KumaHebheru 13:1-25

  • Izikhuthazo zokugcina nemikhonzo (1-25)

    • Ningakukhohlwa ukwamukela izivakashi (2)

    • Umshado mawuhlonishwe (4)

    • Lalelani abaholayo (7, 17)

    • Nikelani umhlatshelo wokudumisa (15, 16)

13  Qhubekani nibonisana uthando lobuzalwane. +  Ningakukhohlwa ukwamukela izivakashi, *+ ngoba ngokwenza kanjalo abanye bengazi, babungaza izingelosi. +  Hlalani nibakhumbula labo abasejele, *+ njengokungathi niboshwe kanye nabo, + nalabo abaphathwa kabi, njengoba nani ngokwenu nisemzimbeni.*  Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa, + ngoba uNkulunkulu uyobahlulela abantu abaziphatha kabi ngokocansi* kanye neziphingi. +  Ekuphileni kwenu ningayithandi imali + ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona. + Ngoba uthe: “Angisoze ngakushiya futhi angisoze ngakulahla.” +  Ukuze sibe nesibindi futhi sithi: “UJehova* ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?” +  Khumbulani abaholayo phakathi kwenu, + abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini, futhi njengoba nicabangisisa ngomphumela omuhle wokuziphatha kwabo, nilingise ukholo lwabo. +  UJesu Kristu akashintshi kusukela izolo nanamuhla naphakade.  Ningadukiswa yizimfundiso ezihlukahlukene nezingaziwa, ngoba kungcono ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa omkhulu, kunokuba iqiniswe ngokudliwayo,* okungabazuzisi labo abalibele yikho. + 10  Sine-altare, labo abenza inkonzo engcwele etendeni abangenalo igunya lokudla kulo. + 11  Ngoba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa umpristi ophakeme endaweni engcwele njengomnikelo wesono zishiswa ngaphandle kwekamu. + 12  Ngakho noJesu, wahlupheka ngaphandle kwesango ledolobha + ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe. + 13  Khona-ke, masiphume siye kuye ngaphandle kwekamu, sithwele isihlamba asithwala, + 14  ngoba asinalo lapha idolobha elizinzile, kodwa sifuna ngobuqotho lelo elizayo. + 15  Ngokholo lwethu kuJesu, njalo masinikele kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, + okuwukuthi, amazwi aphuma emilonyeni yethu + avuma obala igama lakhe. + 16  Ngaphezu kwalokho, ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye ezintweni eninazo, + ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo. + 17  Lalelani abaholayo phakathi kwenu + futhi nizithobe, + ngoba bayaniqapha* njengoba beyolandisa, + ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokukhononda, ngoba lokhu bekuyonilimaza. 18  Qhubekani nisithandazela, ngoba sithemba ukuthi sinonembeza othembekile,* njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke. + 19  Kodwa ngininxusa ikakhulukazi ukuba ningithandazele ukuze ngibuyele kini ngokushesha. 20  Kwangathi uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafile umalusi omkhulu + wezimvu, iNkosi yethu uJesu, ngegazi lesivumelwano saphakade, 21  anganihlomisa ngazo zonke izinto ezinhle ukuba nenze intando yakhe, enze kithi ngoJesu Kristu lokho okujabulisayo emehlweni akhe, makakhazinyuliswe kuze kube phakade naphakade. Amen. 22  Manje ngiyaninxusa, bazalwane, ukuba nililalele ngesineke leli zwi lesikhuthazo, ngoba nginibhalele incwadi emfushane. 23  Ngifuna nazi ukuthi ukhululiwe umfowethu uThimothewu. Uma efika ngokushesha, ngizoza naye sizonibona. 24  Ngikhonzeleni kubo bonke abaholayo phakathi kwenu nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya + bayakhonza kini. 25  Umusa omkhulu ube nani nonke.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ukubonisa izihambi umusa.”
NgesiGreki, “ababoshiwe; abasezibophweni.”
Noma kungaba, “njengokungathi nihlupheka kanye nabo.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
Okuwukuthi, imithetho ephathelene nokudla.
Noma, “baqapha imiphefumulo yenu.”
NgesiGreki, “omuhle.”