Levitikusi 1:1-17
-
Umnikelo oshiswayo (1-17)
1 UJehova wabiza uMose wakhuluma naye esetendeni lokuhlangana, + wathi:
2 “Khuluma nama-Israyeli,* uthi kuwo, ‘Uma noma ubani kini eletha kuJehova umnikelo wezilwane ezifuywayo, kufanele alethe inkomo, imvu noma imbuzi. +
3 “‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo oshiswayo womhlambi wezinkomo, kufanele anikele ngeduna eliphile kahle. + Kufanele awulethe ngokuzithandela + phambi kukaJehova emnyango wetende lokuhlangana.
4 Kufanele abeke isandla sakhe ekhanda lomnikelo oshiswayo, uzokwamukelwa ngenxa yakhe ukuze enzelwe isihlawulelo.
5 “‘Khona-ke leli duna kumelwe lihlatshwe phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, + azoletha igazi alifafaze nxazonke ze-altare + elisemnyango wetende lokuhlangana.
6 Umnikelo oshiswayo kufanele uhlinzwe bese uyasikwa ube amaqatha amakhulu. *+
7 Amadodana ka-Aroni, abapristi, kufanele abeke umlilo e-altare + futhi ahlele izinkuni emlilweni.
8 Amadodana ka-Aroni, abapristi, azobeka ngononina amaqatha omnikelo + kanye nekhanda nomhlwehlwe* phezu kwezinkuni ezisemlilweni e-altare.
9 Amathumbu namanqina awo kuyogezwa ngamanzi, umpristi kufanele awushunqise wonke e-altare njengomnikelo oshiswayo, umnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova. +
10 “‘Uma umnikelo wakhe oshiswayo ungowomhlambi wezimvu nezimbuzi, + kuyiwundlu noma izinyane lembuzi, kufanele alethe iduna eliphile kahle. +
11 Kufanele lihlatshelwe ohlangothini olusenyakatho lwe-altare phambi kukaJehova, futhi amadodana ka-Aroni, abapristi, azofafaza igazi lawo nxazonke ze-altare. +
12 Uzolisika libe amaqatha, ikhanda lalo nomhlwehlwe walo,* umpristi uzokubeka ngononina phezu kwezinkuni emlilweni ose-altare.
13 Uzogeza amathumbu namanqina alo ngamanzi, umpristi uzoliletha lonke alishunqise e-altare. Kungumnikelo oshiswayo, umnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova.
14 “‘Nokho, uma umnikelo wakhe oshiswayo awenzela uJehova kuyizinyoni, uzoletha umnikelo wamahobhe noma wamaphuphu amajuba. +
15 Umpristi uzowuletha e-altare awunqunte ikhanda futhi awushunqise e-altare, kodwa igazi lawo kufanele likhishelwe ohlangothini lwe-altare.
16 Kufanele asuse ingila nezimpaphe zawo akuphonse eceleni kwe-altare, ngasempumalanga, endaweni yomlotha. *+
17 Umpristi uzowusika eduze kwamaphiko angawuhlukanisi ube izingxenye ezimbili. Ngemva kwalokho uzowushunqisa e-altare, phezu kwezinkuni ezisemlilweni. Kungumnikelo oshiswayo, umnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “nabantwana bakwa-Israyeli.”
^ Noma, “amavenge.”
^ Noma, “namafutha azungeze izinso.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “namafutha alo azungeze izinso.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “yomlotha onamafutha,” okuwukuthi, umlotha onamafutha emihlatshelo.
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”