KwabaseRoma 10:1-21
10 Bafowethu, engikufisayo enhliziyweni yami nengibacelela kona kuNkulunkulu, ngempela, ukuba basindiswe. +
2 Ngoba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa hhayi ngokolwazi olunembile. +
3 Ngoba ngenxa yokungakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, + kodwa befuna ukumisa okwabo siqu, + abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu. +
4 Ngoba uKristu uyisiphetho soMthetho, + ukuze wonke umuntu obonisa ukholo abe nokulunga. +
5 Ngoba uMose wabhala mayelana nokulungile eMthethweni: “Umuntu owenza lezi zinto uyophila ngazo.” +
6 Kodwa ukulunga okuvela okholweni kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho + ukuthi, ‘Ubani oyonyukela ezulwini?’ + okungukuthi, ukuze ehlise uKristu,
7 noma ukuthi, ‘Ubani oyokwehlela kwalasha?’ + okungukuthi, ukuze anyuse uKristu kwabafile.”
8 Kodwa umBhalo uthini? Uthi, “Izwi liseduze kwakho, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho”; + okungukuthi, “izwi” lokholo, esilishumayelayo.
9 Ngoba uma uvuma obala ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, + futhi unokholo enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafile, uyosindiswa.
10 Ngoba ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala + kube insindiso.
11 Ngoba umbhalo uthi: “Akekho oba nokholo kuye oyodumazeka.” +
12 Ngoba awukho umehluko phakathi komJuda nomGreki. + Kukhona iNkosi efanayo phezu kwabo bonke, ecebile* kubo bonke abayibizayo.
13 Ngoba “wonke umuntu obiza igama likaJehova* uyosindiswa.” +
14 Nokho, bayombiza kanjani uma bengabanga nokholo kuye? Bayoba kanjani nokholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?
15 Bayoshumayela kanjani uma bengathunywanga muntu? *+ Njengoba nje kulotshiwe ukuthi: “Ave zizinhle izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!” +
16 Noma kunjalo, akubona bonke abazilalela izindaba ezinhle. Ngoba u-Isaya uthi: “Jehova,* ubani obe nokholo entweni ayizwe ngathi?” *+
17 Ngakho ukholo lulandela into ezwiweyo. + Nento ezwiweyo iza ngezwi eliphathelene noKristu.
18 Kodwa ngiyabuza, Ingabe lokhu kusho ukuthi abawuzwanga umyalezo? Lutho neze, “izwi laphumela kuwo wonke umhlaba, nomyalezo uphumele emikhawulweni yomhlaba.” +
19 Kodwa ngiyabuza, Ingabe lokhu kusho ukuthi u-Israyeli akazi? + Lutho neze, uyazi ukuthi uMose uthi: “Ngizonenza nibe nesikhwele ngalokho okungesona isizwe; ngizonivusela intukuthelo evuthayo ngesizwe esiyisiwula.” +
20 Kodwa u-Isaya uba nesibindi esikhulu athi: “Ngatholwa yilabo abangazange bangifune; + ngaziwa yilabo ababengazange babuze ngami.” +
21 Kodwa ngokuqondene no-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulele izandla zami esizweni esingalaleli nesinenkani.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ephanayo.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma kungaba, “uma uNkulunkulu engabathumanga.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “embikweni wethu.”