezinye izenzo zobufebe. Wabona amadoda eqoshwe odongeni, imifanekiso yamaKhaledi eqoshwe ngokubomvu, 15  ebophe amabhande ezinkalweni, nemishuqulo elengayo emakhanda awo, ebonakala njengamaqhawe, wonke efana nabaseBhabhiloni, ezalelwe ezweni lamaKhaledi. 16  Waqala ukuwakhanukela lapho nje ewabona, wathumela izithunywa kuwo eKhalideya. + 17  Ngakho amadodana aseBhabhiloni ayelokhu efika embhedeni wakhe ukuze alale naye, amngcolisa ngenkanuko yawo.* Ngemva kokuba esemngcolisile, wasuka kuwo enengekile. 18  “Lapho eqhubeka efeba ingcaca embula ubunqunu bakhe, + ngamfulathela nginengekile, njengoba nje ngafulathela udadewabo nginengekile. + 19  Waqhubeka andisa izenzo zakhe zobufebe, + ekhumbula izinsuku zobusha bakhe lapho efeba ezweni laseGibhithe. + 20  Wabakhanukela njengezancinza zamadoda azitho zawo zobulili zinjengezezimbongolo nanomphambili onjengowehhashi. 21  Wawufisa ukuziphatha okungcolile kobusha bakho eGibhithe + lapho bekuphulula isifuba, amabele obusha bakho. + 22  “Ngakho-ke Oholiba, yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Bheka ngivusa izithandwa zakho + owazifulathela unengekile, ngizoziletha zimelane nawe zivela nxazonke, + 23  amadodana aseBhabhiloni + nawo wonke amaKhaledi, + amadoda kaPhekodi, + uShowa noKhowa, kanye nawo wonke amadodana ase-Asiriya. Bonke bayizinsizwa ezifiselekayo, ababusi nababusi abangamaphini, amaqhawe nabakhethwe ngokucophelela,* bonke bagibele amahhashi. 24  Bazokuhlasela ngezinqola zempi ezinomsindo namasondo, ngebutho elikhulu lamasosha, ngehawu elikhulu nelincane nesigqoko sokuzivikela. Bazoma nxazonke zakho, ngizobagunyaza ukuba bakhiphe isahlulelo, bakwahlulele ngendlela ababona ngayo. + 25  Ngizokubonisa intukuthelo yami, bazoba nolaka lapho besebenzelana nawe. Bazosusa ikhala lakho nezindlebe zakho, labo abasele kuwe bayobulawa ngenkemba. Bazothatha amadodana namadodakazi akho, abasele kuwe bazoshwabadelwa umlilo. + 26  Bazokukhumula izingubo zakho + bathathe ubucwebe* bakho obuhle. + 27  Ngizokuqeda konke ukuziphatha kwakho okungcolile nobufebe bakho + obaqala ezweni laseGibhithe. + Ngeke usababuka futhi ngeke uphinde ulikhumbule iGibhithe.’ 28  “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Bheka sengizokunikela kulabo obazondayo, labo owabafulathela unengekile. + 29  Bazoba nenzondo lapho besebenzelana nawe bathathe konke okusebenzele kanzima + bakushiye uhamba-ze futhi unqunu. Ubunqunu obuyihlazo bokuziphatha kabi kwakho nokuziphatha kwakho okungcolile nobufebe bakho kuzokwambulwa. + 30  Kuzokwenziwa lezi zinto kuwe ngenxa yokuthi ulandele izizwe njengesifebe, + ngenxa yokuthi uzingcolise ngezithixo zabo ezinyanyisayo. + 31  Uhambe ezindleleni zikadadewenu, + ngizobeka indebe yakhe esandleni sakho.’ + 32  “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Uzophuza indebe kadadewenu, ejulile nebanzi, +Abantu bazokuhleka bakwenze inhlekisa, okuyinto egcwele kule ndebe. + 33  Ukudakwa nosizi kuzokwehlula,Indebe yokwesaba nembubhiso,Indebe kadadewenu iSamariya. 34  Kuyodingeka uyiphuze uyiminye, + uququde izindengezi zayoUhluthule amabele akho. “Ngoba mina ngikhulumile,” kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’ 35  “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngenxa yokuthi ungikhohliwe wangishaya indiva ngokuphelele, + uyothwala imiphumela yokuziphatha kwakho okungcolile nezenzo zakho zobufebe.’ ” 36  UJehova wabe esethi kimi: “Ndodana yomuntu, uzobahlulela yini o-Ohola no-Oholiba + ubatshele imikhuba yabo enyanyekayo? 37  Baphingile, *+ kukhona igazi ezandleni zabo. Abagcinanga nje ngokuphinga nezithixo zabo ezinyanyisayo, kodwa amadodana abo abangizalele wona bawashise emlilweni aba ukudla kwezithixo zabo. + 38  Ngaphezu kwalokho, yilokhu abakwenzile kimi: Bangcolise indlu yami engcwele ngalolo suku, bangcolisa namasabatha ami. 39  Ngemva kokuba sebehlabe amadodana abo aba imihlatshelo yezithixo zabo ezinyanyisayo, + bangena endlini yami engcwele ngalolo suku ukuze bayingcolise. + Yilokho abakwenza endlini yami. 40  Baze bathumela isithunywa ukuba siyobiza amadoda avela kude. + Lapho eza, wageza wapenda amehlo akho wazihlobisa ngezinto zokuhloba. + 41  Wahlala phansi phezu kukasofa omuhle kakhulu, + kunetafula elidekiwe phambi kwawo, + owabeka kulo impepho yami + namafutha ami. + 42  Kwezwakala lapho umsindo wesixuku samadoda akhululekile, okwakukhona kuso izidakwa zivela ehlane. Bafaka amabhengela ezandleni zabesifazane babeka nemiqhele emihle emakhanda abo. 43  “Ngabe sengithi ngalowo owayesegugiswe ukuphinga: ‘Manje uzoqhubeka nobufebe bakhe.’ 44  Babelokhu beya kuye, njengoba nje umuntu eya esifebeni. Baya ngaleyo ndlela ku-Ohola naku-Oholiba, abesifazane abaziphatha kabi. 45  Kodwa amadoda alungile azomnikeza isahlulelo esifanele ngenxa yokuphinga kwakhe + nokuchitha igazi; + ngoba bayiziphingi, kukhona igazi ezandleni zabo. + 46  “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Kuzolethwa ibutho elizomelana nabo ukuze benziwe into eyethusayo kubantu futhi kuphangwe impahla yabo. + 47  Ibutho lizobajikijela ngamatshe, + libanqume ngezinkemba zalo. + Lizobulala amadodana namadodakazi abo, izindlu zabo lizishise ngomlilo. + 48  Ngizokuqeda ukuziphatha okungcolile ezweni, bonke abesifazane bazofunda isifundo bangalingisi ukuziphatha kwenu okungcolile. + 49  Bayoletha kini imiphumela yokuziphatha kwenu okungcolile neyokona kwenu nezithixo zenu ezinyanyisayo; niyokwazi ukuthi ngiyiNkosi EnguMbusi uJehova.’ ” +

Imibhalo yaphansi

Incazelo: “Itende Lami Likuye.”
Incazelo: “Itende Lakhe.”
Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.
Noma, “nokuziphatha kabi ngokocansi.”
Noma, “ngokuziphatha kabi ngokocansi.”
NgesiHebheru, “nababiziwe.”
Noma, “okokuhloba.”
Okuwukuthi, ukuphinga ngokomoya.