UHezekeli 7:1-27
7 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
2 “Wena ndodana yomuntu, yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo ezweni lakwa-Israyeli: ‘Ukuphela! Ukuphela kufikile emakhoneni womane ezwe.
3 Manje ukuphela kukufikele, ngizoyikhiphela kuwe intukuthelo yami, ngikwahlulele ngokwezindlela zakho, ngikwenze ulandise ngazo zonke izenzo zakho ezinengekayo.
4 Iso lami ngeke likuhawukele; ngeke ngibe naluzwela, + ngoba ngizokuvuza ngokwezindlela zakho, uzobhekana nemiphumela yezenzo zakho ezinengekayo. + Uzokwazi ukuthi nginguJehova.’ +
5 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Bheka! Kuza inhlekelele, inhlekelele engavamile. +
6 Ukuphela kuyeza; ukuphela kuzofika; kuzovuka kumelane nawe. Bheka! Kuyeza.
7 Ithuba lakho* selifikile, wena ohlala ezweni. Isikhathi siyeza, usuku lusondele. + Kukhona ukudideka, hhayi ukumemeza ngenjabulo ezintabeni.
8 “ ‘Maduze nje ngizothululela ulaka lwami kuwe, + ngizoyikhiphela kuwe yonke intukuthelo yami, + ngikwahlulele ngokwezindlela zakho, ngikwenze ulandise ngazo zonke izenzo zakho ezinengekayo.
9 Iso lami ngeke libe nesihawu; ngeke ngibe naluzwela. + Ngizokuvuza ngokwezindlela zakho, uyobhekana nemiphumela yezenzo zakho ezinengekayo. Uzokwazi ukuthi mina Jehova ngiyakushaya. +
10 “ ‘Usuku luyeza! Luseduze! + Ithuba lakho* selifikile; induku yokukujezisa isilungile nokugabadela kuhlumile.
11 Ubudlova bandile baba induku yobubi. + Akekho ozosinda kubo, ngeke kusinde ngisho nengcebo yabo, izixuku zabo nokuvelela kwabo.
12 Isikhathi sizofika, nosuku luzofika. Umthengi makangajabuli, nomthengisi makangalili, ngoba kukhona ulaka olumelene naso sonke isixuku sabo. *+
13 Ngoba umthengisi ngeke abuyele kokwathengiswa ngisho noma ukuphila kwakhe kusindiswa, ngoba umbono umelene naso sonke isixuku. Akekho oyobuya, futhi ngenxa yesiphambeko sakhe,* akekho oyosindisa ukuphila kwakhe.
14 “ ‘Bashaye icilongo, + wonke umuntu umi ngomumo, kodwa akukho muntu oya empini, ngoba ulaka lwami lumelene naso sonke isixuku. +
15 Ngaphandle kunenkemba, + ngaphakathi kunesifo esiwumshayabhuqe nendlala. Noma ubani osendle uyobulawa ngenkemba, abasedolobheni bayobulawa yindlala nesifo esiwumshayabhuqe. +
16 Abasindile kubo abakwaziyo ukuphunyuka bayoya ezintabeni, ngamunye uyolila ngenxa yesiphambeko sakhe njengamajuba asezigodini. +
17 Zonke izandla zabo ziyoyetha, wonke amadolo abo ayoconsa amanzi. *+
18 Bagqoke indwangu yesaka + futhi bayaqhaqhazela. Wonke umuntu uyohlaziswa nawo wonke amakhanda ayoba nempandla. *+
19 “ ‘Bayophonsa isiliva labo emigwaqweni, bayolenyanya igolide labo. Isiliva labo negolide labo ngeke kukwazi ukubasindisa ngosuku lolaka lukaJehova. + Ngeke baneliseke, ngeke bakwazi nokugcwalisa izisu zabo, ngoba kube* isikhubekiso esibabangela ukuba bone.
20 Baziqhenya ngobuhle bemihlobiso yabo, benza ngayo* imifanekiso enengekayo, izithixo zabo ezinyanyekayo. + Yingakho ngizokwenza isiliva labo negolide labo kube izinto ezenyanyekayo kubo.
21 Ngizokunika* izifiki ukuze zikuphange, ngikunike nabantu ababi bomhlaba ukuze kube impahla ephangiwe, futhi bayokungcolisa.
22 “ ‘Ngiyobufulathelisa ubuso bami kubo, + bayoyingcolisa indawo yami ecashile,* abaphangi bayongena kuyo bayingcolise. +
23 “ ‘Yenza iketanga *+ ngoba izwe ligcwele ukwahlulela okuchaphazelwe igazi + nedolobha ligcwele ubudlova. +
24 Ngiyoletha abantu ababi kunabo bonke bezizwe, + bathathe izindlu zabo, + ngiyokuqeda ukuqhosha kwabanamandla, nezindlu zabo ezingcwele ziyongcoliswa. +
25 Lapho befikelwa ubuhlungu, bayofuna ukuthula kodwa kuyobe kungekho. +
26 Kuyofika inhlekelele phezu kwenhlekelele, umbiko emva komunye, abantu bayofuna umbono kumprofethi, + kodwa umthetho* wompristi neseluleko samadoda amadala ngeke kusaba usizo. +
27 Inkosi iyolila + nesikhulu siyoba lusizi,* izandla zabantu bezwe ziyoqhaqhazela ngenxa yokwesaba. Ngiyobaphatha ngokwezindlela zabo, ngibahlulele ngendlela abahlulele ngayo. Bayokwazi ukuthi nginguJehova.’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “Umqhele wakho wezimbali.”
^ Noma kungaba, “Umqhele wakho wezimbali.”
^ Okuwukuthi, abathenga umhlaba noma abawuthengisayo ngeke bazuze ngoba bonke bayobhujiswa.
^ Noma kungaba, “ngesiphambeko sakhe.”
^ Okuwukuthi, bayozichamela ngenxa yokwesaba.
^ Okuwukuthi, amakhanda abo ayogundwa ngoba belila.
^ Okuwukuthi, isiliva labo negolide labo.
^ Okuwukuthi, izinto zabo zegolide nezesiliva.
^ Okuwukuthi, isiliva labo negolide labo okwakwenziwa ngako izithixo.
^ Kubonakala sengathi kubhekiselwa endaweni engaphakathi yendlu engcwele kaJehova.
^ Okuwukuthi, amaketanga eziboshwa.
^ Noma, “isiqondiso.”
^ Noma, “siyokwenziwa incithakalo.”