UHezekeli 8:1-18
8 Ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwenyanga, lapho ngihlezi endlini yami futhi amadoda amadala akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi EnguMbusi uJehova sangibamba.
2 Njengoba ngangibhekile, ngabona okuthile okusamuntu okubukeka njengomlilo; kwakukhona umlilo ngezansi kwalokho okwakubonakala kunjengokhalo lwakhe, + kusukela okhalweni lwakhe kuya phezulu wayekhanya njengegolide elixutshwe nesiliva. +
3 Wabe eselula okwakubonakala kuyisandla wangibamba ngezinwele zekhanda lami, umoya wangithwala phakathi komhlaba namazulu wangiyisa eJerusalema ngemibono kaNkulunkulu, emnyango wesango elingaphakathi + elibheke enyakatho lapho kwakumi khona umfanekiso* wokukhonza izithombe othukuthelisa uNkulunkulu. *+
4 Bheka! Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayilapho, + injengokubonakala engangikubone ethafeni. +
5 Wabe esethi kimi: “Ndodana yomuntu, ngicela uphakamisele amehlo akho ngasenyakatho.” Ngakho ngawaphakamisela ngasenyakatho amehlo ami, enyakatho yesango le-altare kwakukhona lo mfanekiso* othukuthelisa uNkulunkulu esangweni.
6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyazibona yini izinto ezishaqisayo nezinengekayo ezenziwa yindlu ka-Israyeli lapha, + izinto ezingidedisela kude nendlu yami engcwele? + Kodwa uzobona izinto ezinengekayo ezishaqisa nakakhulu.”
7 Ngemva kwalokho wangiyisa emnyango wegceke, lapho ngibuka, ngabona imbobo odongeni.
8 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngicela ulubhoboze udonga.” Ngalubhoboza udonga, ngabona indawo yokungena.
9 Wathi kimi: “Ngena ubone izinto ezimbi ezinengekayo abazenzayo lapha.”
10 Ngakho ngangena ngabuka, ngabona zonke izinhlobo zezithombe zezinto ezinwabuzelayo nezilwane ezinyanyekayo + nazo zonke izithixo ezinyanyekayo* zendlu ka-Israyeli; + zaziqoshwe nxazonke zodonga.
11 Phambi kwazo kwakumi amadoda amadala angu-70 endlu ka-Israyeli, uJahazaniya indodana kaShafani + emi phakathi kwawo. Ngayinye yayiphethe isitsha sempepho, kwenyuka ifu elinamakha lempepho. +
12 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubona yini okwenziwa amadoda amadala endlu ka-Israyeli ebumnyameni, ngamunye wawo emakamelweni angaphakathi okubekwe kuwo izithixo zakhe? Ngoba athi, ‘UJehova akasiboni. UJehova ulishiyile izwe.’ ” +
13 Wabe esethi kimi: “Uzobona izinto ezinengekayo ezishaqisa nakakhulu azenzayo.”
14 Ngakho wangiyisa esangweni elingasenyakatho lendlu kaJehova, lapho ngabona abesifazane behlezi bekhalela unkulunkulu uTamuzi.
15 Wabuye wathi kimi: “Uyakubona yini lokhu ndodana yomuntu? Uzobona izinto ezinengekayo ezishaqisa nakakhulu kunalezi.” +
16 Ngakho wangiyisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova. + Laphaya emnyango wethempeli likaJehova, phakathi kompheme ne-altare, kwakukhona amadoda angaba ngu-25 efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubheke empumalanga; ayekhothamela ilanga empumalanga. +
17 Wathi kimi: “Uyakubona yini lokhu ndodana yomuntu? Ingabe kuyinto ewubala ukuthi indlu kaJuda yenza lezi zinto ezinengekayo, ukuthi igcwalisa izwe ngobudlova, + iqhubeka nokungicasula? Awubheke manje ifaka igatsha* ekhaleni lami.
18 Ngenxa yalokho nami ngizobonisa ulaka lwami. Iso lami ngeke libe nesihawu; ngeke ngibe naluzwela. + Noma bangamemeza bakhale kakhulu, ngeke ngibezwe.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isithixo.”
^ NgesiHebheru, “womhawu wokukhonza izithombe ovusa umhawu.”
^ Noma, “lesi sithixo.”
^ Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.
^ Ngokusobala igatsha elalisetshenziselwa ukukhulekela izithombe.