Levitikusi 16:1-34

  • USuku Lwesihlawulelo (1-34)

16  UJehova wakhuluma noMose ngemva kokufa kwamadodana ka-Aroni amabili, afa ngenxa yokusondela kuJehova. +  UJehova wathi kuMose: “Tshela u-Aroni umfowenu ukuthi angangeni nje nganoma yisiphi isikhathi endaweni engcwele + ngaphakathi kwekhethini, + phambi kwesembozo esiphezu koMphongolo, ukuze angafi, + ngoba ngizobonakala efwini + phezu kwesembozo. +  “Yilokhu u-Aroni okufanele akulethe lapho engena endaweni engcwele: ithole leduna lomnikelo wesono + nenqama yomnikelo oshiswayo. +  Kufanele agqoke ingubo engcwele yelineni, + izikhindi* zangaphansi zelineni + kufanele zemboze umzimba wakhe,* kufanele abhince ibhande lendwangu yelineni + futhi athwale iduku lokushuqula lelineni. + Yizingubo ezingcwele. + Uzogeza ngamanzi + bese ezigqoka.  “Kufanele athathe enhlanganweni yama-Israyeli + amazinyane amabili ezimbuzi angamaduna abe umnikelo wesono nenqama eyodwa ibe umnikelo oshiswayo.  “Ngemva kwalokho u-Aroni kumelwe alethe inkunzi yomnikelo wesono eqondene naye, uzozenzela yena + nendlu yakhe isihlawulelo.  “Uzobe esethatha lezi zimbuzi ezimbili azimise phambi kukaJehova emnyango wetende lokuhlangana.  U-Aroni uzokwenza inkatho ngalezi zimbuzi ezimbili, enye inkatho kube ekaJehova enye inkatho kube eka-Azazeli.*  U-Aroni uzoletha imbuzi edliwe inkatho + ukuba ibe ekaJehova ayenze umnikelo wesono. 10  Kodwa imbuzi edliwe inkatho ukuba ibe eka-Azazeli kufanele ilethwe iphila, imiswe phambi kukaJehova ukuze kwenziwe isihlawulelo phezu kwayo, bese ihanjiselwa u-Azazeli ehlane. + 11  “U-Aroni uzoletha inkunzi yomnikelo wesono eqondene naye, enzele yena nendlu yakhe isihlawulelo; ngemva kwalokho ayihlabe inkunzi yomnikelo wesono eqondene naye. + 12  “Uzobe esethatha umcengezi womlilo + ogcwele amalahle avuthayo avela e-altare + phambi kukaJehova, agcwalise izandla zombili ngempepho ecolekile enamakha, + akulethe ngaphakathi kwekhethini. + 13  Uzofaka impepho emlilweni phambi kukaJehova, + intuthu yempepho imboze isembozo soMphongolo + esiphezu kobuFakazi, + ukuze angafi. 14  “Uzothatha elinye igazi lenkunzi + alifafaze ngomunwe phambi kwesembozo ohlangothini olusempumalanga, afafaze elinye igazi ngomunwe kasikhombisa phambi kwesembozo. + 15  “Uzobe esehlaba imbuzi yomnikelo wesono oqondene nabantu, + alethe igazi layo ngaphakathi kwekhethini + futhi ngegazi layo + enze ngendlela enze ngayo ngegazi lenkunzi; alifafaze ngasesembozweni naphambi kwaso. 16  “Kumelwe enzele indawo engcwele isihlawulelo ngokuphathelene nezenzo zokungcola zama-Israyeli nangokuphathelene neziphambeko nezono zawo, + yilokho okufanele akwenze ngetende lokuhlangana, eliphakathi kwabo labo abenza ukungcola. 17  “Akekho omunye umuntu okufanele abe setendeni lokuhlangana kusukela ngesikhathi angena ngaso ukuze enze isihlawulelo endaweni engcwele kuze kube yilapho ephuma. Uzozenzela isihlawulelo enzele nendlu yakhe + nalo lonke ibandla lama-Israyeli. + 18  “Uzobe esephuma aye e-altare + eliphambi kukaJehova, alenzele isihlawulelo, athathe elinye igazi lenkunzi nelinye igazi lembuzi aligcobe ezimpondweni ze-altare nxazonke. 19  Uzobuye afafaze elinye laleli gazi phezu kwalo ngomunwe wakhe kasikhombisa alihlanze alingcwelise ezenzweni zokungcola zama-Israyeli. 20  “Lapho eseqedile ukwenzela indawo engcwele netende lokuhlangana ne-altare + isihlawulelo, + uzoletha nembuzi ephilayo. + 21  U-Aroni uzobeka izandla zombili phezu kwenhloko yembuzi ephilayo avume phezu kwayo wonke amaphutha ama-Israyeli nazo zonke iziphambeko zawo nazo zonke izono zawo, azibeke phezu kwenhloko yembuzi, + umuntu okhethelwe* ukuyihambisa ehlane ayihambise. 22  Le mbuzi izothwala wonke amaphutha ama-Israyeli + iwayise ezweni eliwugwadule, + lowo muntu ayihambise ayiyise ehlane. + 23  “U-Aroni uzobe esengena etendeni lokuhlangana, akhumule izingubo zelineni abezigqoke lapho engena endaweni engcwele, azibeke phansi. 24  Kumelwe ageze ngamanzi + endaweni engcwele agqoke izingubo zakhe; + bese ephuma anikele umnikelo wakhe oshiswayo + nomnikelo oshiswayo wabantu, + enzele yena nabantu isihlawulelo. + 25  Uzoshunqisa amanoni omnikelo wesono phezu kwe-altare. 26  “Umuntu ohambise imbuzi ka-Azazeli + ehlane kufanele awashe izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ngemva kwalokho usengangena ekamu. 27  “Inkunzi yomnikelo wesono nembuzi yomnikelo wesono, okulethwe igazi lako endaweni engcwele ukuze kwenziwe isihlawulelo, kuzokhishelwa ngaphandle kwekamu, kuthi izikhumba zako nenyama yako nomswani wako kushiswe ngomlilo. + 28  Lowo okushisayo kufanele awashe izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ngemva kwalokho usengangena ekamu. 29  “Lokhu kuzoba umthetho waphakade kini: Ngenyanga yesikhombisa, ngosuku lweshumi lwenyanga, kufanele nidabuke,* akumelwe nenze noma yimuphi umsebenzi, + kungakhathaliseki ukuthi ngumuntu wokuzalwa noma isifiki phakathi kwenu. 30  Ngalolu suku niyokwenzelwa isihlawulelo + ukuze kuthiwe nihlanzekile. Niyohlanzeka kuzo zonke izono zenu phambi kukaJehova. + 31  Luyisabatha lokuphumula ngokuphelele kini futhi kufanele nidabuke. *+ Kungumthetho waphakade. 32  “Umpristi ogcotshiwe + futhi wamiswa ukuba abe umpristi + esikhundleni sikayise + uzokwenza isihlawulelo, agqoke izingubo zelineni, + izingubo ezingcwele. + 33  Uzokwenzela indlu engcwele, + itende lokuhlangana + ne-altare + isihlawulelo; uzokwenzela abapristi nabo bonke abantu bebandla isihlawulelo. + 34  Lokhu kuzoba umthetho waphakade kini, + ukuze kwenzelwe ama-Israyeli isihlawulelo ngokuphathelene nazo zonke izono zawo, kanye ngonyaka.” + Ngakho wenza njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.

Imibhalo yaphansi

Noma, “izingubo.”
Noma, “inyama yakhe engamboziwe.”
Kungenzeka lisho “Imbuzi Enyamalalayo.”
Noma, “okulungele.”
Noma, “kufanele imiphefumulo yenu idabuke.” Ukudabuka kuvame ukuqondwa njengokusho izinhlobo ezihlukahlukene zokuzincisha, kuhlanganise nokuzila ukudla.
Noma, “kufanele imiphefumulo yenu idabuke.”