Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yokuqala YamaHubo

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yokuqala YamaHubo

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yokuqala YamaHubo

BEKUNGABA isiphi isihloko esifanelekayo sencwadi yeBhayibheli equkethe ikakhulu izindumiso zoMdali wethu, uJehova uNkulunkulu? Alikho igama elingafaneleka kangcono kunelithi amaHubo noma iziNdumiso. Le ncwadi yeBhayibheli ende kunazo zonke iqukethe izingoma ezimnandi ezilandisa ngezimfanelo ezimangalisayo zikaNkulunkulu, izenzo ezibonisa amandla akhe kanye neziprofetho eziningi. Izingoma eziningi ziveza imizwelo yabalobi bazo ngenkathi bebhekene nokuhlupheka. Lezi zinkulumo zabhalwa enkathini engaba iminyaka eyinkulungwane—kusukela ngezinsuku zomprofethi uMose kuya enkathini yokubuya ekudingisweni. Zabhalwa uMose, iNkosi uDavide nabanye. Kucatshangwa ukuthi ngumpristi u-Ezra owahlela le ncwadi yaba sesimweni ekuso manje.

Kusukela kudala, incwadi yamaHubo ibilokhu ihlukaniswe yaba izingoma ezingamaqoqo amahlanu, noma izingxenye: (1) AmaHubo 1-41; (2) amaHubo 42-72; (3) amaHubo 73-89; (4) amaHubo 90-106; kanye (5) namaHubo 107-150. Lesi sihloko sidingida iqoqo lokuqala. Ngaphandle kwamahubo amathathu, kuthiwa yonke le ngxenye yabhalwa inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide. Abalobi bamaHubo 1, 10 no-33 abaziwa.

“UNKULUNKULU WAMI UYIDWALA LAMI”

(AmaHubo 1:1–24:10)

Ngemva kokuba ihubo lokuqala lithé uyajabula umuntu okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, elesibili likhuluma ngokuqondile ngoMbuso. * Kuleli qoqo lamahubo kunezicelo eziningi eziqondiswe kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, amaHubo 3-5, 7, 12, 13 no-17, ayizicelo zokukhululwa ezitheni. IHubo 8 ligcizelela ubukhulu bukaJehova uma eqhathaniswa nobuncinyane bomuntu.

Echaza uJehova njengoMvikeli wabantu bakhe, uDavide uyahlabelela: “UNkulunkulu wami uyidwala lami. Ngizophephela kuye.” (IHubo 18:2) UJehova udunyiswa njengoMdali noMniki-mthetho kumaHubo 19, njengoMsindisi kumaHubo 20 nanjengoMsindisi weNkosi yakhe egcotshiwe kumaHubo 21. IHubo 23 limchaza njengoMalusi Omkhulu, kuyilapho iHubo 24 limchaza njengeNkosi ekhazimulayo.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

2:1, 2—Iyini “into eyize” izizwe ezilokhu ziyivungazela? “Into eyize” iwukukhathazeka njalo kohulumeni babantu ngokuvikela igunya labo. Lokhu kuyize ngenxa yokuthi injongo yabo iyobhuntsha nakanjani. Ingabe ngempela amaqembu ezizwe angaba nethemba lokuthi ayophumelela lapho ‘emelana noJehova nogcotshiweyo wakhe’?

2:7—Siyini ‘isinqumo sikaJehova’? Lesi sinqumo siyisivumelwano soMbuso, uJehova asenze neNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu.—Luka 22:28, 29.

2:12—Ababusi bezizwe ‘bangayanga kanjani indodana’? Ngezikhathi zeBhayibheli, ukwanga kwakubonisa ubungane noma ubuqotho. Kwakuyindlela yokwamukela izivakashi. Amakhosi omhlaba ayalwa ukuba ange iNdodana—okungukuthi, ayamukele njengeNkosi enguMesiya.

3:umbhalo ongenhla—Iyini injongo yombhalo ongenhla otholakala kumahubo athile? Ngezinye izikhathi umbhalo ongenhla uveza umbhali futhi/noma unikeza ukwaziswa ngezimo lelo hubo elabhalwa ngaphansi kwazo, njengoba kunjalo kuyiHubo 3. Umbhalo ongenhla ungachaza nenjongo noma ukusebenza kwaleyo ngoma (amaHubo 4 no-5) futhi ube neziqondiso zezinsimbi zomculo (IHubo 6).

3:2—Lisho ukuthini igama elithi “Sela”? Ngokuvamile leli gama kucatshangwa ukuthi libonisa ukuhlaba ikhefu ukuze uzindle buthule, kungaba ngesikhathi kuculwa ngamazwi kuphela noma kuculwa ngamazwi nangezinsimbi. Ukuhlaba ikhefu kwakusetshenziselwa ukugcizelela umqondo noma imizwelo yalelo hubo. Akudingeki ukuba leli gama lifundwe ngokuzwakalayo lapho incwadi yamaHubo ifundelwa iningi.

11:3—Iziphi izisekelo ezidilizwayo? Lezi zisekelo yizinto ezenza umphakathi wesintu uzinze—umthetho, ukuhleleka nobulungisa. Lapho lezi zinto zingahlelekile, kuba nokuphazamiseka kwezenhlalo kanti nobulungisa abubi khona. Kulezo zimo, “olungile” kumelwe athembele ngokugcwele kuNkulunkulu.—IHubo 11:4-7.

21:3—Yini ebalulekile ‘ngomqhele wegolide elicwengiweyo’? Ukuthi lo mqhele wawungokoqobo noma wawufanekisela inkazimulo kaDavide eyenezelwe ngenxa yokunqoba ezimpini eziningi akushiwo. Nokho, leli vesi liyisiprofetho esibhekisele emqheleni wobukhosi uJesu awuthola kuJehova ngo-1914. Ukuthi lo mqhele wenziwe ngegolide kubonisa ukuthi ukubusa kwakhe kusezingeni eliphakeme kakhulu.

22:1, 2—Yini okungenzeka yenza uDavide wezwa sengathi uJehova wayemshiyile? UDavide wayecindezelwe kakhulu izitha zakhe kangangokuthi ‘inhliziyo yakhe yaba njengengcina futhi yancibilika ekujuleni ezibilinini zakhe.’ (IHubo 22:14) Kungenzeka ukuthi kuye kwakubonakala sengathi uJehova wayemshiyile. UJesu wazizwa ngaleyo ndlela naye ngesikhathi ebethelwe. (Mathewu 27:46) Amazwi kaDavide abonisa indlela asabela ngayo ngokwemvelo lapho ekhathazeke kakhulu. Nokho, emthandazweni wakhe olotshwe kumaHubo 22:16-21, kuba sobala ukuthi uDavide wayengaphelelwe ukholo kuNkulunkulu.

Izifundo Esizitholayo:

1:1. Kufanele sikugweme ukuzihlanganisa nalabo abangamthandi uJehova.—1 Korinte 15:33.

1:2. Kumelwe singavumeli ukuba usuku luphele singazange sizifunde izinto ezingokomoya.—Mathewu 4:4.

4:4. Lapho sicasukile noma sithukuthele, kuyinkambo yokuhlakanipha ukuba sibambe ulimi lwethu ukuze singasho into esizozisola ngayo kamuva.—Efesu 4:26.

4:5. Imihlatshelo yethu engokomoya iba “imihlatshelo yokulunga” kuphela uma siyenza ngezisusa ezinhle futhi ukuziphatha kwethu kuvumelana nezimfuneko zikaJehova.

6:5. Singaphilelani nje ngaphandle kokudumisa uJehova?—IHubo 115:17.

9:12. UJehova ufuna abachitha igazi ukuze abajezise, kodwa uyakukhumbula “ukukhala kwabahluphekile.”

15:2, 3; 24:3-5. Abakhulekeli beqiniso kumelwe bakhulume iqiniso futhi bagweme ukwenza izifungo zamanga nokunyundela.

15:4. Ngaphandle kwalapho siqaphela ukuthi isithembiso esisenzile singqubuzana nemiBhalo, kufanele senze konke okusemandleni ukuba sizifeze izithembiso zethu, ngisho noma kunzima kakhulu ukukwenza lokho.

15:5. Njengoba singabakhulekeli bakaJehova, kudingeka sikugweme ukuyisebenzisa kabi imali.

17:14, 15. Injongo ‘yabantu balesi simiso sezinto’ iwukuba baphile kamnandi, bakhulise imikhaya futhi bashiyele inzalo yabo ifa. Into eyinhloko uDavide ayeyikhathalela ekuphileni kwakuwukuba azenzele igama elihle noNkulunkulu ukuze ‘abone ubuso bakhe,’ noma athole umusa kaJehova. Lapho ‘evuka’ ngokuqondene nezithembiso zikaJehova, uDavide wayezozizwa ‘anelisekile ngokubona isimo saKhe,’ noma wayezojabula ngokuba kanye noJehova. Akufanele yini sigxilise ukuphila kwethu engcebweni engokomoya njengoDavide?

19:1-6. Uma indalo engakhulumi futhi engacabangi ikhazimulisa uJehova, kufanele thina simdumise kakhulu kangakanani njengoba sikwazi ukucabanga, ukukhuluma nokukhulekela?—IsAmbulo 4:11.

19:7-11. Yeka ukuthi izimfuneko zikaJehova zisizuzisa kangakanani!

19:12, 13. Amaphutha nezenzo zokugabadela kuyizono okumelwe sizigweme.

19:14. Akufanele sikhathazeke kuphela ngalokho esikwenzayo kodwa kufanele sikhathazeke nangalokho esikushoyo nesikucabangayo.

“UNGISEKELE NGENXA YOBUQOTHO BAMI”

(AmaHubo 25:1–41:13)

Yeka ukuthi sivezwa kahle kanjani isifiso esiqotho sikaDavide nokuzimisela kwakhe okuqinile ukuba agcine ubuqotho bakhe kumahubo amabili okuqala ale ngxenye! Uyahlabelela: “Kepha mina, ngizohamba ngobuqotho bami.” (IHubo 26:11) Lapho ethandazela ukuba izono zakhe zithethelelwe, uyavuma: “Lapho ngithule, amathambo ami aguga ngenxa yokububula kwami usuku lonke.” (IHubo 32:3) UDavide unikeza labo abaqotho kuJehova lesi siqinisekiso: “Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.”—IHubo 34:15.

Yeka ukuthi iseluleko esikumaHubo 37 sasiyinzuzo kanjani kuma-Israyeli futhi siseyinzuzo nakithi, njengoba siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso sezinto! (2 Thimothewu 3:1-5) Likhuluma ngokwesiprofetho ngoJesu Kristu, iHubo 40:7, 8 lithi: “Bheka ngizile, njengoba kulotshiwe ngami emqulwini wencwadi. O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami.” Ihubo lokugcina kuleli qoqo likhuluma ngesicelo sikaDavide sokuba uJehova amsize phakathi neminyaka ecindezelayo ngemva kwesono sakhe noBhati-sheba. Uyahlabelela: “Mina ungisekele ngenxa yobuqotho bami.”—IHubo 41:12.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

26:6—Silizungeza kanjani ngokomfanekiso i-altare likaJehova njengoba kwenza uDavide? I-altare limelela intando kaJehova yokwamukela umhlatshelo kaJesu Kristu wesihlengo ukuze kuhlengwe isintu. (Hebheru 8:5; 10:5-10) Sizungeza i-altare likaJehova ngokuba nokholo kulowo mhlatshelo.

29:3-9—Yini eboniswa ukufanisa izwi likaJehova nokuduma kwezulu okwesabekayo njengoba kundindizela? Akukho okunye: Amandla kaJehova amakhulu ngokwesabekayo!

31:23—Umuntu ozidlayo uvuzwa kanjani ngokudlulele? Umvuzo okukhulunywa ngawo lapha usho isijeziso. Umvuzo umuntu olungile awutholayo ngenxa yamaphutha akhe awenza engahlosile uyisiyalo esivela kuJehova. Njengoba umuntu ozidlayo engaphenduki enkambweni yakhe embi, yena uvuzwa ngokudlulele ngesijeziso esiqatha.—IzAga 11:31; 1 Petru 4:18.

33:6—Uyini ‘umoya’ womlomo kaJehova? Lo moya ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo, noma umoya ongcwele, awusebenzisa ngenkathi edala amazulu. (Genesise 1:1, 2) Ubizwa ngokuthi umoya womlomo wakhe ngoba njengomoya onamandla, ungathunyelwa ukuze ufeze izinto ezikude.

35:19—Sisho ukuthini isicelo sikaDavide sokuba abamzondayo bangalicifi iso labo? Ukucifa iso kungabonisa ukuthi izitha zikaDavide zazijabula ngokuphumelela kwamacebo azo onya ezazimenzele wona. UDavide wayecela ukuba lokhu kungenzeki.

Izifundo Esizitholayo:

26:4. Sibonisa ukuhlakanipha uma sigwema ukuzihlanganisa nalabo abafihla lokho abayikho ezingosini zengevu ze-Internet, nalabo esifunda nabo esikoleni noma esisebenza nabo abazenza abangane bethu ukuze basiphambukise, izihlubuki ezizenza abantu abaqotho kanye nalabo abaphila ukuphila okumbaxa-mbili.

26:7, 12; 35:18; 40:9. Kumelwe simdumise obala uJehova emihlanganweni yamaKristu.

26:8; 27:4. Ingabe siyakuthanda ukuba khona emihlanganweni yamaKristu?

26:11. Ngesikhathi ebonisa ukuzimisela kwakhe ukugcina ubuqotho, uDavide wacela nokukhululwa. Yebo, singabugcina ubuqotho bethu naphezu kokungapheleli.

29:10. Ukuhlala kukaJehova phezu “kukazamcolo” kubonisa ukuthi uwalawula ngokuphelele amandla akhe.

30:5. Imfanelo kaJehova eyinhloko uthando, hhayi intukuthelo.

32:9. UJehova akafuni ukuba sibe njengomnyuzi noma njengembongolo eqondiswa ngetomu noma ngesiswebhu. Kunalokho, ufisa ukuba sikhethe ukumlalela ngoba siyiqonda intando yakhe.

33:17-19. Kungakhathaliseki ukuthi siqine kanjani, asikho isimiso esenziwe umuntu esingaletha insindiso. Kumelwe sethembele kuJehova naselungiselelweni loMbuso wakhe.

34:10. Yeka ukuthi lesi isiqinisekiso esihle kanjani kulabo ababeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwabo!

39:1, 2Lapho ababi befuna ukwaziswa ukuze balimaze esikholwa nabo, sihlakaniphile uma ‘sifaka isifonyo sibe ngumqaphi emlonyeni wethu’ futhi sithule.

40:1, 2Ukuthembela kuJehova kungasisiza ukuba sibhekane nokucindezeleka futhi siphume “emgodini odumayo, odakeni lwenzika.”

40:5, 12. Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izinhlekelele noma ukushiyeka kwethu, ngeke kusinqobe uma sikhumbula njalo ukuthi izibusiso zethu ‘ziningi kakhulu kunalokho esingase sikulandise.’

“Makatuswe UJehova”

Yeka ukuthi aduduza futhi akhuthaza kanjani amahubo angu-41 aleli qoqo lokuqala! Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nezinhlupheko noma sihlushwa unembeza onecala, siyakwazi ukuthola amandla nesikhuthazo kule ngxenye yeZwi likaNkulunkulu elinamandla. (Hebheru 4:12) La mahubo aqukethe ukwaziswa okunikeza isiqondiso esinokwethenjelwa ekuphileni. Siqinisekiswa ngokuphindaphindiwe ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nabuphi ubunzima, uJehova ngeke asilahle.

Iqoqo lokuqala lamaHubo liphetha ngala mazwi: “Makatuswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade, yebo kuze kube phakade. Amen Amen.” (IHubo 41:13) Ngemva kokuwacabangela, asishukunyiselwa yini ukuba situse noma sidumise uJehova?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 IHubo 2 lagcwaliseka okokuqala osukwini lukaDavide.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Uma indalo engaphili ikhazimulisa uJehova, yeka ukuthi thina kufanele simkhazimulise kakhulu kangakanani!

[Isithombe ekhasini 17]

UDavide waqamba iningi lamahubo kwangu-41 okuqala

[Isithombe ekhasini 18]

Uyazi ukuthi yiliphi ihubo elichaza uJehova njengoMalusi Omkhulu?

[Isithombe ekhasini 20]

Ungavumi ukuba usuku luphele ungazange ufunde izinto ezingokomoya

[Umthombo Wesithombe ekhasini 17]

Stars: Courtesy United States Naval Observatory

[Umthombo Wesithombe ekhasini 19]

Stars, pages 18 and 19: Courtesy United States Naval Observatory

[Umthombo Wesithombe ekhasini 20]

Stars: Courtesy United States Naval Observatory