KumaHebheru 4:1-16
4 Ngakho-ke, njengoba sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masiqaphele* ukuba phakathi kwethu, kungabi namuntu ongase abonakale engasifanelekele. +
2 Ngoba izindaba ezinhle zimenyezelwe nakithi, + njengoba nje zamenyezelwa nakubo; kodwa izwi abalizwa alibasizanga, ngoba bona babengenalo ukholo olufana nolwalabo abalalela.
3 Ngoba thina esibonise ukholo siyangena kulokho kuphumula, njengoba nje eshilo: “Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke bangene ekuphumuleni kwami,’ ” + nakuba imisebenzi yakhe yaqedwa kusukela ekusungulweni kwezwe. +
4 Ngoba kwenye indawo washo kanje ngokuqondene nosuku lwesikhombisa: “Futhi uNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa kuyo yonke imisebenzi yakhe,” +
5 uyaphinda futhi lapha uthi: “Ngeke bangene ekuphumuleni kwami.” +
6 Ngakho-ke, njengoba kubasalele abanye ukungena kukho, futhi labo izindaba ezinhle ezamenyezelwa kubo kuqala bengazange bangene ngenxa yokungalaleli, +
7 uphinde aphawule usuku oluthile ngokusho ngemva kwesikhathi eside ehutsheni likaDavide ukuthi, “Namuhla”; njengoba nje kushiwo ngenhla ukuthi, “Uma nje ningalalela izwi lakhe namuhla, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.” +
8 Ngoba uma uJoshuwa + ayebaholele endaweni yokuphumula, ngabe uNkulunkulu akakhulumanga ngokuqondene nolunye usuku kamuva.
9 Ngakho, abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula kwesabatha. +
10 Umuntu ongene ekuphumuleni kukaNkulunkulu naye uye waphumula emisebenzini yakhe, njengoba nje noNkulunkulu eye waphumula kweyakhe. +
11 Ngakho-ke, masenze konke okusemandleni ethu ukuze singene kulokho kuphumula, ukuze kungabi namuntu owela endleleni efanayo yokungalaleli. +
12 Ngoba izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla + futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba + esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo* nomoya,* amalunga nomnkantsha, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.
13 Akukho ndalo esithekile emehlweni akhe, + kodwa zonke izinto azifihlekile futhi zisobala emehlweni alowo okumelwe siziphendulele kuye. +
14 Ngakho-ke, njengoba sinompristi ophakeme omkhulu odabule amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, + masibambelele ekumvumeni kwethu obala. +
15 Ngoba umpristi wethu ophakeme akayena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, + kodwa ungovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono. +
16 Ngakho-ke, masisondele esihlalweni sobukhosi somusa omkhulu ngenkululeko yokukhuluma, + ukuze sithole isihe nomusa omkhulu wokusisiza ngesikhathi esifanele.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiGreki, “masesabe.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.