UHezekeli 12:1-28
12 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
2 “Ndodana yomuntu, uhlala endlini edlubulundayo. Banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa kodwa abezwa, + ngoba bayindlu edlubulundayo. +
3 Wena ndodana yomuntu, zenzele umthwalo ozoya nawo ekudingisweni. Bese kuthi emini lapho bebuka uye ekudingisweni. Iya ekudingisweni usuke endlini yakho uye kwenye indawo lapho bebuka. Mhlawumbe bazonaka nakuba beyindlu edlubulundayo.
4 Khipha umthwalo wakho opakishelwe ukuya ekudingisweni emini lapho bebuka, bese kuthi kusihlwa lapho bebuka uhambe njengomuntu oyiswa ekudingisweni. +
5 “Lapho bebuka, bhoboza imbobo odongeni, ukhiphe izimpahla zakho ngayo. +
6 Ngesikhathi bebuka, tshatha izimpahla zakho ehlombe uzikhiphe ngobumnyama. Mboza ubuso bakho ukuze ungawuboni umhlaba ngoba ngikwenza ibika endlini ka-Israyeli.” +
7 Ngenza njengoba nje ngangiyaliwe. Emini ngawukhipha umthwalo wami njengokungathi ngiya ekudingisweni, kusihlwa ngabhoboza imbobo odongeni ngesandla. Lapho sekumnyama ngakhipha izimpahla zami, ngazitshatha ehlombe bebuka.
8 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi ekuseni, lithi:
9 “Ndodana yomuntu, indlu ka-Israyeli, indlu edlubulundayo, ayikubuzanga yini ukuthi, ‘Wenzani?’
10 Yithi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Lesi simemezelo sithinta isikhulu + eJerusalema nayo yonke indlu ka-Israyeli ephakathi kwedolobha.” ’
11 “Yithi, ‘Ngiyibika kini. + Njengoba nje ngenzile, kuyokwenziwa kanjalo kubo. Bayoya ekudingisweni, ekuthunjweni. +
12 Isikhulu esiphakathi kwabo siyotshatha izimpahla zaso ehlombe sihambe ngobumnyama. Siyobhoboza imbobo odongeni sikhiphe ngayo izimpahla zaso. + Siyomboza ubuso baso ukuze singawuboni umhlaba.’
13 Ngiyokwelulela inethi lami kuso, sibanjwe inethi lami lokuzingela. + Ngiyobe sengisiletha eBhabhiloni, ezweni lamaKhaledi, kodwa ngeke silibone; siyofela khona. +
14 Bonke abasizungezile, abasisizayo namaviyo aso empi, ngiyobahlakazela kuzo zonke izindawo; + ngiyohosha inkemba ngibajahe. +
15 Bayokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngibasakazela phakathi kwezizwe futhi ngibahlakazela phakathi kwamazwe.
16 Abambalwa kubo ngiyobasindisa enkembeni, endlaleni nasesifweni esiwumshayabhuqe ukuze baxoxele izizwe abayoya kuzo ngayo yonke imikhuba yabo enengekayo; bayokwazi ukuthi nginguJehova.”
17 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
18 “Ndodana yomuntu, kufanele udle isinkwa sakho ngokuthuthumela, uphuze amanzi akho ngokwesaba nangokukhathazeka. +
19 Yithi kubantu bezwe, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo kwabakhe eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli: “Bayodla isinkwa sabo ngokukhathazeka, baphuze amanzi abo ngokwesaba okukhulu, ngoba izwe labo liyobhujiswa ngokuphelele + ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo. +
20 Amadolobha ahlala abantu ayobhujiswa, izwe libe ihlane eliyincithakalo; + niyokwazi ukuthi nginguJehova.” ’ ” +
21 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
22 “Ndodana yomuntu, siyini lesi saga eninaso kwa-Israyeli, nithi, ‘Izinsuku ziyadlula, yonke imibono ayigcwaliseki’? +
23 Ngakho yithi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngiyobangela ukuba lesi saga siphele futhi ngeke besasisebenzisa njengesaga kwa-Israyeli.” ’ Kodwa yithi kubo, ‘Izinsuku sezisondele, + yonke imibono izogcwaliseka.’
24 Ngoba ngeke usaba khona umbono wamanga noma ukubhula okukhohlisayo phakathi kwendlu ka-Israyeli. +
25 ‘ “Ngoba mina Jehova ngizokhuluma. Noma yini engiyikhulumayo iyokwenziwa ngaphandle kokulibala. + Ezinsukwini zakho, + O wena ndlu edlubulundayo, ngiyokhuluma izwi futhi ngiligcine,” kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’ ”
26 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
27 “Ndodana yomuntu yilokhu okushiwo abantu* bakwa-Israyeli, ‘Umbono awubonayo uyogcwaliseka ngemva kwesikhathi eside kusukela manje futhi uprofetha ngesikhathi esisekude kakhulu.’ +
28 Ngakho yithi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “ ‘Engikushoyo kuyokwenziwa ngokushesha; noma yini engiyishoyo iyokwenziwa,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.” ’ ”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “indlu.”