UHezekeli 30:1-26
30 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
2 “Ndodana yomuntu, profetha uthi, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Hewulani nithi, ‘Maye usuku luyeza!’
3 Ngoba usuku luseduze, yebo, usuku lukaJehova luseduze. +
Luyoba usuku lwamafu, + isikhathi esimisiwe sezizwe. +
4 Kuyofika inkemba imelane neGibhithe, iTopiya liyofikelwa ukwesaba lapho kubulawa abantu eGibhithe;Umcebo walo uthathiwe nezisekelo zalo zidiliziwe. +
5 ITopiya, + iPhuthi, + iLudi nabo bonke abantu abayingxubevange,*IKhubi kanye namadodana ezwe lesivumelwano,*Bonke bayowa ngenkemba.” ’
6 Yilokhu uJehova akushoyo:
‘Abasekeli beGibhithe nabo bayokuwa,Namandla alo eliziqhenya ngawo ayokwehliswa.’ +
“ ‘Kusukela eMigidoli + kuya eSiyene + bayokuwa ngenkemba ezweni,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.
7 ‘Bayokwenziwa izwe eliyincithakalo kunawo wonke amazwe, amadolobha akhona ayoba incithakalo kunawo wonke amadolobha. +
8 Bayokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngokhela umlilo eGibhithe nabo bonke abasizi balo beqothulwa.
9 Ngalolo suku ngiyothumela izithunywa ngemikhumbi ukuze iTopiya elizethembayo lithuthumele; bayobanjwa ukwesaba ngosuku oluyofikela iGibhithe, ngoba luyofika nakanjani.’
10 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngiyoqeda isixuku saseGibhithe ngesandla sikaNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni. +
11 Yena namasosha akhe, abanonya kunabo bonke ezizweni, + bayolethwa ezweni ukuze balibhubhise. Bayohoshela iGibhithe izinkemba bagcwalise izwe ngababulewe. +
12 Ngiyokwenza imisele yeNayile + ibe umhlabathi owomile ngithengise izwe esandleni sabantu ababi. Ngiyokwenza izwe nakho konke okukulo kube incithakalo ngesandla sezifiki. + Mina Jehova ngikhulumile.’
13 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngiyobhubhisa nezithixo ezinyanyisayo* ngiqede onkulunkulu abangasizi ngalutho baseNofi. *+ Ngeke kusaba khona isikhulu ezweni laseGibhithe, ngiyofaka ukwesaba ezweni laseGibhithe. +
14 Ngiyokwenza iPhatirosi + libe incithakalo ngokhele umlilo eZowani ngahlulele iNo. *+
15 Ngiyothululela ulaka lwami eSini, inqaba yeGibhithe, ngibhubhise abantu baseNo.
16 Ngiyokokhela umlilo eGibhithe; iSini liyobanjwa ukwesaba, iNo liyobhodlozwa, neNofi* liyohlaselwa emini bebade!
17 Izinsizwa zase-Oni* nasePhibeseti ziyokuwa ngenkemba, amadolobha ayothunjwa.
18 Kuyoba mnyama emini eThehafinehesi lapho ngiphula imigoqo yejoka laseGibhithe khona. + Amandla alo eliziqhenya ngawo ayophela, + limbozwe amafu, amadolobhana alo ayothunjwa. +
19 Ngiyokhipha isahlulelo ngeGibhithe, bayokwazi ukuthi nginguJehova.’ ”
20 Ngonyaka ka-11, ngenyanga yokuqala, ngosuku lwesikhombisa lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lithi:
21 “Ndodana yomuntu, ngiyiphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibhithe; ngeke iboshwe ukuze yelapheke noma ibhandishwe ukuze ibe namandla okubamba inkemba.”
22 “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Bheka ngimelene noFaro inkosi yaseGibhithe, + ngiyoziphula izingalo zakhe, + enamandla kanye nephukile, ngiyokwenza ukuba inkemba iwe esandleni sakhe. +
23 Ngiyobe sengihlakazela abaseGibhithe ezizweni, ngibahlakazele emazweni. +
24 Ngiyoziqinisa izingalo* zenkosi yaseBhabhiloni + ngibeke inkemba yami esandleni sayo, + ngiziphule izingalo zikaFaro, uyobubula kakhulu njengomuntu ofayo phambi kwayo.*
25 Ngiyoziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhiloni, kodwa izingalo zikaFaro ziyokuwa; bayokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBhabhiloni futhi iyelulela ezweni laseGibhithe. +
26 AbaseGibhithe ngiyobahlakazela ezizweni, ngibahlakazele emazweni, + bayokwazi ukuthi nginguJehova.’ ”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bonke abavela kwezinye izizwe.”
^ Kungenzeka kubhekiselwa kuma-Israyeli ayesizana nabaseGibhithe.
^ NgesiHebheru, “sikaNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ Noma, “baseMemfisi.”
^ Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.
^ Okuwukuthi, iThebesi.
^ Noma, “neMemfisi.”
^ Okuwukuthi, zaseHeliyopholisi.
^ Noma, “Ngizokwandisa amandla.”
^ Okuwukuthi, phambi kwenkosi yaseBhabhiloni.

