KumaHebheru 7:1-28

  • UMelkhizedeki, inkosi nompristi ohlukile (1-10)

  • Ukuphakama kobupristi bukaKristu (11-28)

    • UKristu ukwazi ukusindisa ngokuphelele (25)

7  Ngoba lo Melkhizedeki, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, wahlangabeza u-Abrahama lapho ebuya ekubulaleni amakhosi wayesembusisa, + 2  futhi u-Abrahama wamnika* okweshumi kwayo yonke into. Okokuqala, igama lakhe lihunyushwa ngokuthi, ‘iNkosi Yokulunga,’ bese futhi eba yinkosi yaseSalema, okungukuthi, “iNkosi Yokuthula.” 3  Njengoba engenayise, engenanina, engenalo uhlu lozalo, engenaso isiqalo sezinsuku noma ukuphela kokuphila, kodwa enziwe waba njengeNdodana kaNkulunkulu, uhlala engumpristi phakade. *+ 4  Bhekani ukuthi wayemkhulu kangakanani lo muntu u-Abrahama, inhloko yomndeni,* amnika okweshumi empangweni engcono kakhulu. + 5  Yiqiniso, ngokoMthetho, labo abavela emadodaneni kaLevi + abamukela isikhundla sabo sobupristi kufanele baqoqe okweshumi kubantu, + okungukuthi, kubafowabo, ngisho noma nabo beyinzalo* ka-Abrahama. 6  Kodwa lo muntu ongekho ohlwini lozalo lwabo wathatha okweshumi ku-Abrahama futhi wabusisa lowo okwakwenziwe izithembiso kuye. + 7  Manje akunakuphikwa ukuthi omncane ubusiswa ngomkhulu. 8  Kulesi esinye isimo, ngabantu abafayo abamukela okweshumi, kodwa kulesi esinye, ngothile okufakazwa ngaye ukuthi uyaphila. + 9  Futhi kungashiwo ukuthi ngisho noLevi, owamukela okweshumi, uye wakhokha okweshumi ngo-Abrahama, 10  ngoba ukhokho wakhe wayengakamzali* lapho uMelkhizedeki emhlangabeza. + 11  Uma-ke, ukuphelela kwakutholakala ngobupristi bobuLevi + (ngoba babuyingxenye yoMthetho owanikwa isizwe), sasiyoba khona yini isidingo sokuba kuvele omunye umpristi okuthiwa ungokwendlela kaMelkhizedeki + hhayi ngokwendlela ka-Aroni? 12  Ngoba njengoba ubupristi bushintshwa, kuba khona isidingo sokushintsha noMthetho. + 13  Ngoba umuntu ezishiwo ngokuqondene naye lezi zinto wavela kwesinye isizwe, okungekho muntu kuso oke wakhonza e-altare. + 14  Ngoba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda, + nokho uMose akashongo lutho ngokuvela kwabapristi kuleso sizwe. 15  Lokhu kucaca nakakhulu lapho kuvela omunye umpristi + ofana noMelkhizedeki, + 16  ongabanga umpristi ngokomthetho womyalo oxhomeke enzalweni yenyama, kodwa emandleni okuphila okungenakubhubhiseka. + 17  Ngoba komunye umbhalo kuthiwa ngaye: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.” + 18  Ngakho-ke, umyalo omdala ushaywa indiva ngenxa yokuthi awunamandla nokuthi awuphumeleli. + 19  Ngoba uMthetho awuphelelisanga lutho, + kodwa ukulethwa kwethemba elingcono, + esisondela ngalo kuNkulunkulu, yikho okwaphelelisa. + 20  Futhi, njengoba nje lokhu kungenziwanga ngaphandle kokufunga isifungo, 21  (ngoba ngempela kukhona abantu ababe abapristi ngaphandle kwesifungo esifungiwe, kodwa lona ube ngumpristi ngesifungo esafungwa yiLowo owathi ngokuphathelene naye: “UJehova* ufungile futhi ngeke awushintshe umqondo,* ‘Wena ungumpristi kuze kube phakade’ ”), + 22  kanjalo uJesu ube yisiqinisekiso* sesivumelwano esingcono. + 23  Ngaphezu kwalokho, baningi okwadingeka babe abapristi ngokulandelana + ngenxa yokuthi ukufa kwabavimba ukuba baqhubeke beyibo, 24  kodwa ngenxa yokuthi yena uqhubeka ephila kuze kube phakade, + akekho olandela esikhundleni sakhe sobupristi. 25  Ngakho uyakwazi nokusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuze abancengele. + 26  Kuyafaneleka ukuba sibe nompristi ophakeme njengalona, othembekile, omsulwa, ongangcolile, + ohlukanisiwe nezoni, futhi ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu. + 27  Ngokungafani nalabo bapristi abaphakeme, akudingeki ukuba anikele imihlatshelo nsuku zonke, + ngenxa yezono zakhe nangenxa yezabantu, + ngoba lokhu wakwenza kwaba kanye kuphela lapho ezinikela. + 28  Ngoba uMthetho umisa abantu abanesono ukuba babe abapristi abaphakeme, + kodwa isifungo + esafungwa ngemva koMthetho simisa iNdodana, eyenziwe yaphelela + kuze kube phakade.

Imibhalo yaphansi

^ NgesiGreki, “wamabela.”
^ Noma, “ngokuqhubekayo.”
^ Noma, “inzalamizi.”
^ NgesiGreki, “bephume okhalweni.”
^ NgesiGreki, “wayesesokhalweni lukakhokho wakhe.”
^ Noma, “ngeke azisole.”
^ Noma, “yisibambiso.”