KumaHebheru 1:1-14
1 Kudala uNkulunkulu wakhuluma nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi izikhathi eziningi nangezindlela eziningi. +
2 Manje ekupheleni kwalezi zinsuku ukhulume nathi esebenzisa iNdodana, + ayimise ukuba ibe yindlalifa yezinto zonke, + naleyo enza ngayo izimiso zezinto. *+
3 Iwukubonakaliswa kwenkazimulo kaNkulunkulu + nomfanekiso ofana ncamashi naye uqobo, + futhi isekela zonke izinto ngezwi lamandla ayo. Futhi ngemva kokuba ihlanze izono zethu, + yahlala phansi ngakwesokudla soMkhulu endaweni ephakeme. +
4 Ngakho isiye yaba ngcono kunezingelosi, + ngezinga lokuthi yazuza njengefa igama elihle kakhulu kunelazo. +
5 Ngokwesibonelo, iyiphi ezingelosini uNkulunkulu ake wathi kuyo: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele”? + Waphinde wathi: “Ngiyoba uyise, yona ibe yindodana yami”? +
6 Kodwa lapho ephinda eletha iZibulo lakhe + emhlabeni owakhiwe, uthi: “Zonke izingelosi zikaNkulunkulu mazimkhothamele.”
7 Uphinde athi ngezingelosi: “Wenza izingelosi zakhe zibe yimimoya nezikhonzi* zakhe + zibe yilangabi lomlilo.” +
8 Kodwa ngeNdodana uthi: “UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi + kuze kube phakade naphakade, futhi intonga yoMbuso wakho iyintonga yobuqotho.*
9 Wathanda ukulunga, wazonda ukuphula umthetho. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, akugcoba + ngamafutha okwethaba ukudlula abangane bakho.” +
10 Ubuye athi: “Ekuqaleni, wena Nkosi, wabeka izisekelo zomhlaba, futhi amazulu awumsebenzi wezandla zakho.
11 Kuyoshabalala, kodwa wena uyohlale ukhona; konke kuyoguga njengengubo nje,
12 uyokusonga njengesambatho, njengengubo futhi kuyoshintshwa. Kodwa wena awushintshi, awunasiphetho.” +
13 Kodwa iyiphi ezingelosini ake athi ngayo: “Hlala ngakwesokudla sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho”? +
14 Aziyona yini zonke imimoya enikela inkonzo engcwele, *+ ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso?
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “izinkathi.”
^ Noma, “nezikhonzi zomphakathi.”
^ Noma, “yobulungisa.”
^ Noma, “yomphakathi.”