Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uyakukhathalela

UJehova Uyakukhathalela

UJehova Uyakukhathalela

“[Phonsani] konke ukukhathazeka kwenu phezu [kukaNkulunkulu], ngoba uyanikhathalela.”—1 PETRU 5:7.

1. UJehova noSathane bahlukene ngokuphelele kuziphi izici ezibalulekile?

UJEHOVA noSathane bahlukene ngokuphelele. Noma ubani ozizwa edonsekela kuJehova uyanengwa nguDeveli. Lokhu kungafani kuyavezwa encwadini ethile. Mayelana nezenzo zikaSathane njengoba zichazwe encwadini yeBhayibheli kaJobe, i-Encyclopædia Britannica (1970) ithi: ‘Umsebenzi kaSathane ukuzulazula emhlabeni efuna izenzo noma abantu azobamangalela; ngakho akwenzayo kuphambene nalokho okwenziwa “amehlo eNkosi,” wona azulazula emhlabeni eqinisa konke okuhle (II IziKr. xvi, 9). USathane akethembi ukuthi abantu bangakwenza okuhle bengenabugovu futhi uyavunyelwa ukubavivinya ngaphansi kwegunya nokulawula kukaNkulunkulu nangaphakathi kwemingcele ayibekayo.’ Yebo, bahlukene kakhulu!—Jobe 1:6-12; 2:1-7.

2, 3. (a) Incazelo yegama elithi “Develi” iboniswe kanjani kahle kulokho okwenzeka kuJobe? (b) IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uSathane uyaqhubeka emangalela izinceku zikaJehova emhlabeni?

2 Igama elithi “Develi” livela kwelesiGreki elisho “omangalela ngamanga,” “umnyundeli.” Incwadi kaJobe iveza ukuthi uSathane wamangalela inceku kaJehova ethembekile uJobe ngokuthi yayimkhonza ngenxa yobugovu, ethi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?” (Jobe 1:9) Ukulandisa okusencwadini kaJobe kubonisa ukuthi naphezu kokuvivinywa nokulingwa kwakhe, uJobe wasondela nakakhulu kuJehova. (Jobe 10:9, 12; 12:9, 10; 19:25; 27:5; 28:28) Ngemva kosizi lwakhe, wathi kuNkulunkulu: “Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona.”—Jobe 42:5.

3 Ingabe uSathane wayeka ngesikhathi sikaJobe ukumangalela izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile? Cha. Incwadi yesAmbulo ibonisa ukuthi kulesi sikhathi sesiphelo uSathane uyaqhubeka emangalela abafowabo bakaKristu abagcotshiwe, ngokuqinisekile nabangane babo abathembekile. (2 Thimothewu 3:12; IsAmbulo 12:10, 17) Ngakho, kunesidingo esikhulu sokuba sonke njengamaKristu eqiniso sizithobe kuNkulunkulu wethu okhathalelayo, uJehova, simkhonze ngoba simthanda ngokujulile ngaleyo ndlela sibonise ukuthi ukumangalela kukaSathane kungamanga. Ngokwenza kanjalo siyokwenza inhliziyo kaJehova ijabule.—IzAga 27:11.

UJehova Ufuna Ukusisiza

4, 5. (a) Ngokungafani noSathane, yini uJehova ayicingayo emhlabeni? (b) Ukuze sithole umusa kaJehova, yini edingekayo kithi?

4 UDeveli uhambahamba emhlabeni efuna ukumangalela nokushwabadela othile. (Jobe 1:7, 9; 1 Petru 5:8) Ngokuphambene, uJehova ufuna ukusiza labo abadinga amandla akhe. Umprofethi uHanani wathi eNkosini u-Asa: “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) Yeka umehluko okhona phakathi kokucubungula kukaSathane okunenzondo nokukhathalela kukaJehova kothando!

5 UJehova akagadile wonke amaphutha nokwehluleka kwethu. Umhubi wabhala: “Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?” (IHubo 130:3) Impendulo esobala ithi: akekho. (UmShumayeli 7:20) Uma sisondela kuJehova ngezinhliziyo eziphelele, uyohlala esibhekile, hhayi ukuze asilahle ngamacala ethu, kodwa ukuze abone imizamo yethu futhi aphendule imithandazo yethu yokucela usizo nentethelelo. Umphostoli uPetru wabhala: “Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, futhi izindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo; kodwa ubuso bukaJehova bumelene nalabo abenza izinto ezimbi.”—1 Petru 3:12.

6. Indaba kaDavide isiduduza futhi isixwayise kanjani?

6 UDavide wayengaphelele futhi wona kakhulu. (2 Samuweli 12:7-9) Kodwa wathulula inhliziyo yakhe kuJehova futhi wasondela kuye ngomthandazo oqotho. (IHubo 51:1-12, umbhalo ongenhla) UJehova wawuzwa umthandazo wakhe wamthethelela, nakuba uDavide abhekana nemiphumela ebuhlungu yesono sakhe. (2 Samuweli 12:10-14) Lokhu kufanele kusiduduze futhi kusixwayise. Kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova uzimisele ukuthethelela izono zethu uma siphenduka ngempela, kodwa kuyaphaphamisa ukuqaphela ukuthi izono ngokuvamile zinemiphumela ebuhlungu. (Galathiya 6:7-9) Uma sifuna ukusondela kuJehova, siyokwenza konke okusemandleni ethu ukudeda kunoma yini engamjabulisi.—IHubo 97:10.

UJehova Ubadonsela Kuye Abantu Bakhe

7. Abantu abanjani uJehova ababhekayo, futhi ubadonsela kanjani kuye?

7 UDavide wabhala lokhu kwelinye lamahubo akhe: “Noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.” (IHubo 138:6) Liveza umqondo ofanayo, elinye ihubo lithi: “Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu, ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na? Uyavusa odingayo othulini.” (IHubo 113:5-7) Yebo, uMdali wendawo yonke onamandla onke uyazehlisa abuke emhlabeni, futhi amehlo akhe abona “ophansi,” “odingayo,” abantu “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso [ezenziwayo].” (Hezekeli 9:4) Abanjalo ubadonsela kuye ngeNdodana yakhe. Lapho esemhlabeni, uJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa . . . Akekho ongeza kimi ngaphandle kokuba ekunikwa uBaba.”—Johane 6:44, 65.

8, 9. (a) Kungani sonke kudingeka size kuJesu? (b) Yini ephawuleka kangaka ngelungiselelo lesihlengo?

8 Bonke abantu kufanele beze kuJesu futhi babe nokholo emhlatshelweni wesihlengo ngoba bazalwa beyizoni, behlukanisiwe noNkulunkulu. (Johane 3:36) Kudingeka babuyisane noNkulunkulu. (2 Korinte 5:20) UNkulunkulu akazange alindele ukuba izoni zimncenge ukuba enze ilungiselelo elithile ezazingaba nokuthula naye ngalo. Umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela. Ngoba uma, lapho siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, siyosindiswa ngokuphila kwayo.”—Roma 5:8, 10.

9 Umphostoli uJohane waqinisekisa iqiniso eliphakeme lokuthi uNkulunkulu ubuyisana nabantu, wathi: “Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa ngokuqondene nathi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. Uthando lukulesisici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Johane 4:9, 10) NguNkulunkulu owathatha isinyathelo kuqala, akuyena umuntu. Awuzizwa yini udonsekela kuNkulunkulu owabonisa uthando olungaka ‘ngezoni,’ ‘izitha’ nanokwenza?—Johane 3:16.

Isidingo Sokufuna UJehova

10, 11. (a) Yini okumelwe siyenze uma sifuna uJehova? (b) Kufanele sisibheke kanjani isimiso sikaSathane sezinto?

10 Yebo, uJehova akasiphoqi ukuba size kuye. Kumelwe simfune ‘simphumputhe futhi simthole ngempela, nakuba, eqinisweni, engekude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Kumelwe siliqaphele ilungelo likaJehova lokufuna ukuba sizithobe kuye. Umfundi uJakobe wabhala: “Zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli futhi uyonibalekela. Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini. Hlanzani izandla zenu, nina zoni, futhi nihlanze izinhliziyo zenu, nina enimanqikanqika.” (Jakobe 4:7, 8) Akufanele sinqikaze ukumelana ngokuqinile noDeveli, futhi sime ngakuJehova.

11 Lokhu kusho ukuthi kufanele siqhelelane nesimiso sezinto sikaSathane esibi. UJakobe wathi futhi: “Anazi yini ukuthi ubungane nezwe buwubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Lokhu kusho ukuthi uma sifuna ukuba abangane bakaJehova kumelwe sikulindele ukuzondwa yizwe likaSathane.—Johane 15:19; 1 Johane 3:13.

12. (a) Yimaphi amazwi aduduzayo abhalwa uDavide? (b) Yisiphi isixwayiso uJehova asinikeza ngomprofethi u-Azariya?

12 Lapho izwe likaSathane lisiphikisa ngandlela-thile, kudingeka ngokukhethekile ukuba siye kuJehova ngomthandazo, sicele usizo lwakhe. UDavide owasindiswa uJehova kaningi, wabhala lokhu ukuze siduduzeke: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise. UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.” (IHubo 145:18-20) Leli hubo libonisa ukuthi uJehova angasisindisa uma sivivinywa njengabantu ngabanye nokuthi uyobasindisa abantu bakhe bebonke ngesikhathi ‘sosizi olukhulu.’ (IsAmbulo 7:14) UJehova uyohlale eseduze kwethu uma sihlala siseduze kwakhe. Eqondiswa ‘umoya kaNkulunkulu,’ umprofethi u-Azariya washo lokho esingakubheka njengeqiniso elisebenza kuzo zonke izimo, wathi: “UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.”—2 IziKronike 15:1, 2.

UJehova Kumelwe Abe Ngokoqobo Kithi

13. Singabonisa kanjani ukuthi uJehova ungokoqobo kithi?

13 Umphostoli uPawulu wabhala ngoMose wathi “waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Heberu 11:27) Yiqiniso, uMose akazange ambone ngempela uJehova. (Eksodusi 33:20) Kodwa uJehova wayengokoqobo kuye kangangokuthi kwakusengathi uyambona. Ngokufanayo, ngemva kokuvivinywa kwakhe, noJobe, ngamehlo okholo, wambona ngokucace ngokwengeziwe uJehova njengoNkulunkulu ovumela izinceku zakhe ezithembekile ukuba zivivinywe kodwa angalokothi azishiye. (Jobe 42:5) U-Enoke noNowa kwathiwa ‘bahamba noNkulunkulu.’ Lokhu bakwenza ngokufuna ukujabulisa uNkulunkulu nokumlalela. (Genesise 5:22-24; 6:9, 22; Heberu 11:5, 7) Uma uJehova engokoqobo kithi njengoba ayenjalo ku-Enoke, uNowa, uJobe noMose, ‘siyomazisa’ ezindleleni zethu zonke, futhi “uyakuqondisa imikhondo [yethu].”—IzAga 3:5, 6.

14. Kusho ukuthini ‘ukunamathela’ kuJehova?

14 Ngaphambi nje kokuba ama-Israyeli angene eZweni Lesithembiso, uMose waweluleka: “Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.” (Duteronomi 13:4) Kwakumelwe alandele uJehova, amesabe, amlalele futhi anamathele kuye. Ngokuphathelene negama elihunyushwe lapha ngokuthi ‘namathela,’ esinye isazi seBhayibheli sithi “ulimi [lwesiHeberu] lubonisa ubuhlobo obuseduze kakhulu nobusondelene.” Umhubi wathi: “Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo.” (IHubo 25:14) Siyoba nalobu buhlobo obuyigugu nobuseduze noJehova uma engokoqobo kithi futhi simthanda kangangokuthi sesabe ukumdumaza nganoma iyiphi indlela.—IHubo 19:9-14.

Ingabe Uyakuqaphela Ukukhathalela KukaJehova?

15, 16. (a) IHubo 34 libonisa kanjani ukuthi uJehova uyasinakekela? (b) Yini okufanele siyenze uma sikuthola kunzima ukukhumbula izenzo ezinhle uJehova asenzele zona?

15 Elinye lamaqhinga kaSathane ukuzama ukusenza sikhohlwe ukuthi uNkulunkulu wethu uJehova uyazinakekela ngaso sonke isikhathi izinceku zakhe ezithembekile. Inkosi yakwa-Israyeli uDavide yayisiqaphela isivikelo sikaJehova ngisho nalapho yayibhekene nesikhathi esiyingozi kakhulu. Lapho ephoqeleka ukuba azenze uhlanya phambi kwenkosi yaseGati u-Akhishi, waqamba ingoma, ihubo elimnandi, eyayinala mazwi abonisa ukholo: “Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.”—IHubo 34:3, 4, 7, 8, 18, 19; 1 Samuweli 21:10-15.

16 Ukholisekile yini ukuthi uJehova unamandla okusindisa? Uyasiqaphela yini isivikelo sakhe sezingelosi? Ingabe usuye wazizwela futhi wazibonela ukuthi uJehova muhle? Wagcina nini ukuqaphela ngokukhethekile ukuthi uJehova uye waba muhle kuwe? Zama ukukhumbula. Ingabe kwakukuleya ndlu yokugcina usensimini, lapho wawusucabanga ukuthi ngeke usakwazi ukuqhubeka? Mhlawumbe wabe usuba nengxoxo emnandi nomninikhaya. Wakhumbula yini ukubonga uJehova ngokukunika amandla engeziwe owawuwadinga nangokukubusisa? (2 Korinte 4:7) Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka ukuthola kunzima ukukhumbula isenzo esithile esihle uJehova akwenzele sona. Mhlawumbe kufanele ucabange uhlehle ngesonto, ngenyanga, ngonyaka, noma ngaphezu kwalokho. Uma kunjalo, kungani ungazami ngokuzimisela ukusondela eduze kukaJehova, uzame ukubona ukuthi ukuhola futhi akuqondise kanjani? Umphostoli uPetru wayala amaKristu: “Zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, . . . kuyilapho niphonsa konke ukukhathazeka kwenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.” (1 Petru 5:6, 7) Ngempela uyomangala ukuthi ukukhathalela kangakanani!—IHubo 73:28.

Qhubeka Ufuna UJehova

17. Yini edingekayo ukuze siqhubeke sifuna uJehova?

17 Ukulondoloza ubuhlobo bethu noJehova kumelwe kube yinto eqhubekayo. Ethandaza kuYise uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ukungenisa ulwazi ngoJehova nangeNdodana yakhe kufuna senze umzamo oqhubekayo. Sidinga usizo lomthandazo nomoya ongcwele ukuze siqonde ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10; Luka 11:13) Sidinga nesiqondiso ‘sesigqila esikholekile nesiqondayo’ ukuze sondle izingqondo zethu ngokudla okungokomoya okunikezwa “ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:45) Ngalowo mzila, uJehova uye waseluleka ukuba sifunde iZwi lakhe nsuku zonke, sibe khona njalo emihlanganweni yobuKristu futhi sibe nengxenye enenjongo ekushumayeleni “izindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14) Ngokwenza kanjalo, siyoqhubeka simfuna uNkulunkulu wethu okhathalelayo, uJehova.

18, 19. (a) Yini okufanele sizimisele ukuyenza? (b) Siyobusiswa kanjani uma simelana ngokuqinile noDeveli futhi siqhubeka sifuna uJehova?

18 USathane wenza konke okusemandleni akhe ukuze alethele abantu bakaJehova ushushiso, ukuphikiswa nezingcindezi okuvela nxazonke. Uzama ukuphazamisa ukuthula kwethu nokonakalisa ukuma kwethu okuhle noNkulunkulu. Akafuni siqhubeke nomsebenzi wethu wokuthola abanhliziyo ziqotho nokubasiza beze ohlangothini lukaJehova empikiswaneni yobukhosi bendawo yonke. Kodwa kumelwe sizimisele ukuhlala sithembekile kuJehova, sethembela kuye ukuba asikhulule komubi. Ngokuvumela iZwi likaNkulunkulu lisiqondise nangokuhlala sibambisene ngenkuthalo nenhlangano yakhe ebonakalayo, singaqiniseka ukuthi uyosisekela njalo.—Isaya 41:8-13.

19 Ngakho-ke kwangathi sonke singamelana ngokuqinile noDeveli namaqhinga akhe, ngaso sonke isikhathi sifune uNkulunkulu wethu othandekayo uJehova, ongenakuhluleka ‘ukusenza siqine, asenze sibe namandla.’ (1 Petru 5:8-11) Kanjalo ‘siyozigcina sisothandweni lukaNkulunkulu kuyilapho silindele isihe seNkosi yethu uJesu Kristu sinombono wokuphila okuphakade.’—Jude 21.

Ungaphendula Kanjani?

• Lisho ukuthini igama elithi “Develi,” futhi uDeveli wenza kanjani ngokuvumelana negama lakhe?

• UJehova uhluke kanjani kuDeveli endleleni abheka ngayo abantu emhlabeni?

• Kungani umuntu kumelwe amukele isihlengo lapho esondela kuJehova?

• Kusho ukuthini ‘ukunamathela’ kuJehova, futhi singaqhubeka kanjani simfuna?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Naphezu kokulingwa kwakhe, uJobe waqonda ukuthi uJehova uyamkhathalela

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, nokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela kusikhumbuza ukuthi uJehova uyasikhathalela