Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Yimimoya Emibi Egqugquzela Ububi?

Ingabe Yimimoya Emibi Egqugquzela Ububi?

Ingabe Yimimoya Emibi Egqugquzela Ububi?

“Izwe linesiyezi, njengokungathi kukhona amandla amabi ahlalele ukuzama ukuvala zonke izintuba zokubaleka.”—UJean-Claude Souléry, intatheli.

‘Imizwa yomuntu yokungabi namandla imenza azizwe sengathi wenganywe imimoya emibi.’—UJosef Barton, isazi-mlando.

UKUHLASELA kwamaphekula kwango-September 11, 2001, kwashaqisa kangangokuthi kwenza abaningi bacabangisisa. Ebhala kuyi-Financial Times yaseNgilandi, uMichael Prowse wathi: “Akukho silwane ebesingenza ngonya olunje.” Ingosi yomhleli we-New York Times yathi, ngaphezu kokuhlela okwakudingeka kulokhu kuhlasela, “kubalulekile nokucabanga ngobukhulu benzondo eyayidingeka ukuze kwenziwe. Yinzondo engaphezu kweyasezimpini ezivamile, engenamingcele, engagcini zivumelwano.”

Abantu bezinkolo ezihlukahlukene bacabanga ngokuthi kungenzeka yini ukuthi kunamandla amabi agqugquzela ububi. Usomabhizinisi othile waseSarajevo owabona izenzo ezishaqisayo zenzondo yobuhlanga eBosnia wathi: “Ngemva konyaka impi yaseBosnia iqhubeka ngikholelwa ukuthi nguSathane ophethe izintambo. Ubuhlanya bodwa lobu.”

Lapho isazi-mlando uJean Delumeau sibuzwa ukuthi siyakholelwa yini ukuthi uDeveli ukhona, saphendula sathi: “Ngingaphika kanjani ukuthi kunamandla amabi ngibe ngikubona lokho okwenzekayo nalokho okuye kwenzeka kusukela ngazalwa: Impi yezwe yesibili, okwafa kuyo abangaphezu kwezigidi ezingu-40; i-Auschwitz namakamu okufa; ukuqothulwa kwesizwe eCambodia; ukubusa kobushiqela kukaCeauşescu okwachitha amathantala egazi; ukuhlukumeza okuyinkambiso kahulumeni ezindaweni eziningi emhlabeni. Uhlu lwezinto ezishaqisayo alupheli. . . . Ngakho ngikholelwa ukuthi kuyafaneleka ukuba izenzo ezinjalo sizibize ngokuthi ‘zinobusathane,’ hhayi ngoba zibangelwa uDeveli onezimpondo nezinselo kodwa uDeveli omelela umoya namandla obubi okusebenza emhlabeni.”

NjengoJean Delumeau, abantu abaningi bazibheka “njengezinobusathane” izinto ezishaqisayo ezenzeka emphakathini namuhla, kusukela ekhaya kuze kuyofika kohulumeni bamazwe. Kodwa kusho ukuthini lokhu? Ingabe izenzo ezishaqisa kanjalo kumelwe kuthiwe zibangelwa amandla obubi angeyena umuntu, noma ingabe kukhona abantu ababi bomoya ababangela ukuba abantu benze izenzo ezinyantisayo ezidlula ububi obuvamile bomuntu? Ingabe labo bantu bomoya benganyelwe ubhongoza wobubi—uSathane uDeveli?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Children: U.S. Coast Guard photo