Eyokuqala KaJohane 3:1-24
3 Bonani ukuthi luhlobo luni lothando uBaba asinike lona, + ukuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu! + Futhi yilokho esiyikho. Yingakho izwe lingasazi + ngoba alimazanga yena. +
2 Bathandekayo, manje sesingabantwana bakaNkulunkulu, + kodwa okwamanje akukabonakaliswa lokho esiyoba yikho. + Siyazi ukuthi lapho ebonakaliswa siyoba njengaye, ngoba siyombona enjengoba nje enjalo.
3 Wonke umuntu othembela kuye uyazihlanza + njengoba nje nalowo ehlanzekile.
4 Wonke umuntu owenza isono weqa umthetho, isono siwukweqa umthetho.
5 Niyazi nokuthi wabonakaliswa ukuze asuse izono zethu, + futhi asikho isono kuye.
6 Wonke umuntu ohlala emunye naye akasenzi isono; + akekho owenza isono ombonile noma omaziyo.
7 Bantwanyana, maningadukiswa muntu; lowo owenza ukulunga ulungile, njengoba nje nalowo elungile.
8 Lowo owenza isono uvela kuDeveli, ngoba uDeveli ubelokhu ona kusukela ekuqaleni. *+ INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngenxa yale njongo, ukuzobhidliza* imisebenzi kaDeveli. +
9 Wonke umuntu ozelwe uNkulunkulu akasenzi isono, + ngoba imbewu* yaKhe ihlala kulowo muntu, futhi akakwazi ukwenza isono, ngoba uzelwe uNkulunkulu. +
10 Abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaDeveli babonakala ngalokhu: Noma ubani ongakwenzi ukulunga nalowo ongamthandi umfowabo akaveli kuNkulunkulu. +
11 Ngoba yilo umyalezo eniwuzwile kusukela ekuqaleni, ukuthi kufanele sithandane; +
12 singafani noKhayini, owayevela komubi futhi wabulala umfowabo. + Wambulalelani? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, + kodwa eyomfowabo ilungile. +
13 Bafowethu, kunganimangazi ukuthi izwe liyanizonda. +
14 Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni saya ekuphileni, + ngoba siyabathanda abafowethu. + Lowo ongenalo uthando uhlala esekufeni. +
15 Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali, + futhi niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. +
16 Siye salwazi ngalokhu uthando, ngoba lowo wanikela ngokuphila* kwakhe ngenxa yethu, + nathi singaphansi kwesibopho sokunikela ngokuphila* kwethu ngenxa yabafowethu. +
17 Kodwa noma ubani onezinto zaleli zwe zokusekela ukuphila futhi abone umfowabo eswele nokho angambonisi ububele, uthando lukaNkulunkulu luhlala ngayiphi indlela kuye? +
18 Bantwanyana, kufanele sithande, hhayi ngezwi noma ngomlomo, + kodwa ngesenzo + nangeqiniso. +
19 Ngalokhu siyokwazi ukuthi sivela eqinisweni, futhi siyoqinisekisa* izinhliziyo zethu phambi kwakhe
20 ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto. +
21 Bathandekayo, uma izinhliziyo zethu zingasilahli, sinenkululeko yokukhuluma noNkulunkulu; +
22 futhi noma yini esiyicelayo siyayamukela kuye, + ngoba sigcina imiyalo yakhe futhi senza okumjabulisayo.
23 Ngempela, yilo umyalo wakhe: ukuba sibe nokholo egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu + futhi sithandane, + njengoba nje asinika umyalo.
24 Ngaphezu kwalokho, lowo ogcina imiyalo yakhe uhlala emunye naye, naye emunye nalowo muntu. + Ngenxa yomoya asinika wona, siyazi ukuthi uhlala emunye nathi. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ukuzobhubhisa.”
^ Noma, “lapho eqala.”
^ Okuwukuthi, imbewu ekwazi ukuthela izithelo.
^ Noma, “ngomphefumulo.”
^ Noma, “ngemiphefumulo.”
^ Noma, “siyonxenxa.”