NgokukaMathewu 23:1-39

  • Ningabalingisi ababhali nabaFarisi (1-12)

  • Maye kubabhali nabaFarisi (13-36)

  • UJesu ulilela iJerusalema (37-39)

23  UJesu wakhuluma nezixuku nabafundi bakhe, wathi:  “Ababhali nabaFarisi bazibeke esihlalweni sikaMose.  Ngakho-ke zonke izinto abanitshela zona, zenzeni futhi nizigcine, kodwa ningenzi abakwenzayo, ngoba bayakhuluma kodwa abakwenzi abakushoyo. +  Babopha imithwalo esindayo bayibeke emahlombe abantu, + kodwa bona abathandi ukuyinyakazisa nangomunwe. +  Yonke imisebenzi abayenzayo bayenzela ukuba babonwe ngabantu, + ngoba bawenza abe makhulu amabhokisi aqukethe imibhalo abawafaka njengezivikelo, *+ benze nezinsephe zezingubo zabo zibe zinde. +  Bathanda indawo evelele kunazo zonke ezidlweni zakusihlwa nezihlalo ezingaphambili* emasinagogeni +  nokubingelelwa ezimakethe, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi.*  Kodwa nina, maningabizwa ngokuthi Rabi, ngoba munye onguMfundisi wenu, + kanti nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.  Ngaphezu kwalokho, ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngoba munye onguYihlo, + yiLowo osezulwini. 10  Ningabizwa nangokuthi abaholi, ngoba munye uMholi wenu, uKristu. 11  Kodwa omkhulu kakhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu. + 12  Noma ubani oziphakamisayo uyothotshiswa, + nanoma ubani ozithobayo uyophakanyiswa. + 13  “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nivalela abantu uMbuso wamazulu; ngoba nina ngokwenu aningeni, nalabo abaya kongena anibavumeli ukuba bangene. + 14  *—— 15  “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! + ngoba ninqamula ulwandle nezwe elomile ukuze nenze umuntu oyedwa abe umproselithe, lapho eba nguye nimenza afanelwe yiGehena* ngokuphindwe kabili kunani. 16  “Maye kini, baholi abayizimpumputhe, + enithi, ‘Uma umuntu efunga ithempeli, akulutho; kodwa uma umuntu efunga igolide lasethempelini, ungaphansi kwesibopho.’ + 17  Ziphukuphuku nezimpumputhe! Yikuphi ngempela okukhulu, yigolide noma yithempeli elingcwelise lelo golide? 18  Ngaphezu kwalokho nithi, ‘Uma umuntu efunga i-altare, akulutho; kodwa uma umuntu efunga isipho esikulo, ungaphansi kwesibopho.’ 19  Zimpumputhe! Yikuphi ngempela okukhulu, yisipho noma i-altare elingcwelisa leso sipho? 20  Ngakho-ke, noma ubani ofunga i-altare ufunga lona nazo zonke izinto ezikulo; 21  noma ubani ofunga ithempeli ufunga lona naLowo ohlala kulo; + 22  nanoma ubani ofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu naLowo ohlezi kuso. 23  “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba ninikela okweshumi kweminti nedile nekhumini, + kodwa anizinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa + nesihe + nokwethembeka. Kwakudingekile ukwenza lezi zinto, kodwa hhayi ukuba ningakunaki lokhu okunye. + 24  Baholi abayizimpumputhe, + abacwenga insensane + eziphuzweni kodwa bagwinye* ikamela! + 25  “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nigeza ingaphandle lenkomishi nesitsha, + kodwa ngaphakathi kugcwele ukuhaha *+ nokuzitika ngokweqile. + 26  MFarisi oyimpumputhe, geza kuqala ingaphakathi lenkomishi nesitsha, ukuze nengaphandle lako lihlanzeke. 27  “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! + ngoba nifana namathuna acakwe* ngokumhlophe, + ngaphandle abonakala emahle ngempela kodwa ngaphakathi agcwele amathambo abantu abafile nayo yonke inhlobo yokungcola. 28  Ngendlela efanayo, ngaphandle nibonakala nilungile kubantu, kodwa ngaphakathi nigcwele ubuzenzisi nokwephula umthetho. + 29  “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! + ngoba nakha amathuna abaprofethi nihlobise namathuna abalungile, + 30  futhi nithi, ‘Ukube sasikhona ezinsukwini zokhokho bethu, sasingeke sihlanganyele nabo ekuchitheni igazi labaprofethi.’ 31  Ngakho-ke nizilahla nina ngokwenu ukuthi ningamadodana alabo ababulala abaprofethi. + 32  Khona-ke, kwenzeni ngokugcwele lokho okhokho benu abakwenza.* 33  “Zinyoka, nzalo yezinyoka, + nizosibalekela kanjani isahlulelo saseGehena? *+ 34  Ngenxa yalesi sizathu, nginithumelela abaprofethi + nabantu abahlakaniphile nabafundisi abafundisa umphakathi. + Abanye kubo nizobabulala + nibabethele ezigxotsheni, kanti abanye kubo nizobabhaxabula + emasinagogeni enu, nibashushise + emadolobheni ngamadolobha, 35  ukuze kwehlele phezu kwenu icala lalo lonke igazi elilungile elichithwe emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela + olungile kuye egazini likaZakariya indodana kaBarakiya, enambulala phakathi kwendlu engcwele ne-altare. + 36  Ngiqinisile ngithi kini, zonke lezi zinto ziyokwehlela lesi sizukulwane. 37  “Jerusalema, Jerusalema, mbulali wabaprofethi nokhanda ngamatshe labo abathunyelwe kuye +—kukaningi kangakanani nje ngifuna ukubuthela abantwana bakho ndawonye, ngendlela isikhukhukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso! Kodwa nina anifunanga. + 38  Bhekani! Indlu yenu ishiywa nani. *+ 39  Ngoba ngithi kini, ngeke niphinde ningibone kusukela manje kuze kube yilapho nithi, ‘Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova!’ ” *+

Imibhalo yaphansi

Noma, “bawenza abe banzi amafilaktheriyu.”
Noma, “ezingcono.”
Noma, “Mfundisi.”
Noma, “baginge.”
Noma, “impango.”
Noma, “apendwe.”
NgesiGreki, “gcwalisani isilinganiso sokhokho benu.”
Noma kungaba, “ishiywa nani iyincithakalo.”