UHezekeli 12:1-28

  • Ukudingiswa kubikezelwa ngezenzo ezingokomfanekiso (1-20)

    • Umthwalo wasekudingisweni (1-7)

    • Isikhulu siyohamba ngobumnyama (8-16)

    • Isinkwa sokukhathazeka, amanzi okwesaba (17-20)

  • Isaga esikhohlisayo asibanga iqiniso (21-28)

    • “Engikushoyo kuyokwenziwa ngokushesha” (28)

12  Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:  “Ndodana yomuntu, uhlala endlini edlubulundayo. Banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa kodwa abezwa, + ngoba bayindlu edlubulundayo. +  Wena ndodana yomuntu, zenzele umthwalo ozoya nawo ekudingisweni. Bese kuthi emini lapho bebuka uye ekudingisweni. Iya ekudingisweni usuke endlini yakho uye kwenye indawo lapho bebuka. Mhlawumbe bazonaka nakuba beyindlu edlubulundayo.  Khipha umthwalo wakho opakishelwe ukuya ekudingisweni emini lapho bebuka, bese kuthi kusihlwa lapho bebuka uhambe njengomuntu oyiswa ekudingisweni. +  “Lapho bebuka, bhoboza imbobo odongeni, ukhiphe izimpahla zakho ngayo. +  Ngesikhathi bebuka, tshatha izimpahla zakho ehlombe uzikhiphe ngobumnyama. Mboza ubuso bakho ukuze ungawuboni umhlaba ngoba ngikwenza ibika endlini ka-Israyeli.” +  Ngenza njengoba nje ngangiyaliwe. Emini ngawukhipha umthwalo wami njengokungathi ngiya ekudingisweni, kusihlwa ngabhoboza imbobo odongeni ngesandla. Lapho sekumnyama ngakhipha izimpahla zami, ngazitshatha ehlombe bebuka.  Izwi likaJehova laphinde lafika kimi ekuseni, lithi:  “Ndodana yomuntu, indlu ka-Israyeli, indlu edlubulundayo, ayikubuzanga yini ukuthi, ‘Wenzani?’ 10  Yithi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Lesi simemezelo sithinta isikhulu + eJerusalema nayo yonke indlu ka-Israyeli ephakathi kwedolobha.” ’ 11  “Yithi, ‘Ngiyibika kini. + Njengoba nje ngenzile, kuyokwenziwa kanjalo kubo. Bayoya ekudingisweni, ekuthunjweni. + 12  Isikhulu esiphakathi kwabo siyotshatha izimpahla zaso ehlombe sihambe ngobumnyama. Siyobhoboza imbobo odongeni sikhiphe ngayo izimpahla zaso. + Siyomboza ubuso baso ukuze singawuboni umhlaba.’ 13  Ngiyokwelulela inethi lami kuso, sibanjwe inethi lami lokuzingela. + Ngiyobe sengisiletha eBhabhiloni, ezweni lamaKhaledi, kodwa ngeke silibone; siyofela khona. + 14  Bonke abasizungezile, abasisizayo namaviyo aso empi, ngiyobahlakazela kuzo zonke izindawo; + ngiyohosha inkemba ngibajahe. + 15  Bayokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngibasakazela phakathi kwezizwe futhi ngibahlakazela phakathi kwamazwe. 16  Abambalwa kubo ngiyobasindisa enkembeni, endlaleni nasesifweni esiwumshayabhuqe ukuze baxoxele izizwe abayoya kuzo ngayo yonke imikhuba yabo enengekayo; bayokwazi ukuthi nginguJehova.” 17  Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 18  “Ndodana yomuntu, kufanele udle isinkwa sakho ngokuthuthumela, uphuze amanzi akho ngokwesaba nangokukhathazeka. + 19  Yithi kubantu bezwe, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo kwabakhe eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli: “Bayodla isinkwa sabo ngokukhathazeka, baphuze amanzi abo ngokwesaba okukhulu, ngoba izwe labo liyobhujiswa ngokuphelele + ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo. + 20  Amadolobha ahlala abantu ayobhujiswa, izwe libe ihlane eliyincithakalo; + niyokwazi ukuthi nginguJehova.” ’ ” + 21  Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 22  “Ndodana yomuntu, siyini lesi saga eninaso kwa-Israyeli, nithi, ‘Izinsuku ziyadlula, yonke imibono ayigcwaliseki’? + 23  Ngakho yithi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngiyobangela ukuba lesi saga siphele futhi ngeke besasisebenzisa njengesaga kwa-Israyeli.” ’ Kodwa yithi kubo, ‘Izinsuku sezisondele, + yonke imibono izogcwaliseka.’ 24  Ngoba ngeke usaba khona umbono wamanga noma ukubhula okukhohlisayo phakathi kwendlu ka-Israyeli. + 25  ‘ “Ngoba mina Jehova ngizokhuluma. Noma yini engiyikhulumayo iyokwenziwa ngaphandle kokulibala. + Ezinsukwini zakho, + O wena ndlu edlubulundayo, ngiyokhuluma izwi futhi ngiligcine,” kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’ ” 26  Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 27  “Ndodana yomuntu yilokhu okushiwo abantu* bakwa-Israyeli, ‘Umbono awubonayo uyogcwaliseka ngemva kwesikhathi eside kusukela manje futhi uprofetha ngesikhathi esisekude kakhulu.’ + 28  Ngakho yithi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “ ‘Engikushoyo kuyokwenziwa ngokushesha; noma yini engiyishoyo iyokwenziwa,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.” ’ ”

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “indlu.”