Levitikusi 2:1-16

  • Umnikelo wokudla okusanhlamvu (1-16)

2  “‘Uma othile eletha kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu, + umnikelo wakhe kumelwe ube ufulawa ocolekile futhi kufanele athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka yempepho phezu kwawo. +  Uzobe esewuletha emadodaneni ka-Aroni, abapristi, futhi umpristi uzocaphuna ngesandla ufulawa ocolekile namafutha nayo yonke inhlaka yawo yempepho, uzowushunqisa phezu kwe-altare njengomelela wonke umnikelo, *+ umnikelo oshiswa emlilweni oyiphunga elimnandi* kuJehova.  Noma yikuphi okusele komnikelo wokudla okusanhlamvu kungokuka-Aroni namadodana akhe, + njengento engcwelengcwele + evela eminikelweni kaJehova eshiswa emlilweni.  “‘Uma uletha umnikelo wokudla okusanhlamvu okubhakwe kuhhavini, kufanele ube okafulawa ocolekile, olofu bezinkwa abangenamvubelo abamise okwesongo abanamafutha noma izingcezwana ezingenamvubelo ezigcotshwe ngamafutha. +  “‘Uma umnikelo wakho ungumnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe esigazingweni, + kufanele ube okafulawa ocolekile, ufulawa ongenamvubelo onamafutha.  Kufanele uhleshulwe ube izingcezu futhi kufanele uthele amafutha kuwo. + Ungumnikelo wokudla okusanhlamvu.  “‘Uma umnikelo wakho ungumnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe ngepani, kufanele wenziwe ngofulawa ocolekile onamafutha.  Kufanele ulethe kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu okwenziwe ngalezi zinto, uzolethwa kumpristi ozowusondeza e-altare.  Umpristi uzophakamisa omunye walo mnikelo wokudla okusanhlamvu njengomelela wonke umnikelo *+ awushunqise e-altare njengomnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova. + 10  Okusele kwalo mnikelo wokudla okusanhlamvu kungokuka-Aroni namadodana akhe, njengokuthile okungcwelengcwele kweminikelo kaJehova eyenziwa ngomlilo. + 11  “‘Akukho mnikelo wokudla okusanhlamvu eniwuletha kuJehova okufanele ufakwe imvubelo, + ngoba akumelwe nishunqise inhlama ebilile noma uju njengomnikelo kaJehova oshiswa emlilweni. 12  “‘Ningakuletha kuJehova njengomnikelo wesivuno sokuqala, + kodwa akumelwe kulethwe e-altare njengephunga elimnandi.* 13  “‘Yonke iminikelo yokudla okusanhlamvu oyenzayo kufanele uyinonge ngosawoti; futhi akumelwe ungabi khona usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho emnikelweni wakho wokudla okusanhlamvu. Uyoletha usawoti kanye nayo yonke iminikelo yakho. + 14  “‘Uma uletha kuJehova umnikelo wokudla okusanhlamvu wesivuno sokuqala, kufanele ulethe ukudla okusanhlamvu okusha* okugazingwe emlilweni, izinhlamvu ezintsha ezingacolisekile, njengomnikelo wokudla okusanhlamvu wesivuno sokuqala. + 15  Kufanele uthele amafutha kuwo futhi ubeke inhlaka yempepho phezu kwawo. Ungumnikelo wokudla okusanhlamvu. 16  Umpristi uzowushunqisa njengomelela wonke umnikelo, *+ okungukuthi, okunye kokudla okusanhlamvu okungacolisekile namafutha nayo yonke inhlaka yawo yempepho, njengomnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova.

Imibhalo yaphansi

Noma, “njengengxenye eyisikhumbuzo sawo.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “njengengxenye eyisikhumbuzo sawo.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “izikhwebu eziluhlaza.”
Noma, “njengengxenye eyisikhumbuzo sawo.”