Levitikusi 19:1-37

  • Imithetho ehlukahlukene ngobungcwele (1-37)

    • Indlela efanele yokuvuna (9, 10)

    • Ukucabangela abayizithulu nabayizimpumputhe (14)

    • Ukunyundela (16)

    • Ungalibambi igqubu (18)

    • Ukwenza imilingo nokusebenzelana nabanemimoya kwenqatshelwe (26, 31)

    • Ukudweba umzimba kwenqatshelwe (28)

    • Ukuhlonipha abantu abadala (32)

    • Indlela yokuphatha izifiki (33, 34)

19  UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi:  “Khuluma nayo yonke inhlangano yama-Israyeli, uthi kuyo, ‘Kufanele nibe ngcwele, ngoba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele. +  “‘Ngamunye wenu kufanele ahloniphe* uyise nonina + futhi kufanele nigcine amasabatha ami. + NginguJehova uNkulunkulu wenu.  Ningaphendukeli konkulunkulu abangasizi ngalutho + noma nizenzele onkulunkulu bensimbi. + NginguJehova uNkulunkulu wenu.  “‘Uma ninikela kuJehova umhlatshelo ohlanganyelwayo, + kufanele niwunikele ngendlela yokuba nizitholele ukwamukelwa. +  Kufanele udliwe ngosuku enenza ngalo umhlatshelo nangosuku olulandelayo, kodwa okusele kwaze kwaba usuku lwesithathu kufanele kushiswe ngomlilo. +  Nokho, uma kudliwa noma yimuphi wawo ngosuku lwesithathu, kuyinto enengekayo engeke yamukeleke.  Owudlayo uyophendula ngesiphambeko sakhe ngoba ungcolise into engcwele kaJehova, lowo muntu kumelwe abulawe.*  “‘Lapho nivuna isivuno sezwe lenu, akumelwe nivune konke emaphethelweni ensimu yenu, futhi ningakhothozi* lapho nivuna. + 10  Ungazibuthi izinsalela ensimini yakho yamagilebhisi noma ucoshe amagilebhisi awile ensimini yakho. Kufanele uzishiyele ohluphekayo *+ nesifiki. NginguJehova uNkulunkulu wenu. 11  “‘Ningebi, + ningakhohlisi, + ningasebenzelani ngokungathembeki nabanye. 12  Akumelwe nifunge igama lami entweni engamanga, + ningcolise igama likaNkulunkulu wenu. NginguJehova. 13  Ungamphambi omunye umuntu + futhi ungamphangi. + Akufanele uwugodle ubusuku bonke kuze kube sekuseni umholo wesisebenzi esiqashiwe. + 14  “‘Ungamqalekisi umuntu oyisithulu noma ubeke isikhubekiso phambi kwempumputhe, + kumelwe umesabe uNkulunkulu wakho. + NginguJehova. 15  “‘Akumelwe nahlulele ngendlela engenabulungisa. Ungambandlululi umuntu ohluphekayo noma ukhethe isicebi. + Kufanele wahlulele omunye umuntu ngobulungisa. 16  “‘Akumelwe uhambe usakaza inkulumo enyundelayo phakathi kwabantu bakini. + Ungazami ukubulala omunye* umuntu. *+ NginguJehova. 17  “‘Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho. + Kufanele umsole impela umuntu wakini + ukuze ungabi nesono kanye naye. 18  “‘Ungaphindiseli + noma ubambele amadodana abantu bakini igqubu, kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena. + NginguJehova. 19  “‘Kufanele nigcine imithetho yami: Akumelwe uzalanise izilwane zakho ezifuywayo zezinhlobo ezimbili. Ungayihlwanyeli insimu yakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, + futhi ungayigqoki ingubo eyenziwe ngezinhlobo ezimbili zendwangu ezixutshanisiwe. + 20  “‘Uma indoda ilala nowesifazane ebe eyincekukazi ethenjiswe enye indoda, kodwa engazange ahlengwe noma anikezwe inkululeko, kufanele kube nesijeziso. Nokho, akufanele babulawe, ngoba wayengakakhululwa. 21  Kufanele ilethe umnikelo wayo wecala kuJehova emnyango wetende lokuhlangana, inqama yomnikelo wecala. + 22  Umpristi uzoyenzela isihlawulelo ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngenxa yesono esenzile, isono esenzile sizothethelelwa. 23  “‘Lapho nifika ezweni, bese nitshala noma yisiphi isihlahla sezithelo, kumelwe nibheke izithelo zaso njengezingcolile nezinqatshelwe ukudliwa. Kuyophela iminyaka emithathu nenqatshelwe ukusidla.* Akufanele sidliwe. 24  Kodwa ngonyaka wesine, zonke izithelo zaso ziyoba ngcwele, kuyoba isikhathi sokwethaba phambi kukaJehova. + 25  Ngonyaka wesihlanu ningadla izithelo zaso ukuze nenezele umkhiqizo waso esivunweni senu. NginguJehova uNkulunkulu wenu. 26  “‘Akumelwe nidle lutho olunegazi. + “‘Ningawabheki amabika noma nenze imilingo. + 27  “‘Akumelwe nigunde* izinwele ezisezinhlangothini zamakhanda enu,* noma nisuse umkhawulo wentshebe yenu. *+ 28  “‘Akumelwe nizisike inyama ngenxa yomuntu oshonile* + futhi akumelwe nizidwebe emzimbeni. NginguJehova. 29  “‘Ungayihlazi indodakazi yakho ngokuyenza isifebe, + ukuze izwe lingangcoliswa ubufebe, ligcwale ukuziphatha okuxekethile. + 30  “‘Kumelwe nigcine amasabatha ami + futhi nibonise inhlonipho* ngendlu yami engcwele. NginguJehova. 31  “‘Ningaphendukeli kwabasebenzelana nemimoya + futhi ningayi kubabikezeli bekusasa, + ukuze baningcolise. NginguJehova uNkulunkulu wenu. 32  “‘Kufanele usukume phambi kwempunga, + uhloniphe umuntu omdala, + wesabe uNkulunkulu wakho. + NginguJehova. 33  “‘Uma isifiki sihlala ezweni lenu, akumelwe nisiphathe kabi. + 34  Isifiki esihlala nani kufanele sifane nowokuzalwa kini; + kumelwe nisithande njengoba nizithanda nina, ngoba naniyizifiki ezweni laseGibhithe. + NginguJehova uNkulunkulu wenu. 35  “‘Akumelwe ningathembeki lapho nikala ubude, isisindo noma ubuningi bento. + 36  Kufanele nisebenzise izikali ezinembile, izisindo ezinembile, isilinganiso esinembile sezinto ezomile* nesilinganiso esinembile sezinto eziwuketshezi. *+ NginguJehova uNkulunkulu wenu, owanikhipha ezweni laseGibhithe. 37  Ngakho kumelwe nigcine yonke imithetho yami nazo zonke izinqumo zami zokwahlulela futhi kumelwe nikwenze. + NginguJehova.’”

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “esabe.”
Noma, “anqunywe kubantu bakubo.”
Noma, “ningabuthi okusele.”
Noma, “ompofu.”
NgesiHebheru, “ukumelana negazi lomunye.”
Noma kungaba, “Akumelwe ubukele lapho ukuphila komunye umuntu kusengozini.”
NgesiHebheru, “singasokiwe.”
Noma, “niphungule.”
Noma, “nigunde amahwanqa enu.”
Lokhu kubonakala kubhekisela emikhubeni ethile yabantu ababengamkhonzi uNkulunkulu.
Noma, “yomphefumulo.” Igama lesiHebheru elithi neʹphesh lapha libhekisela kumuntu ofile.
Noma, “nihlale nithuthumela.” NgesiHebheru, “nesabe.”
NgesiHebheru, “i-efa elinembile.” Bheka iSithasiselo B14.
NgesiHebheru, “nehini elinembile.” Bheka iSithasiselo B14.