UmShumayeli 7:1-29

  • Igama elihle nosuku lokufa (1-4)

  • Ukusola komuntu ohlakaniphile (5-7)

  • Singcono isiphetho kunesiqalo (8-10)

  • Inzuzo yokuhlakanipha (11, 12)

  • Izinsuku ezinhle nezimbi (13-15)

  • Kugweme ukweqisa (16-22)

  • Izinto ezibonwe umshumayeli (23-29)

7  Igama elihle* lingcono kunamafutha amahle, + nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.  Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, + ngoba lokho kuyisiphetho sawo wonke umuntu; abaphilayo kufanele bakufake enhliziyweni lokho.  Kungcono ukukhathazeka kunokuhleka, + ngoba ubuso obudabukile benza inhliziyo ibe ngcono. +  Inhliziyo yabahlakaniphile isendlini yokulila, kodwa inhliziyo yeziphukuphuku isendlini yokujabula. +  Kungcono ukulalela lapho umuntu ohlakaniphile ekukhuza + kunokulalela ingoma yeziphukuphuku.  Ngoba njengomsindo wameva avutha ngaphansi kwembiza, kunjalo ukuhleka kwesiphukuphuku; + nalokhu futhi kuyize.  Kodwa ukucindezelwa kungenza ohlakaniphile asangane, nesifumbathiso sonakalisa inhliziyo. +  Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo. Kungcono ukubekezela kunokuba nomoya ozidlayo. +  Ungasheshi ukucasuka, + ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku. *+ 10  Ungasho ukuthi, “Kungani izinsuku zangaphambili zazingcono kunalezi?” ngoba usuke ungahlakaniphile uma ubuza lokho. + 11  Ukuhlakanipha okuhambisana nefa kuyinto enhle newusizo kulabo ababona ilanga.* 12  Ngoba ukuhlakanipha kuyisivikelo + njengoba nje nemali iyisivikelo, + kodwa inzuzo yolwazi yile: Ukuhlakanipha kuyakulonda ukuphila komniniko. + 13  Cabanga ngomsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, ngoba ubani okwazi ukuqondisa lokho akwenze kwagwegwa? + 14  Ngosuku oluhle bonisa ubuhle, + kodwa ngosuku lwenhlekelele khumbula* ukuthi uNkulunkulu ulwenzile lolu njengoba enze naloluya, + ukuze abantu bangaqiniseki* ngokuzokwenzeka kubo esikhathini esizayo. + 15  Ngikubone konke ngezinsuku zokuphila kwami okuyize +—kusukela kolungile oshabalala ekulungeni kwakhe + kuya komubi ophila isikhathi eside naphezu kobubi bakhe. + 16  Ungabi olunge ngokwedlulele, + noma uzibonise uhlakaniphe ngokweqile. + Kungani kufanele uzilethele inhlekelele? + 17  Ungabi mubi ngokwedlulele, noma ube isiwula. + Kungani kufanele ufe kungakabi isikhathi sakho? + 18  Kuhle kakhulu ukubamba isixwayiso sokuqala* kodwa ungasidedeli nalesi sesibili; *+ ngoba owesaba uNkulunkulu uyozilalela zombili. 19  Ukuhlakanipha kwenza umuntu ohlakaniphile abe namandla kunamadoda anamandla ayishumi edolobheni. + 20  Ngoba akekho umuntu olungile emhlabeni owenza okuhle njalo ongalokothi one. + 21  Ungawafaki enhliziyweni wonke amazwi abantu abawashoyo; + ngaphandle kwalokho ungase uzwe inceku yakho ikuqalekisa;* 22  ngoba wazi kahle enhliziyweni yakho ukuthi nawe uye wabaqalekisa abanye izikhathi eziningi. + 23  Konke lokhu ngiye ngakuvivinya ngokuhlakanipha, ngase ngithi: “Ngizohlakanipha.” Kodwa ukuhlakanipha kwakukude nami. 24  Lokho okuye kwaba khona akufinyeleleki futhi kujule ngokwedlulele. Ubani ongakuqonda? + 25  Ngaqondisa inhliziyo yami ukuba yazi, ihlole futhi ifune ukuhlakanipha nezimbangela zezinto, nokuba iqonde ububi bobuphukuphuku nobuwula balabo abenzisa okwezinhlanya. + 26  Ngabe sengithola lokhu: Into embi* kunokufa ngowesifazane onjengenethi lomzingeli, onenhliziyo enjengamanethi okudoba, nonezandla ezinjengamaketanga asejele. Umuntu ojabulisa uNkulunkulu weqiniso uyophunyuka kulona wesifazane, + kodwa oyisoni uyambamba. + 27  “Bheka! Nakhu engikutholile,” kusho umshumayeli. + “Ngihlole zonke izinto ukuze ngifinyelele isiphetho, 28  kodwa ebengilokhu ngikufuna, angikakutholi. Kubantu abayinkulungwane ngiyitholile indoda eyodwa eqotho, kodwa angikamtholi owesifazane oqotho phakathi kwabo. 29  Yilokhu kuphela engikutholile: UNkulunkulu weqiniso wenza abantu baba qotho, + kodwa bona balandele awabo amacebo.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Idumela elihle.” NgesiHebheru, “Igama.”
Noma kungaba, “kuwuphawu lwesiphukuphuku.”
Okuwukuthi, labo abaphilayo.
Noma, “bangatholi lutho.”
Noma, “qaphela.”
Okuwukuthi, lesi esishiwo evesini 17.
Okuwukuthi, lesi esishiwo evesini 16.
Noma, “ikhuluma kabi ngawe.”
NgesiHebheru, “Okumunyu.”