Levitikusi 3:1-17

  • Umnikelo ohlanganyelwayo (1-17)

    • Ningawadli amanoni noma igazi (17)

3  “‘Uma umnikelo wakhe ungumhlatshelo ohlanganyelwayo *+ futhi uma ewuletha uvela emhlanjini wezinkomo, kungakhathaliseki ukuthi iduna noma insikazi, kufanele alethe isilwane esiphile kahle phambi kukaJehova.  Kufanele abeke isandla sakhe ekhanda lomnikelo wakhe, uzohlatshelwa emnyango wetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni, abapristi, azofafaza igazi nxazonke ze-altare.  Uzoletha ingxenye yomhlatshelo ohlanganyelwayo ibe umnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova: + umhlwehlwe + omboze amathumbu, wonke umhlwehlwe ozungeze amathumbu,  nezinso zombili eziseduze kwezinkalo namanoni akuzo. Uzosusa namafutha asesibindini kanye nezinso. +  Amadodana ka-Aroni azowushunqisa e-altare phezu komnikelo oshiswayo obekwe phezu kwezinkuni ezisemlilweni; + ungumnikelo oshiswa emlilweni njengephunga elimnandi* kuJehova. +  “‘Uma umnikelo wakhe womhlatshelo ohlanganyelwayo azowunikela kuJehova uthathwe emhlanjini wezimvu nezimbuzi, uzoletha isilwane esiphile kahle seduna noma sensikazi. +  Uma eletha iwundlu eliyiduna elingumnikelo wakhe, uzoliletha phambi kukaJehova.  Uzobeka isandla sakhe ekhanda lomnikelo wakhe, uzohlatshelwa phambi kwetende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni azofafaza igazi lawo nxazonke ze-altare.  Uzoletha amanoni avela emhlatshelweni ohlanganyelwayo awumnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova. + Uzowususa wonke umsila ononile eduze komgogodla, umhlwehlwe omboze amathumbu, wonke umhlwehlwe ozungeze amathumbu, 10  nezinso zombili ezinamanoni eziseduze kwezinkalo. Uzosusa namafutha asesibindini kanye nezinso. + 11  Umpristi uzokushunqisa phezu kwe-altare njengokudla,* umnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni. + 12  “‘Uma umnikelo wakhe kuyimbuzi, uzoyiletha phambi kukaJehova. 13  Uzobeka isandla sakhe phezu kwekhanda layo, izohlatshelwa phambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni kumelwe afafaze igazi layo nxazonke ze-altare. 14  Ingxenye azoyiletha ezoba umnikelo wakhe oshiswa emlilweni oya kuJehova wumhlwehlwe omboze amathumbu, wonke umhlwehlwe ozungeze amathumbu, + 15  nezinso zombili ezinamanoni eziseduze kwezinkalo. Uzosusa namafutha asesibindini kanye nezinso. 16  Umpristi uzokushunqisa phezu kwe-altare njengokudla,* umnikelo oshiswa emlilweni oyiphunga elimnandi.* Wonke amanoni akaJehova. + 17  “‘Lona umthetho waphakade wezizukulwane zenu, kuzo zonke izindawo enihlala kuzo: Akumelwe neze nidle noma yimaphi amanoni nanoma yiliphi igazi.’” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ungumhlatshelo weminikelo yokuthula.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
NgesiHebheru, “njengesinkwa,” okuwukuthi, njengengxenye kaNkulunkulu yomnikelo ohlanganyelwayo.
NgesiHebheru, “njengesinkwa,” okuwukuthi, njengengxenye kaNkulunkulu yomnikelo ohlanganyelwayo.
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”