KumaHebheru 8:1-13
8 Manje nanti iphuzu eliyinhloko lalokhu esikushoyo: Sinompristi ophakeme onjengalo, + futhi uye wahlala phansi ngakwesokudla sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, +
2 isikhonzi sasendaweni* engcwele + nesasetendeni leqiniso, elamiswa uJehova,* hhayi umuntu.
3 Ngoba wonke umpristi ophakeme unomsebenzi wokunikela izipho nemihlatshelo; ngakho kwakudingekile ukuba nalona abe nokuthile azonikela ngakho. +
4 Ukube ubesemhlabeni, ubengeke abe ngumpristi, + njengoba bekhona abantu abanikela izipho ngokoMthetho.
5 Laba bantu banikela inkonzo engcwele endaweni engumfanekiso neyisithunzi + sezinto zasezulwini; + njengoba nje kuboniswa umyalo uNkulunkulu awunika uMose lapho esezokwakha itende: Ngoba uthi: “Qikelela ukuthi wenza zonke izinto ulandela umklamo* owawuboniswa entabeni.” +
6 Kodwa manje uJesu uthole inkonzo* enhle kakhulu ngoba futhi ungumlamuleli + wesivumelwano esingcono, + esimiswe ngokomthetho ezithembisweni ezingcono. +
7 Ukube leso sivumelwano sokuqala sasingenaphutha, sasingeke sidingeke esesibili. +
8 Ngoba uthola abantu benephutha lapho ethi: “ ‘Bhekani! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova,* ‘engiyokwenza ngazo isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda.
9 Ngeke sifane nesivumelwano engasenza nokhokho babo ngosuku engababamba ngalo ngesandla ngabakhipha ezweni laseGibhithe, + ngoba abaqhubekanga esivumelwaneni sami, ngakho ngayeka ukubanakekela,’ kusho uJehova.*
10 “ ‘Ngoba yilesi isivumelwano engiyosenza nendlu ka-Israyeli ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova.* ‘Ngiyofaka imithetho yami ezingqondweni zabo, ngiyilobe nasezinhliziyweni zabo. + Ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. +
11 “ ‘Yilowo nalowo ngeke esafundisa isakhamuzi esikanye naye noma umfowabo, athi: “Yazi uJehova!”* Ngoba bonke bayongazi, kusukela komncane kunabo bonke kuye komkhulu kunabo bonke.
12 Ngoba ngiyoba nesihe ezenzweni zabo ezingalungile, futhi ngeke ngisazikhumbula izono zabo.’ ” +
13 Ngokusho kwakhe ukuthi “isivumelwano esisha,” wenze esidala sangabe sisasebenza. + Manje lokho okungasasebenzi nokugugayo kusuke sekuzoshabalala. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “inceku yomphakathi yasendaweni.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “ngokwendlela.”
^ Noma, “inkonzo yomphakathi.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.