UHezekeli 29:1-21

  • Isiprofetho ngokumelene noFaro (1-16)

  • IGibhithe lizonikelwa eBhabhiloni libe imbuyiselo (17-21)

29  Ngonyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku luka-12 lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lithi: 2  “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibhithe, uprofethe ngokumelene naye nangokumelene nalo lonke iGibhithe. + 3  Yisho la mazwi: ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Bheka ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibhithe, +Isilwane esikhulu sasolwandle esilele phakathi kwemifudlana yaso yeNayile, *+Esithe, ‘UMfula wami iNayile ungowami. Ngizenzele wona.’ +  4  Ngizofaka amahhuku emihlathini yakho ngibangele ukuba izinhlanzi eziseNayile yakho zinamathele emazengeni akho. Ngizokukhuphula ngikukhiphe eNayile yakho kanye nazo zonke izinhlanzi eziseNayile ezinamathele emazengeni akho.  5  Ngizokushiya ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zeNayile yakho. Uzowela endle, ngeke ubuthwe noma uqoqelwe ndawonye. + Ngizokunikela ezilwaneni zasendle zomhlaba nasezinyonini ezisesibhakabhakeni ukuba zikudle. +  6  Bonke abakhe eGibhithe bayokwazi ukuthi nginguJehova,Ngoba babengaselona usizo endlini ka-Israyeli njengoba nje kwakunjalo ngomhlanga. +  7  Lapho bekubamba ngesandla wafohloka,Wabangela ukuba balimaze ihlombe labo. Lapho bencika kuwe, waphuka,Wabangela ukuba imilenze* yabo ixegezele.” + 8  “‘Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Bheka ngiletha inkemba phezu kwakho, + ngizonquma kuwe kokubili umuntu nesilwane. 9  Izwe laseGibhithe liyoba ihlane nendawo eyincithakalo; + bayokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba uthe,* ‘UMfula iNayile ungowami; yimina owenzile.’ + 10  Ngakho ngimelene nawe neNayile yakho, ngizokwenza izwe laseGibhithe libe incithakalo futhi lome, ugwadule oluqothuliwe, + kusukela eMigidoli + kuye eSiyene + kuze kufike emngceleni weTopiya. 11  Ngeke kudabule kulo umuntu noma imfuyo, + ngeke kuhlale muntu kulo iminyaka engu-40. 12  Ngizokwenza izwe laseGibhithe libe yizwe eliyihlane kunawo wonke, amadolobha akhona ayoba yihlane ukwedlula wonke amanye amadolobha iminyaka engu-40; + abaseGibhithe ngizobahlakazela ezizweni, ngibahlakazele emazweni.” + 13  “ ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ekupheleni kweminyaka engu-40 ngiyobaqoqela ndawonye abaseGibhithe babuye ezizweni abayobe behlakazekele kuzo; + 14  ngiyozibuyisa izithunjwa zaseGibhithe, ngiyozibuyisela ezweni lasePhatirosi, + ezweni ezidabuka kulo, lapho ziyoba umbuso ongabalulekile. 15  IGibhithe liyoba phansi kuneminye imibuso, ngeke lisaba namandla phezu kwezinye izizwe, + ngiyolenza libe lincane kakhulu kangangokuba ngeke likwazi ukunqoba ezinye izizwe. + 16  IGibhithe ngeke liphinde lethenjwe yindlu ka-Israyeli, + kodwa liyomane liyikhumbuze ngephutha layo lokuphendukela kwabaseGibhithe ukuze ithole usizo. Bayokwazi ukuthi ngiyiNkosi EnguMbusi uJehova.” ’ ” 17  Kwathi ngonyaka ka-27, ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lithi: 18  “Ndodana yomuntu, uNebukhadinezari *+ inkosi yaseBhabhiloni wenza ukuba ibutho lakhe lempi lisebenze kanzima ngokumelene neThire. + Wonke amakhanda aba yizimpandla, wonke amahlombe akhuhlwa aphucuka. Kodwa yena nebutho lakhe lempi abayitholanga inkokhelo ngomsebenzi onzima awenza eThire. 19  “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo, ‘Bheka nginika uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni + izwe laseGibhithe, uzothatha umcebo walo athathe nempahla yalo eningi aliphange; kuzoba inkokhelo yebutho lakhe lempi.’ 20  “ ‘Ngizomnika izwe laseGibhithe njengembuyiselo yomsebenzi wakhe onzima ngokumelene nalo,* ngoba bathatha isinyathelo ngenxa yami,’ + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova. 21  “Ngalolo suku ngiyobangela ukuba indlu ka-Israyeli ihlunyelwe uphondo, *+ ngiyokunika ithuba lokukhuluma phakathi kwayo; bayokwazi ukuthi nginguJehova.”

Imibhalo yaphansi

^ Lapha nangezansi, elithi “Nayile” libhekisela emfuleni nasemiseleni yawo yokunisela.
^ NgesiHebheru, “amanyonga.”
^ NgesiHebheru, “yena uthe.”
^ NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ Okuwukuthi, ngokumelene neThire.
^ Noma, “ngiyonika indlu ka-Israyeli amandla.”