Levitikusi 12:1-8

  • Ukuhlanzwa ngemva kokuzala ingane (1-8)

12  UJehova waqhubeka wathi kuMose:  “Tshela ama-Israyeli, uthi, ‘Uma owesifazane ekhulelwa futhi azale umfana, uyoba ongcolile izinsuku eziyisikhombisa, njengoba nje esuke engcolile ngezinsuku zokungcola lapho esesikhathini. +  Ngosuku luka-8, ijwabu lenyama yomntwana liyosikwa. +  Owesifazane uyoqhubeka ezihlanza izinsuku ezingu- 33 ngenxa yegazi elimlahlekele. Akufanele athinte noma yini engcwele futhi akufanele angene endaweni engcwele kuze kuphele izinsuku zokuhlanzwa kwakhe.  “‘Uma ezala intombazane, uyoba ongcolile izinsuku ezingu-14, njengalapho esesikhathini. Uyoqhubeka ezihlanza izinsuku ezingu-66 ngenxa yegazi elimlahlekele.  Lapho ziphela izinsuku zokuhlanzwa kwakhe ngenxa yendodana noma indodakazi, uyoletha kumpristi emnyango wetende lokuhlangana iwundlu leduna elingakawuqedi unyaka libe umnikelo oshiswayo + nephuphu lejuba noma ihobhe libe umnikelo wesono.  Umpristi uyoliletha phambi kukaJehova amenzele isihlawulelo, ahlanzeke ekopheni kwakhe. Lowo umthetho ophathelene nowesifazane ozala umfana noma intombazane.  Kodwa-ke uma engeke abe namandla emvu, kumelwe athathe amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, + elinye kube elomnikelo oshiswayo elinye kube elomnikelo wesono, umpristi amenzele isihlawulelo, ahlanzeke.’”

Imibhalo yaphansi