Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kufanele Yini AmaKristu Abe Nomhawu?

Kufanele Yini AmaKristu Abe Nomhawu?

Kufanele Yini AmaKristu Abe Nomhawu?

UMHAWU—ingabe imfanelo amaKristu okufanele ayihlakulele? NjengamaKristu, sikhuthazwa ukuba ‘siphishekele uthando,’ futhi sitshelwa ukuthi “uthando alunamhawu.” (1 Korinte 13:4; 14:1) Sibuye sitshelwe nanokuthi “uJehova . . . unguNkulunkulu onomhawu” futhi siyalwa ukuba sibe “abalingisi bakaNkulunkulu.” (Eksodusi 34:14; Efesu 5:1) Kungani kubonakala kunalokhu kungqubuzana?

Yingoba amagama esiHeberu nelesiGreki ahunyushwe eBhayibhelini ngokuthi “umhawu” anezincazelo eziningi ezihlukahlukene. Angasho okuhle noma okubi, kuye ngokuthi asetshenziswe kanjani. Ngokwesibonelo, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “umhawu” lingasho “ukufuna ukuzinikela okukhethekile; ukungabekezeleli kubangiswa; intshiseko; umhawu [olungile noma oyisono]; ukufela umona.” NelesiGreki lisho okufuze lokho. La magama angabhekisela emzwelweni osontekile umuntu aba nawo ngalowo acabanga ukuthi uyimbangi yakhe noma akholelwa ukuthi ungcono kunaye. (IzAga 14:30) Angabhekisela nasekubonisweni okuhle kwemfanelo esiyinikwe uNkulunkulu—ukufuna ukuvikela othandekayo engozini.—2 Korinte 11:2.

Isibonelo Esizidlula Zonke

UJehova ubeka isibonelo esizidlula zonke ekuboniseni umhawu ofanele. Izisusa zakhe zimsulwa futhi zihlanzekile, zishukunyiswa isifiso sokuvikela abantu bakhe ekonakaleni ngokomoya nangokokuziphatha. Ekhuluma ngabantu bakhe basendulo, ababizwa ngokomfanekiso ngokuthi iJerusalema, wathi: “Ngihawukela iJerusalema ngokuhawukela okukhulu, yebo, ngilihawukela ngokufutheka okukhulu.” (Zakariya 8:2) Njengoba nje nobaba onothando ehlala eqaphile ukuze avikele izingane zakhe engozini, uJehova uqaphile ukuze avikele izinceku zakhe engozini engokwenyama nengokomoya.

Ukuze avikele abantu bakhe, uJehova wanikeza iZwi lakhe, iBhayibheli. Linamazwi amaningi abakhuthaza ukuba bahambe ngokuhlakanipha, futhi ligcwele izibonelo zalabo abenza kanjalo. Ku-Isaya 48:17, siyafunda: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” Kududuza ngempela ukwazi ukuthi umhawu wakhe umenza asinakekele futhi asiqaphe! Ukube ubengenawo umhawu ngale ndlela enhle, besiyovelelwa yizo zonke izingozi ngenxa yokungazi kwethu. Ukubonisa kukaJehova umhawu akunabo neze ubugovu.

Uyini-ke umehluko phakathi komhawu ofana nokaNkulunkulu nomhawu ongafanele? Ukuze sithole, ake sibheke isibonelo sikaMiriyamu nesikaFinehasi. Phawula lokho okwakubashukumisa.

UMiriyamu NoFinehasi

UMiriyamu wayengudadewabo omdala kaMose no-Aroni, abaholi bama-Israyeli ngesikhathi soFuduko. Ngesikhathi ama-Israyeli esehlane, uMiriyamu waba nomhawu ngomfowabo uMose. Umlando weBhayibheli uthi: “OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile . . . Bathi: ‘Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi na?’” Kubonakala sengathi uMiriyamu wayengubhongoza kulokhu kumelana noMose, ngoba uJehova wajezisa yena, hhayi u-Aroni, wamshaya ngochoko olwahlala isonto lonke ngenxa yokudelela kwakhe.—Numeri 12:1-15.

Yini eyenza uMiriyamu wamelana noMose? Ingabe kwakuwukukhathalela ukukhulekela kweqiniso nesifiso sokuvikela ama-Israyeli akubo engozini? Akubonakali kanjalo. Kubonakala sengathi uMiriyamu wayevume ukuba kukhule enhliziyweni yakhe ukuhahela udumo negunya elengeziwe. Njengomprofethikazi kwa-Israyeli, abantu babemhlonipha kakhulu, ikakhulu abesifazane. Wayebahola emculweni nasengomeni eyahlatshelelwa ngemva kokusindiswa kwama-Israyeli ngokuyisimangaliso oLwandle Olubomvu. Kodwa manje kungenzeka uMiriyamu wayesekhathazeka ngokungadingekile ngokuthi umuntu ayembheka njengembangi, umkaMose, wayengase amdlule ngokuvelela. Eshukunyiswa umhawu onobugovu, washisela uMose umbango, umuntu owayebekwe uJehova.—Eksodusi 15:1, 20, 21.

UFinehasi yena izenzo zakhe zazishukunyiswa isisusa esihlukile. Ngaphambi nje kokuba ama-Israyeli angene eZweni Lesithembiso, lapho ekanise eThafeni LakwaMowabi, abesifazane bakwaMowabi nabakwaMidiyani bayenga abesilisa abaningi bakwa-Israyeli ukuba baziphathe kabi futhi bakhulekele izithombe. Ukuze kuhlanzwe ikamu futhi kunqandwe intukuthelo kaJehova evuthayo, abahluleli bakwa-Israyeli bayalwa ukuba babulale wonke amadoda ayephambuke ngaleyo ndlela. Isikhulu sakwaSimeyoni, uZimri, seza ekamu nowesifazane wakwaMidiyani, uKozibi, “emehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli” singagqize qakala, ngenjongo yokuba baziphathe kabi. UFinehasi wathatha isinyathelo esiwujuqu. Eshukunyiswa umhawu, noma intshiseko, ngokukhulekelwa kukaJehova nesifiso sokugcina ikamu limsulwa ngokokuziphatha, wazibulalela etendeni lazo lezi zifebe. Watuswa ‘ngentukuthelo yakhe enomhawu,’ ‘engakubekezeleli ngokuphelele ukuba kube khona obangisana’ noJehova. Isinyathelo sikaFinehasi esisheshayo sanqanda isishayo esiyisijeziso esase sibulele abangu-24 000, futhi uJehova wamvuza ngesivumelwano sokuthi ubupristi babuyohlala enzalweni yakhe kuze kube phakade.—Numeri 25:4-13; The New English Bible.

Uyini umehluko phakathi kwalokhu kuboniswa okubili komhawu? UMiriyamu wamelana nomfowabo ngenxa yomhawu onobugovu, kanti uFinehasi yena wenza ubulungisa ngenxa yomhawu ofana nokaNkulunkulu. Kunezikhathi lapho nathi, njengoFinehasi, kufanele sizizwe siphoqelekile ukukhuluma noma ukwenza okuthile ukuze sivikele igama likaJehova, ukukhulekelwa kwakhe nabantu bakhe.

Umhawu Osetshenziswa Kabi

Nokho, kungenzeka yini umuntu abe nemizwa yomhawu osetshenziswa kabi? Yebo, kungenzeka. Kwakunjalo ngeningi lamaJuda ekhulwini lokuqala. Awuvikela ngomhawu uMthetho ayewunikwe uNkulunkulu namasiko awo. Ezama ukuvikela uMthetho akha imithetho eminingi enemidanti nemingcele eyaba umthwalo osindayo kubantu. (Mathewu 23:4) Ehluleka, noma engazimisele, ukuqaphela ukuthi esikhundleni soMthetho KaMose manje uNkulunkulu wayeselethe lokho owawukufanekisela, umhawu wawo wawenza ngokungafanele abathukuthelela ngokungalawuleki abalandeli bakaJesu Kristu. Umphostoli uPawulu, naye ngokwakhe owayeke wathembeka eMthethweni kodwa ewusebenzisa kabi umhawu, wathi labo ababevikela uMthetho ‘babenentshiseko [umhawu] ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.’—Roma 10:2; Galathiya 1:14.

Ngisho namaJuda amaningi aba amaKristu alwa kanzima esusa kuwo lo muzwa wokuwushisekela ngokungafanele uMthetho. Ngemva kohambo lwakhe lwesithathu lwezithunywa zevangeli, uPawulu waletha umbiko endikimbeni ebusayo yekhulu lokuqala mayelana nokuguqulwa kwezizwe. Ngaleso sikhathi, izinkulungwane zamaJuda angamaKristu ‘zonke zazishisekela uMthetho.’ (IzEnzo 21:20) Lokhu kwakungemva kweminyaka eminingi indikimba ebusayo yanquma ukuthi amaKristu abeZizwe kwakungadingekile asokwe. Izindaba eziphathelene nokugcinwa koMthetho zazibangele ingxabano ebandleni. (IzEnzo 15:1, 2, 28, 29; Galathiya 4:9, 10; 5:7-12) Engayiqondi ngokugcwele indlela uJehova ayesesebenzelana ngayo manje nabantu bakhe, amanye amaKristu angamaJuda ayephoqelela imibono yawo, egxeka abanye.—Kolose 2:17; Heberu 10:1.

Ngakho-ke, kumelwe sigweme ugibe lokuzama ukuvikela ngomhawu imibono noma izindlela zethu esizikhonzile ezingasekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu. Kuhle samukele ukukhanyiswa okusha kweZwi likaNkulunkulu okutholakala ngomzila uJehova awusebenzisayo namuhla.

Yiba Nomhawu NgoJehova

Nokho, umhawu ofana nokaNkulunkulu unayo indawo ekukhulekeleni kweqiniso. Lapho sikhathazeka ngokungadingekile ngedumela noma ngamalungelo ethu, umhawu ofana nokaNkulunkulu usenza sinake uJehova. Usenza sifune izindlela zokumemezela iqiniso ngaye, sivikele izindlela zakhe nabantu bakhe.

U-Akiko, isikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi kaJehova, wakhakhabiswa umninikhaya owayenemibono enganembile ngomthetho kaNkulunkulu ngegazi. U-Akiko walivikela ngendlela engacunuli iZwi likaNkulunkulu, waveza nanezinkinga zezokwelapha ezihlangene nokumpontshelwa igazi. Eshukunyiswa isifiso esinamandla sokukhuluma ngoJehova, ingxoxo wayiphendulela kulokho ayecabanga ukuthi yiyona mbangela yokuphikisa kwalona wesifazane—ukungakholelwa kwakhe ukuthi ukhona uMdali. U-Akiko wabonisana nalo mninikhaya ngendlela indalo ekusekela ngayo ukuthi ukhona uMdali. Ukulivikela kwakhe ngesibindi iZwi likaNkulunkulu akugcinanga ngokususa imibono engenasisekelo kodwa futhi kwaholela esifundweni seBhayibheli nalona wesifazane. Namuhla lo mninikhaya owayethukuthele usengumdumisi kaJehova.

Umhawu ofanele, noma intshiseko, ngokukhulekela kweqiniso usishukumisela ukuba sikuphaphamele ukusebenzisa amathuba okukhuluma ngokholo lwethu nokuluvikela emsebenzini, esikoleni, ezitolo nalapho sisohambweni. Ngokwesibonelo uMidori uyaqikelela ukuthi uyakhuluma ngokholo lwakhe kwasebenza nabo. Omunye asebenza naye owayeseminyakeni yawo-40 ubudala wathi akafuni lutho oluhlangene noFakazi BakaJehova. Kamuva, kwenye ingxoxo, lona wesifazane wabalisa ethi indodakazi yakhe isiqala ukuba nobuntu obungathandeki. UMidori wambonisa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, * wayesecela ukuhlela ukuyifunda nendodakazi yakhe. Isifundo saqalwa, kodwa unina wayengabi khona kuso. UMidori wanquma ukubonisa lona wesifazane i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. * Lokhu kwasusa imibono eminingi eyiphutha ayenayo. Ethintwe yilokho ayekubonile, wathi: “Ngifuna ukufana noFakazi BakaJehova.” Wahlanganyela nendodakazi yakhe ekutadisheni iBhayibheli.

Umhawu ofanele unendawo nasebandleni lobuKristu. Wakha umoya ofudumele wothando nokukhathalelana futhi usishukumisela ukuba simelane namathonya onakalisayo angalimaza abafowethu abangokomoya, njengenhlebo elimazayo nokucabanga kwezihlubuki. Umhawu ofana nokaNkulunkulu usishukumisela ukuba sisekele izinqumo zabadala, abakuthola kudingekile ngezinye izikhathi ukusola abenza okubi. (1 Korinte 5:11-13; 1 Thimothewu 5:20) Ebhala ngomhawu ayenawo ngakholwa nabo ebandleni laseKorinte, uPawulu wathi: “Ngiyakhweleza ngani ngesikhwele sokuhlonipha uNkulunkulu, ngoba mina uqobo nganithembisa umshado nendoda eyodwa ukuze nginethule njengentombi emsulwa kuKristu.” (2 Korinte 11:2) Ngakho nathi, umhawu wethu usishukumisela ukuba senze konke esingakwenza ukuze sivikele ubumsulwa babo bonke ebandleni ngokuqondene nezimfundiso, ingokomoya nokuziphatha.

Yebo, umhawu onesisusa esifanele—umhawu ofana nokaNkulunkulu—unethonya elihle kwabanye. Wenza sithole ukuvunyelwa uJehova futhi kufanele ube enye yezimfanelo ezibonakala kumaKristu namuhla.—Johane 2:17.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 20 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.

^ par. 20 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 29]

Izenzo zikaFinehasi zazishukunyiswa umhawu ofana nokaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 30]

Gwema ugibe lomhawu osetshenziswa kabi

[Izithombe ekhasini 31]

Umhawu ofana nokaNkulunkulu usishukumisela ukuba sixoxe ngokholo lwethu nabanye futhi sazise abafowethu