UHezekeli 2:1-10
2 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu,* sukuma ume ngezinyawo ukuze ngikhulume nawe.” +
2 Ngesikhathi ekhuluma nami, umoya wangena kimi wangenza ngama ngezinyawo + ukuze ngizwe Lowo owayekhuluma nami.
3 Wabe esethi kimi: “Ndodana yomuntu, ngikuthuma kubantu bakwa-Israyeli, + ezizweni ezidlubulundayo eziye zadlubulunda kimi. + Bona nokhokho babo bonile kimi kuze kube namuhla. +
4 Ngikuthuma emadodaneni adelelayo nanezinhliziyo ezilukhuni, + kumelwe uthi kuwo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo.’
5 Kodwa bona, kungakhathaliseki ukuthi bayalalela noma cha—ngoba bangabantu abadlubulundayo +—nakanjani bayokwazi ukuthi umprofethi ubephakathi kwabo. +
6 “Kodwa wena ndodana yomuntu ungabesabi, + ungawesabi amazwi abo ngisho noma uzungezwe ameva *+ futhi uhlala phakathi kofezela. Ungawesabi amazwi abo + futhi ungethuswa ubuso babo, + ngoba bangabantu abadlubulundayo.
7 Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bayalalela noma cha, ngoba bayadlubulunda. +
8 “Kodwa wena ndodana yomuntu, lalela lokho engikutshela kona. Ungadlubulundi njengalaba bantu abadlubulundayo. Vula umlomo wakho udle engikunika kona.” +
9 Lapho ngibuka, ngabona isandla selulelwe kimi, + ngabona umqulu obhaliwe* kuso. +
10 Lapho ewuvula phambi kwami, wawubhalwe ngemuva nangaphambili. + Kuwo kwakubhalwe izingoma zokulila, nezinto ezazenza abantu bakhale futhi baklabalase. +
Imibhalo yaphansi
^ “Ndodana yomuntu”; le nkulumo evela izikhathi ezingu-93 encwadini kaHezekeli ivela okokuqala.
^ Noma kungaba, “ngisho noma abantu benenkani futhi befana nezinto ezikuhlabayo.”
^ Noma, “umqulu wencwadi.”